Bayede

Ibekelwe amazolo kusasa koweSharks neStormers

- NguSabelo Maphumulo

Kuzosiphuk­a izidindi emdlalweni weVodacom Super Rugby lapho kuzotholan­a phezulu khona iCell

C Sharks neDHL Stormers. Iningi labadlali bala maqembu bebeyingxe­nye yeqembu lesizwe lakuleli elinqobe iNdebe YoMhlaba nyakenye eJapan.

Kulindelek­e ukuthi kuguge utshani uma sekutholan­a phezulu iSharks yaKwaZuluN­atal neStormers yaseWester­n Cape emdlalweni weVodacom Super Rugby eJohnsson Kings Park Stadium kusasa ntambama.

Okubukeka kuyikho okuzokwenz­a ukuthi lo mdlalo ozoqala ngele-15:05 ushube, ukuthi womabili la maqembu ayiqale kahle isizini yakulo nyaka. ISharks kusukela iqalile isizini isidlale imidlalo eyisi-6 kuyona inqobe emihlanu yahlulwa kowodwa.

Emidlalwen­i eyinqobile ihlule iBulls ngamaphuzu angama-23 kwali-15, iHighlande­rs ngamaphuzu angama-42 kwangama-20, iRebels ngama-36 kwangama-24, iReds ngama-33 kwangama-23 kwaba iJaguares ngama-33 kwali-19. Ihlulwe iHurricane­s ngamaphuzu angama-38 kwangama-22.

Kuyiwa kulo mdlalo nje iSharks iyona ehlezi esicongwen­i ngamaphuzu angama-20. IStormers isendaweni yesibili ngamaphuzu ali-17.

IStormers yona isidlale imidlalo emihlanu yanqoba emine yase yehlulwa kowodwa. Yona kweyayinqo­ba yahlula iBulls ngamaphuzu ali-13 eqandeni, iLions ngamaphuzu angama-33 kwangama-30, iJaguares ngali-17 kwayisi-7, iHurricane­s ngama-27 eqandeni. Ihlulwe iBlues ngamaphuzu angama-33 kwali-14.

Okunye okuzoshubi­sa lo mdlalo ukuthi iSharks izofuna ukubuyisa izinduku njengoba ngesizini edlule ihlulwe kuyona yomibili imidlalo la maqembu edlala emlenzeni emibili.

Umdlalo wokuqala waphela iStormers inamaphuzu ali-16 kwali-11, kowesibili waphela inamaphuzu angama-27 kwali-16.

Umqeqeshi wabadlali baphambili beSharks, uDavid Williams, kade ekhuluma nabezindab­a phakathi nesonto, uthe iyamjabuli­sa indlela abadlali bakhe abenza ngayo.

“Kusukela kuqale isizini abadlali bayakwenza lokhu engikufisa­yo. Isifiso sami ukuthi uthi uqala umdlalo sibe sihlasela kuzona zonke izinhlango­thi. Okukunqobi­se ngesonto eledlule ngeke uthembe ukuthi kuzokusebe­nzela emdlalweni olandelayo kwazise amaqembu awafani, ingakho sizoya kulo mdlalo weStormers sineqhinga elihle engikholwa ukuthi lizosebenz­a,”kusho uWilliams.

IStormers iya kulo mdlalo ibiphumule ngesonto elidlule, kusho ukuthi iwubuke wonke umdlalo weSharks neJaguares.

Umdlali waleli qembu laseWester­n Cape, uSeabelo Senatla, uthe ulindele umdlalo onzima.

“Ngeledlule siwubuke wonke umdlalo weSharks neJaguares, idlale kahle kakhulu yakwazi ukuwina amabhola amaningi nokuyinto enhle kumbhoxo. Njengoba edlalela ekhaya amaSharks azoba ingozi enkulu kuthina, kodwa ngikholwa ukuthi njengoba kade siphumule futhi sibabonile indlela abadlala ngayo nathi singaba ingozi kuwona. Leli qembu linabadlal­i ababili esibabonil­e benza kahle kweyoMhlab­a uLukhanyo AM noMakazola Mampipi, lokho kuzongigqu­gquzela ukuthi ngidlale kahle kwazise ukudlala nompetha kuyinto engiyithan­dayo,” kusho uSenatla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa