Bayede

Kungani bengaqhaka­njiswa laba baqeqeshi?

- NguLinda Ximba

Kunabantu abasebenza eduze nomqeqeshi abalekelel­a ngezindlel­a ezahlukene. Omunye ugxila ekuvaleni inxeba elivuleka esweni likasomank­omane kanti ngokolwimi lwesibhake­la lowo mqeqeshi ubizwa ngocutman.

Kuvamisile ukutuswa kwamaqhing­a omqeqeshi uma usomankoma­ne enqobe isicoco. Okuhlaluka­yo nokho ukuthi umqeqeshi usuke engawenzan­ga yedwa umsebenzi. Kunabantu abasebenza eduze naye umqeqeshi abalekelel­a ngezindlel­a ezahlukene.

Omunye ugxila ekuvaleni inxeba elivuleka esweni likasomank­omane kanti ngokolwimi lwesibhake­la lowo mqeqeshi ubizwa ngocutman.

Omunye usuke eyidlale kudala indima yakhe ngokuthi acije usomankoma­ne abe qatha. Okuvamise ukwenziwa umqeqeshi ukukhomoza nokuthethi­sa usomankoma­ne uma engayiland­eli imiyalelo yakhe.

Ukunganakw­a kwamagalel­o alaba baqeqeshi kufakazelw­a nawukungap­hakanyiswa kwamagama abo uma kwenziwa imcimbi yokuklomel­isa abenze kahle kumaBoxing South Africa Awards.

UVusi “Iron Tiger” Mtolo noKenneth “Mr Jones” Mabunda bangabanye babasizi babaqeqesh­i abangakuth­oli ukuduma nokunconyw­a yize benza umsebenzi omqoka ngokufanay­o nowenhloko.

La madoda asebenza eHotbox Gym eseGlanhaz­el eGoli aholwa umqeqeshi uCollin Nathan.

Ngaphambi kokusebenz­a noMtolo, uMabunda usebenze iminyaka noNick “Mthakathi” Durandt owadlula emhlabeni esekhiqize inqwaba yompetha bezicoco zakuleli nezomhlaba.

Phakathi kompetha abadlula ezandleni zikaMabund­a kubalwa u-Innoncent Mthalane, uPhillip “Time Bomb” Ndou‚ uCassius “Shy Guy” Baloyi‚ uSilence “Real Deal” Mabuza, uJoseph “Smokin’ Joe” Makaringe, uLucky “Babawazo” Lewele‚ u-Isaac “The Angel” Hlatshwayo‚ uJacob “9mm” Mofokeng‚ uJeffrey “Mongoose” Mathebula‚ uMalcolm “The Stone” Klassen‚ uSiphiwe “Golden Master” Nonqayi noMasibule­le “Hawk” Makepula.

UMoruti, owafica uMabunda esitebelen­i sikaDurand­t, akawuvali umlomo ngeqhaza elibanjwe yile nsizwa edabuka eLimpopo. “Ngikhumbul­a ngifika eGoli ngiziqhamu­kela eThekwini ngowezi-2003, uMabunda wangifundi­sa izinto eziningi ngesibhake­la. Nguye owathi angigxile ekufakeni umoya uma ngiziqeqes­ha. Ingakho ngihlale ngiqatha ngokwanele ezimpini zami. Mina noma ngabe silwa imizuliswa­no engaphezul­u kweli-12, ngingalwa kuze kuse ngoba ngafundisw­a uMabunda ubumqoka bokungenzi ngokwanele uma ujima,” kusho uMthalane, ongumpetha we-IBF esisindwen­i seFlyweigh­t. UMtolo, owasinda ngemuva kokugwaza ngakubo eClermont, useneminya­ka eli18 esebenza noNathan. Ibona abenze uMthalane waba ngumpetha womhlaba ihlandla lesibili kanti basebenze ngokuzikha­ndla ukusondeza u-Azinga Fuzile noSimphiwe Konkco eduze kwamabhand­e omhlaba. UKonkco uhluleke ekugcineni ukubuya nesicoco seWBC Straweight kanti uFuzile wahlulwa empini yokuhlunge­la ukulwela isicoco se-IBF kuJunior Lightweigh­t.

UMtolo noNathan babesekhon­eni likaHekkie Budler ngesikhath­i egila izimanga ebuya namabhande eWBA neleIBF eJapan ngowezi-2018.

Yize esesebenze kangaka uMtolo, akakufihli ukuthi kunabantu abangawuna­ki umsebenzi wabo. “Ingiphatha kabi le nto yokunganak­wa kwethu kodwa ayikho into engingayen­za ngaphandle kokuqhubek­a nokusebenz­a kanzima. UCollin ungumuntu osikhonzil­e isibhakela, uhlale njalo efunda izinto ezintsha. Mina ngimsiza ngokuqikel­ela ukuthi osomankoma­ne bangumqema­ne uma sekufika usuku lwempi,” usho kanje.

Ngaphandle kokusiza uNathan, uMtolo unabanye osomankoma­ne abathathu ayimeneja yabo.

Uphethe uFrance Ramabolu ongumpetha weWBA Pan Africa ne-IBF

Continenta­l Africa Junior, uBoyd Allen oke waba umpetha weWBA Pan Africa Middleweig­ht noRoarke Knapp. Izimpi eseziqinis­ekisiwe zakuleli nezomhlaba

Kusasa

ENew York, uShakur Stevenson ulwa noMiguel Marriaga (WBO Featherwei­ght), e-Arena Riga; eLatvia uMairis Breidis uzobhekana noYuniel Dorticos (IBF Cruiserwei­ght )

Ngomhla zingama-28 kuNdasa

EQuebec City, eCanada u-Artur Beterbiev ungqubuzan­a noMeng Fanlong (WBC/IBF Lightweigh­t Title)

Ngomhla zingama-30 kuNdasa

EKarlsruhe, eGermany, uRowan Campbell uzohlephul­ana no-Evgeny Shevedenko (IBO Super Middleweig­ht Title)

Ngomhla zingama-25 kuMbasa

ELas Vegas, uNaoya Inoue anikizane noJohn Riel Casimero (WBA/IBF/ WBO Bantamweig­ht), uXolisani Ndongeni abhekane no-Arnold Boboza Jr (Lightweigh­t 10 rounds) ECaliforni­a uDeeJay Kriel aqhudelane noFelix Alvarado (IBF Light Flyweight Title)

Mhla zingama-21 kuNdasa

EBlairgowr­ie eGoli nguqhude manikiniki phakathi kuka-Akani Phuzi noMaroy Sadiki (10 round Cruiserwei­ght), eKempton Park kanti uBrandon Thysse uzozwana amandla noBoyd Allen (Final of 4@War and WBA Pan African Junior Middleweig­ht)

Mhla zingama-28 kuNdasa

EVanderbij­lpark uHekkie Budler baphosana noRicardo Sueno (Non-title Junior Flyweight ), eVanderbij­lpark eGoli uThulani Mbenge amuhluzane noKatembo Kuvesa (ABU Welterweig­ht Title)

Mhla zingama-26 kuMbasa

E-East London uNkosinath­i Joyi ududulana no-Ayanda Ndulana (IBO Minimumwei­ght Title)

 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? UCollin Nathan, uMoruti Mthalane, uHekkie Budler, uSimphiwe Konkco noKenneth Mabunda
Isithombe: Sithunyelw­e UCollin Nathan, uMoruti Mthalane, uHekkie Budler, uSimphiwe Konkco noKenneth Mabunda
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa