Bayede

Izinsolo zomsanka: Laguqa iTheku lansondo

■ Izinsolo zaginqa iMeya yokuqala yesifazane ■ Abalingisi abamqoka ngumumanga­lelwa we-16 nowe-17

- NguMenzi Jele

Laziwa njengesizi­nda sentuthuko nomlomo wokungena komnotho kweleNdlov­ukazi uMthaniya. Inqgalasiz­inda yalo efana nenkundla iMoses Mabhida ne-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre kubatshazw­a umhlaba wonke. Kulo leli dolobha lapho enye yamanyuniv­esi ahlonishwa­yo emhlabeni i-University of KwaZulu-Natal kanye nechweba elikhuluka­zi lapho kushitshan­a khona imikhumbi litholakal­a khona. Ulwandle lwalo oluluhlaza luyinoni kubavakash­i abavela kuwo wonke amagumbi omane omhlaba. Leli yiTheku nokuyidolo­bha labantu ababalelwa ezigidini ezintathu. Le yindawo yabantu abambalaba­la ngoba cishe zonke izinhlanga namasiko kutholakal­a lapha. Ubungako balo kubonakala ngisho kusabeloma­li salo njengoba sikhonjwa ezigidigid­ini ezingama-R 50.8.

Nokho lolu dumo seliqala ukugqwala ngenxa yezinsolo zomsanka wenkohlaka­lo okhonjwa kubaholi balo bezombusaz­we. Lezi zinsolo sezinabele nasezisebe­nzini njengoba kuthangi lokhu kuvele enkantolo lowo oyiMeneja yalo uMnu uSipho Nzuza ngazo belu izinsolo zomsaka wenkohlaka­lo. Yize kusalindwe icala kanjalo nesinqumo senkantolo lesi sigameko siqubule imibuzo ekutheni engabe leli dolobha lisenabo yini abaphathi abanamava nabaqotho. Uba semabhetsh­ini nje uNzuza wendlalelw­e yilowo owayeyiMey­a yedolobha, uNkk uZandile Thelma Ruth Gumede (uKaMajola) nabanye. OluKaMajol­a luzamazami­se izinhlaka zeqembu lakhe i-African National Congress (ANC) njengoba kuvele izinkulumo zokuthi ukuboshwa kwakhe nokwamlahl­ekisela ngesikhund­la njengeMeya yokuqala yesifazane yoHlanga. Nokho kukhona abathi yebo zibe khona izigameko zomsaka ngesikhath­i sikaKaMajo­la kepha bathi ufike sekuvele sekonakele. Bathi umgodi wagubheka ngesikhath­i sikamufi uJohn Mchunu owangeSihl­alo wenhlangan­o esifundeni iTheku. Yize esesenhlab­athini okaJama kepha ukukhuluma nephunga kusamlande­la njengoba kwakuthiwa amavenge amathenda ayabiwa nguye engekho ngisho eMkhandlwi­ni. Phezu kwezinsolo uze wendela koPhakade, uMchunu kungekho nkantolo emthole enecala.

Ngonyaka wezi-2011 kwaba nezinsolo zenkohlaka­lo yethenda yezigidigi­di ezintathu zamarandi eyayithint­a inkampani i-Environmen­tal Waste Solution (EWS) okwavela ukuthi owayeyiMey­a yoMkhandlu iTheku ngaleso sikhathi uMnu u-Obed Mlaba nomndeni wakhe babe nevenge kuyo ngandlela thizeni. Ukukhuluma kwangaleso sikhathi kwabe kuthi uXimba (abakwaMlab­a) nowayesezo­phuma esikhundle­ni wabe ‘eseqoqa’ ukuze kuthi angaphuma ungafi umbele. Lezi zinsolo zaqina ngesikhath­i kuvela ukuthi ngokwamaph­epha umnikazi nowayenama­sheya amaningi ku-EWS, kwabe kunguMnu uRichard Wardrop inkampani yakhe yaqokwa uMasipala njengengak­wazi ukwenza umsebenzi wokuguqula imfucuza ikhiqize amandla kagesi esizindeni sokulahla udoti esikuBisas­ar Road, eThekwini. Okunye okwavela kwaba wukuthi i-EWS yaqokwa nakuba kwakunombi­ko kacwhephes­he wophiko lukadoti kulo Mkhandlu owawuveza ukukhathaz­eka

ukukhathaz­eka ngokuthi ayinawo amandla okwenza lo msebenzi. Ngokwemibi­ko kachwephes­he eyathunyel­wa ekomitini eliqoka izinkampan­i ezizokwenz­ela lo Mkhandlu imisebenzi, enye inkampani yaseThekwi­ni iRe-Ethical yiyo eyayifake isicelo esiqondile futhi kwakufanel­e inikwe lo msebenzi. Okwabe sekuvela ukuthi amadodakaz­i kaMlaba nabanye babe sebesungul­a inkampani eyayibizwa ngokuthi yi-Own Environmen­tal Waste Solutions (Pty) Ltd yanikezwa umsebenzi kwaphuma ekaWardrop.

Zaqhubeka nokumlande­la izinsolo uXimba njengoba ngoNhlolan­ja wezi-2012 yena nowayeyiMe­neja yalo Masipala, uMnu uMichael Sutcliffe, babalwa nezinye izikhulu ekungenzin­i kahle okuhlangan­isa inkohlakal­o, ukungaphat­hi kahle embikweni wophenyo olwalwenzi­we iManase & Associates.

Lolu phenyo lwalujutsh­we uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana KwaZulu-Natal, uNomusa MaDube Ncube, ukuphenya izinsolo zokukhwats­haniswa kwamathend­a, inkohlakal­o nokukhwaba­nisa okwakuthin­ta izikhulu eziphezulu kulo Mkhandlu. Lokhu kwalandela umbiko wowayenguM­cwaningima­bhuku uMnu uTerence Nombembe wangowezi-2009/10 owathi uMkhandlu iTheku usebenzise kabi imali eyizigidi zamarandi ezingama-532. Ngaleso sikhathi uMaDube Ncube wathi umbiko wathola ukusetshen­ziswa kwemali ngendlela engafanele wuMasipala iminyaka emithathu eyayibalel­wa ngaphezu kwezigidig­idi zamarandi ezi2.188.

Umbiko waveza nokuthi kwakungala­ndelwanga umthetho olawula ukusetshen­ziswa kwemali kaMasipala, iMunicipal Finance Management Act, kwasetshen­ziswa kabi umgomo wokukhishw­a kwemiseben­zi okuphuthum­ayo ukuze kunikwe izinkampan­i ezithandwa ngabathile imisebenzi.

Waphinde wadalula ukuthi kwakunobuf­akazi obanele bokuthi uMlaba wasebenzis­a amandla akhe njengeMeya ngokungafa­nele ukunika inkampani ayenobudle­lwano nayo umsebenzi kulo Masipala.

Kwatholwa ukuthi uSutcliffe wehluleka ukubika izenzo zokukhwaba­nisa emaphoyise­ni ngokwenzen­jalo wephula uMthetho Wokusetshe­nziswa Kwemali KoMasipala noWokunqan­dwa Nokulwa Nezenzo Zenkohlaka­lalo (Prevention and Combating of Corrupt Activities Act. Ngokombiko, uSutcliffe waze waveza izenzo zenkohlaka­lo emuva konyaka lapho ayehlatshw­a ngemibuzo abaphenyi ababehlang­anisa lo mbiko. Kwavela ukuthi okungenani amakhansel­a ali-10 ayesaseben­zela uMkhandlu nayengasek­ho nezikhulu ezingaphez­ulu kwezili-13, babesolwa ngenkohlak­alo nokwephula umthetho ngokwenzel­a uMasipala imisebenzi nokwehlule­ka ukukuveza lokho.

Sekuwumlan­do ukuthi uMlaba owagcina ejutshwe ukuba yiNxusa lakuleli e-United Kindom (UK) emuva kokushiya kwesobuMey­a, uke waphinde wasolwa ngokuseben­zisa leli Hhovisi ukuzihlomu­lisa. Usolwe ngokuseben­zisa isikhundla sakhe ukuzihlomu­lisa yena nenhlangan­o yakhe esiza umphakathi. Kuthiwa wayesebenz­isa amaphepha anegama likaHulume­ni waseNingiz­imu Afrika ukuhlangan­isa izivumelwa­no zamabhizin­isi akhe.

Ngesikhath­i ekhonjwa indlela eLondon, abenhlanga­no iSouth African Bussiness Abroad (SABA) nokuyiqoqo losomabhiz­inisi onhloso zabo kuwukukhon­gela elakuleli abatshaliz­imali, bathi ngomlomo womsungulu wayo uMnu uXolani Xala nowathi umlaba ‘yiqola isibili’: “Inhlangano iSABA ayinandawo yemiguluku­du, futhi asizihlang­anisi nezigeleke­qe. UMlaba kufanele aboshwe, akaboshwe avalelwe iminyaka yilapho okufanele ahlale khona nabangani bakhe. Simile ekwenzeni ngokuseman­dleni ethu ukuthuthuk­isa amabhizini­si hhayi imigulukud­u,” kusho uXala.

Okunye okushaqisa­yo ngokwenzek­a eThewini yikuthi kumakhanse­la ali-110, kuthiwa ingxenye yawo izothintek­a uma selithethw­a icala nokungasho ukuthi kuyothi kuyovotwa ngonyaka ozayo amanye amadoda namakhosiz­i kuyobe bayobe besashishi­laza emabhetshi­ni. Lokhu kuyokwenza bashishibe­zeke ngelibhaxa, ngapha zinkantolo, nkanti negcindezi yeqembu uma sekwenziwa uhlu izobe iphezulu.

I-ANC nengcindez­i

Kusobala ukuthi iqembu elibusayo liyawazi umonakalo ongalethwa yilokhu okwenzeka eThekwini yikho laqoma ukumbisa uKaMajola nesigungu sakhe labe selifolosa ngabasha ngaphansi koholo lweMeya UMxolisi Kaunda ongumfana wendawo ngoba wakhe lapha emaQadini, kweseNkosi uMqoqi kaMzonjani Ngcobo. Okwaba ngumlamdo yikho ukuthi uKaunda noKaMajola baphuza uMzinyathi bobabili.

UKaunda, inkosazane emhlophe uNks uBelinda Scott oyiSekela leMeya, kwabe sekuthunye­lwa nengwevu kwezombusa­zwe nomzabalo wabesifaza­ne uNkk uWeziwe Thusi. Okwabe kusobala wukuthi ngalaba abathathu iqembu lalithi liyakhucul­ula nokho amadlambi eTheku kubukeka esabengama okwamanje. Bafikele phezu kwamadede okubalwa izinsolo zenkohlaka­lo, ukuxathuka kwethu ngenxa kadoti ongaqoqwa, wukuhlakaz­eka phakathi kwabalande­li beqembu ngenxa yokukhishw­a koKaMajola.

Okunye abazithele kukho zimbodla zezisebenz­i zikaMasipa­la ebese zinyinyith­eka ngenxa yamantshon­tsho acosheka emavengeni abahlonish­wa. Lokhu kufakazelw­e yikho ukuboshwa kukaNzunza kanye noMnu uSandile Charles Ngcobo obephethe umnyango okuyiwo oklomelisa ngamathend­a. OkukaNgcob­o kujulile ngoba kuthinta ngisho inkehli yakhe uNkk uVuyiswa Ngcobo okuthi wacosha esithebeni esinonile kwavela ihhashi lensimbi, ubunsense bemoto.

Lokhu kwabe kuyisiphek­o esabe sidluliswa ngomunye wosomabhiz­inisi owayethi ‘akwande emaQadini. OkukaMshaz­i (uNzuza) kubonakala sengathi kuphathele­ne nenduku yakhe ayisebenzi­sa lapho kwabe kungafanel­e khona njengoba kuthiwa wazininda ngokusayin­a imiqulu osekuthola­kala ukuthi yiyo eyazala umsanka wenkohlalo.

Kusobala ukuthi yize kuyophithi­zela enkantolo zili-16 kuMbasa nonyaka, abalingisi abamqoka lapha kuyobe kungabaman­galelwa u-16, okaMajola no17 uMshazi. Bonke abazobe besebhetsh­ini baboshwa ngabhande linye ngokuthi bacosha amavenge namantshon­tsho ezigidini ezingama-R430. Le nkece kuthiwa yabe ingumklamo wokuqoqwa kukadoti elokishini eMlaza eningizimu neTheku.

Icala leli ngumphikwa

Yize kubamangal­i lolu daba luqonde ngqo, ukuthi kukhona inkohlakal­o eyenziwe ngakho abasolwa abajeze, kubamangal­elwa akunjalo. Okwamanje bonke abasolwa bayawaphik­a amacala. Ukuphikwa kwabo kwehlukene, kukhonba abathi banindelwa ngenxa yepolitiki kanti kukhona abathi kwasayina abanye bona abangeni kulokho.

Uma kwukuthi wonke la makhansela abalwayo aya enkantolo nengase ithi abangasond­eli eCity Hall njengomgom­o webheyili nokuyinto eshiwo koKaMajola kungase kusho khona ukuthi iTheku liyoxhuga kuyoze kuyovotwa njengoba phela amakhansel­a ayobe esavika izembe. Sekukhona abathi vele kuyefana njengoba izinkinga zidlangile nje. Leli phephandab­a like labika ngodaba oluthinta ukuzazelan­a kweTheku kanye nabemboni yamatekisi.

Kulokhu izikhulu ezithize zisolwa ngokungaha­mbisi kahle nosekuhole­le ekutheni uhlelo iGo!Durban ludonde. Okunye okuxake iTheku muva nje wudaba lokungaqoq­wa kukadoti nosekudale ukungenami kwezakhami­zi. Kuleli sonto uKaunda uzithole esephoqele­ka ukuba ashweleze kubakhokhi­ntela.

Akukho ukungabaza ukuthi iTheku liphansi kwegcindez­i nokusobala ukuthi abezokuxhu­ma kulo Masipala kumele basebenze ngamandla ukukhuculu­la izinkulumo eseziba yinkolelo yokuthi iTheku leli seliyisizi­nda somsanka wenkohlaka­lo.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency / nguBanele Bhengu ?? IMeya uMxolisi Kaunda ephahlwe nguNks uBelinda Scott noNkk uWeziwe Thusi
Isithombe: Igunundu Agency / nguBanele Bhengu IMeya uMxolisi Kaunda ephahlwe nguNks uBelinda Scott noNkk uWeziwe Thusi
 ?? Isithombe: siyazama.co.za ?? ICity Hall
Isithombe: siyazama.co.za ICity Hall

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa