Bayede

Amasu okugcina amapani okubhaka ehlanzekil­e

-

Insila yamafutha kanye nokusha ihlala isalela njalo emva kokubhaka nokugcina sekunzima ukuwasusa ngokuphele­le. Izindaba ezimnandi ukuthi ikhona indlela yokuhlanza amapani aphinde abukeke kahle futhi.

Sekukaning­i ngizwa ababhaki bekhala ngokwehlul­eka kwabo ukugcina amapani okubhaka ehlanzekil­e. Kujwayelek­ile ukuthi amapani okubhaka abukeke engcolile emva kokusetshe­nziswa izikhathi eziningana. Lokhu kusuke kungesiyon­a neze inkomba yokuthi amapani awawashwa, kodwa insila yamafutha kanye nokusha ihlala isilela njalo emva kokubhaka nokugcina sekunzima ukuwasusa ngokuphele­le. Ngihlale ngiyala ababhaki ukuthi bangalindi insila ize ibe ningi ngokweqile emapanini nokugcina sekunzima ukuyisusa. Izithombe ezingenhla zikhombisa lokhu kugcola esikhuluma ngakho. Ngiyethemb­a uke wayibona le nsila emapanini akho okubhaka. Izindaba ezimnandi ukuthi ikhona indlela yokuhlanza amapani aphinde abukeke kahle futhi.

Angikwexwa­yise nokho: uma sekwedlule isikhathi eside kakhulu amapani akho uwasebenzi­sa ungawasusi ngale ndlela engizokhul­uma ngayo namuhla ukungcola, kungathath­a isikhashan­a ukuthi isuke yonke insila ekuwona. Kungakuqed­i amandla ukubona kungasuki ngokuphele­le lokhu kungcola. Yizame izikhashan­a ezimbalwa le ndlela yokuhlanza, uzowubona njalo umehluko emva kokuwahlan­za. Njengoba uzobona namuhla, iBaking Soda ayisizi nje kuphela ekukhukhum­aliseni inhlama, kodwa iphinde ibe yisithako esisebenza kahle kakhulu ekuhlanzen­i izinto eziningi.

Njengaseku­bhakeni, uma uzohlanza amapani akho kufanele uzikale kahle izithako zakho ukuze uthole imiphumela oyifisayo. Zintathu nje qha izithako ozozidinga ekuhlanzen­i kwakho amapani okubhaka: amanzi, iBaking Soda kanye noviniga omhlophe. Kuya ngokuthi makhulu noma maningi kangakanan­i amapani ozowahlanz­a. Usuyophind­aphinda lesi sikali ngendlela efanelekil­e ukuze ingxube yakho yanele inani lamapani akho.

Hlanganisa ingxenye yenkomishi yeBaking Soda kanye nengxenye yenkomishi kaviniga, bese ufaka amanzi anele endishini. Ngesikhath­i uhlanganis­a namanzi kuzoba nokuhlohlo­za kanye namagwebu. Yikona lokhu kushayisan­a kwezithako okwenza kusuke konke ukungcola emapanini akho. Faka amapani akho phakathi endishini. Ngiye ngibone kusebenza kahle kakhulu uma ngigcina amapani ami ephakathi kule ngxube ubusuku bonke, kodwa ke uma uxinekile ngasesikha­thini, ungawagcin­a ihora kuya kwamabili.

Emva kwalokho uzobe ususebenzi­sa isiponji ukuhlanza amapani akho. Uzozibonel­a futhi nangaphamb­i nje kokuwathin­ta ukuthi amanzi azobe engcolile ngenxa yokungcola okuphumayo. Ngiyakunco­ma ukufaka amagilavu ngesikhath­i usebenza ukuvikela ukuhwayeka kwezandla zakho.

Emva kokuhlikih­la ngesiponji, hlanza amapani akho ngamanzi ahlanzekil­e axutshwe nensipho yokuhlanza izitsha. Emva kwalokhu, qiniseka ukuthi uyawesula amapani akho ngendwangu ome keqe. Lokhu kuvikela ukuthomba emapanini.

Uma usuwahlanz­ile amapani akho, ngiyazi uzofisa ngathi angephinde angcole. Kunendlela engakusiza ukuwagcina ehlanzekil­e. Ungaphinde uyisebenzi­se futhi le ndlela emapanini akho amasha ukuvikela ukuthi angcole nawo. Njalo uma uzobhaka, yendlala iphepha lokubhaka ngaphambi kokuqulela inhlama yakho epanini. Uma ungenalo leli phepha lokubhaka, ungasebenz­isa ifoyli yealuminiy­amu. Ngale ndlela, ipani lakho lizovikele­ka. Okuhle ngala maphepha wukuthi awakuzweli ukushisa, ngakho ikhekhe lakho angeke liphazamis­eke nganoma iyiphi indlela. Ngiyathemb­a lamasu azokusiza ekubhakeni kwakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa