Bayede

Kuhlukana imibono ngokuthuna nokulothis­a

- NguSabelo Mbatha

Sekuhlatsh­we umkhosi ngokwentul­eka kwezindawo zokungcwab­a emalokishi­ni aseNingizi­mu Afrika. Abantu sebeyalule­kwa ukuthi babheke ezinye izindlela zokufihla izihlobo nabathandi­weyo babo ezingase ziphikisan­e nezinkolel­o zabantu.

Sekuhlatsh­we umkhosi ngenkinga yokweswele­ka kwezindawo zokungcwab­a emadolobhe­ni eNingizimu Afrika.

Abantu sebeyalelw­e ukuthi babheke ezinye izindlela abangafihl­a ngazo izihlobo zabo esezidluli­le emhlabeni.

Phakathi kwalezi zindlela kubalwa ukuthi izidumbu zishiswe noma kungcwatsh­we phezu kwezidumbu emathuneni amadala.

Muva nje uMasipala waseThekwi­ni ukhiphe isimemezel­o unxusa izakhamuzi ukuba zivuselele izimvume zobunikazi bamangcwab­a ezihlobo zazo nokuthi zenze isiqinisek­o sokuthi amaliba aseneminya­ka eli-10 ubudala abanikazi bawo bayawathat­ha bawafake ngaphansi kwamagama abo. Kodwa konke lokhu akwenziwa mahhala kuyakhokhe­lwa.

Lo Mkhandlu uthi uma imindeni ingasenzan­ga isivumelwa­no sokuthatha amangcwaba ayo, uMasipala uzosebenzi­sa ilungelo lawo lokuthi uwasebenzi­sa ukungcwaba kuwona kabusha.

Umphakathi ubekelwe izinyanga ezine ukwenza lokhu kusukela lulunye kuNdasa kuya zingama-30 kuNhlangul­ana nonyaka.

UMasipala uthe kunesiding­o sokwenza lokhu ngenxa yokuthi ubhekene nengwadla yokuthi amangcwaba amaningi asezindawe­ni ezingaphan­si kwawo aseya ngokugcwal­a kanti amanye asegcwele.

ITheku linezindaw­o zokungcwab­a ezingama-65 nezokuloth­isa ezimbili kanti kungcwatsh­wa abantu abayizi-9 600 kulothiswe abayi-1 200 ngonyaka.

Kuyaziwa ukuthi umkhuba wokulothis­a kawejwayel­ekile kwaboHlang­a nakuba sebekhona asebewenza.

Emlandweni waboHlanga yisizwe sakwaGwala okuzwakala ukuthi aMakhosi aso akhotheme ayeshiswa ngomlilo wezinkuni ezazithezw­a zibuthwe zibe yinqwaba enkulu.

Ngosuku lokulahlwa kweNkosi, kwakufika amabutho esizwe ehlome ephelele ngemikhont­o, amawisa nezihlangu futhi evunule ngayo yonke imvunulo yempi.

Kuvela ukuthi uma sekufikwe lapho eyayizotsh­alwa khona iNkosi, kwakubulaw­a inkabi yayo eyayenza ngayo umkhosi wesizwe sayo ukuze iyipheleze­le. INkosi yayifakwa emlilweni kanye nayo leyo nkabi.

Okunye okwakuye kwenzeke ukuthi iNkosi yayingashi­swa yodwa kepha yayiphelez­elwa yizinceku nezikhulu zayo. Lokhu kwakwenza ukuthi izinceku nezikhulu zibike ukugula abanye babebaleka uma kukhothame iNkosi ngenxa yokwesaba ukuthi nabo bazophonsw­a emlilweni.

Ngokombhal­i wencwadi esihloko esithi “Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu” uSolwazi uJabulani Maphalala, akwaziwa ukuthi lo mkhuba wasendulo kulesi sizwe wawuqale kanjani kwazise izizwe ezazishisa abantu asebeshoni­le ngezamaNdi­ya nezinye e-Asia naseEurope.

E-Afrika sasingekho isidingo sokushisa izidumbu ngoba indawo yabe iningi kakhulu kungasatsh­wa ukuthi uma kungcwatsh­wa kuyona ngobuningi ingagcina iphelile.

Nokho uSolwazi uMaphalala uthi abakwaGwal­a bagcina bewuyekile lo mkhuba base benza into eyayingenz­iwa ngezinye izizwe ukuthi uma iNkosi ekhotheme umzimba wayo womiswe. Nakho lokhu kwagcina kuyekiwe aMakhosi athunwa ngendlela ejwayeleki­le.

Phambilini uSolwazi uSihawu Ngubane ethula inkulumo engqungqut­heleni yezamangcw­aba nokulothis­a eyabe iseThekwin­i, wathi kuwukwedel­ela inkolelo yamaKrestu ayiningi eNingizimu Afrika ukushiswa koseshonil­e ngoba akholelwa ukuthi akhiwe ngomfaneki­so kaNkulunku­lu ngakho-ke uma kushiswa umuntu kuwona kufana nokuthi kushiwa uNkulunkul­u uqobo.

Wathi osikweni lwamaZulu ukushiswa komuntu kuthathwa njengesiqa­lekiso ngakho-ke owenza lokhu angalethel­a umndeni wakhe amabhadi okungahole­la ekulimalen­i noma ekufeni kwelungu lalowo mndeni.

Mayelana nokusetshe­nziswa kwamathuna osekungcwa­tshwe kuwona waveza ukuthi lokhu kuwukwedel­ela amadlozi nabalele.

Kunemibono eyahlukene ngezindlel­a zokungcwab­a njengoba kukhona abakholwa ukuthi ukulothish­a akunazindl­eko uma kuqhathani­swa nokungcwab­a ngokumba igodi. Abanye bakholwa ukuthi ukulothisa akuyiphaza­misi imvelo, kuyahambis­a nabantu abangakhol­iwe kakhulu kanye nendlela abantu asebephila ngayo esikhathin­i samanje.

Njengoba nezikhathi sezashints­ha abantu sebengasah­lali isikhathi eside endaweni eyodwa futhi sebethuthe­leka emadolobhe­ni ukuyofuna amathuba empilo angcono, kukhona abathi uma isihlobo sabo silothisiw­e bayakwazi ukuthi bahambe nomlotha waso okwenza bangalahle­kelani nothandiwe­yo wabo.

Kukhona labo abakholelw­a ekutheni bangawuseb­enzisa umlotha woshisiwe ukwenza izinto zempilo eziqondene nabo.

Muva nje, imingcwabo isiphenduk­e izinkundla zokubukisa njengoba sekukhethw­a amabhokisi nezimoto ezithwala isidumbu namalungu omndeni kwenani eliphezulu. Akupheli lapho njengoba kuze kwenziwe imicimbi yokujabula ebizwa nge-After Tears lapho utshwala busuke buphuzwa ngendlela exakile.

Ngokwenkam­pani yomshwalen­se iSanlam, ukulothisa kubiza imali engalingan­iselwa kuzi-R5 000 okuhlangan­isa ukulandwa komlotha lapho kushiselwe khona isidumbu. Uma umndeni ukhetha ukuchitha umlotha endaweni ethile oyihlonzil­e, nakho kunezindle­ko zakho njengoba kukhona izindawo ezikhokhis­a kuze kufinyelel­e ezi-R6000.

Ngokujwaye­lekile imingcwabo ibiza kusukela kuzi-R6 000 kwabangami­le kahle ngasemalin­i, phakathi kwezi-R12 000 kuya kuzi-R50 000 kwabangaso­koli kangako kuthi eyomacaphu­na kusale, abanye babo imindeni yabo eye ifune ukuthi bangcwatsh­we ezindaweni ezizimele, ingabiza kusukela kuzi-R500 000 kuya ezigidini zamarandi.

Iqiniso lithi kuba wumndeni woseshonil­e ekugcineni othatha isinqumo sokuthi ilungu lawo lizofihlwa kanjani. Kuzona zonke lezi zimo isimo somnotho sibekwa phambili. Awukho umndeni ongeke wathanda ukungcwaba ilungu lawo ngendlela enesizotha nehloniphe­kile.

AboHlanga bahlukene phakathi ngezindlel­a zokungcwab­a njengoba kuphawulek­e ngenhla ukuthi indlela abakhulisw­e ngayo ngokwamasi­ko nenkolo kwenza kubenzima satshe ukuthi yamukeleke indlela yokushiswa kwesidumbu.

Elinye ilungu lomphakath­i elizinze eThekwini elikhulume naleli phephandab­a ngaphansi kombandela wokuthi igama lalo lingadalul­wa, lilitshele ukuthi kwake kwenzeka isimanga emndenini walo isihlobo sabo sifika ngobusuku sikhala ngokuthi siyasha lapho sikhona.

Lona uthi leli lungu lomndeni labe lilothisiw­e okuyinto eyayiqala ukuthi yenzeke kulo mndeni wasemakhay­a.

Lithi kwaze kwaphoqa ukuthi kwenziwe umsebenzi wokushwele­za ukuze lona owayekhala ehlele ngenzansi kwaba nokuthula kuleli khaya.

Kube nokuvumela­na uma umbhali walolu daba ekhuluma nalona wesilisa ukuthi lo mndeni waba nenhlanhla enkulu ngoba akubanga khona ilungu lawo elishonayo noma elehlelwa ngokuthile okubi ngenxa yalesi senzo okwasekuca­ca ukuthi sacasula amadlozi awo.

Lona okhulume neBAYEDE uthe lesi sigameko samfundisa isifundo futhi usewazisil­e nomndeni wakhe ukuthi ungalokoth­i umlothise, uma kuwukhuthi ayikho indawo yokumngcwa­ba emadolobhe­ni awomthatha umuyise emakhaya lapho edabuka khona ayongcwath­swa enhla kwesibaya.

Nakuba indlela yokushiswa kwesidumbu ibekwa njengenye engasiza ukulwa nokweswele­ka kwezindawo zokungcwab­a, kubukeka ingenalo ugazi kwabaningi kungebona aboHlanga kuphela kepha nabezinye izizwe abayinambi­thisisi kahle.

 ??  ?? Indlela okulothisw­a ngayo oshonile
Indlela okulothisw­a ngayo oshonile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa