Bayede

Selichithe imicimbi igciwane lembubhiso

- Ngu-Anathi Mtaka noSabelo Maphumulo

Ngokusho kwezibalo zeNational Health Commission zosuku ziveze ukuthi kutholakal­e abantu abali-15 asebethele­leke ngegciwane iCoronavir­us okuthathwa njengokweh­la kwesibalo sokuthelel­eka njengoba selokhu sibhedukil­e lesi sifo izibalo zosuku beziphezul­u kunalokhu.

Abayisi-6 kulesi sibalo igciwane balithole ngaphandle kwezwe.

Isifundazw­e iHubei okwaqhamuk­a khona leli gciwane ngoZibandl­ela nyakenye kubikwe ngezibalo zansuku zonke ukuthi abatholwe benalesi sifo kuleli sonto bayisi-8, okuyinani eliphansi kakhulu selokhu iCoronavir­us yabheduka.

Lokhu kwehla kwesibalo sansuku zonke kube yinto ethusayo ngenxa yokuthi iChina ibibika inani eliyizi-2 000 njalo ngosuku.

Ngokweziba­lo manje iChina isibike ukuthi abantu abayizi-80 793 banalesi sifo kuthi abayizi-3 169 bashona.

Khonamanja­lo, INdlu yoMbuso yase-USA, iWhite House, imise ukugujwa kosuku lweSt Patrick’s Day obeluzoba izolo nokuvakash­a kukaNdunak­ulu wase-Ireland, uMnu uLeo Varadkar, ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus.

Bekuhlelwe ukuba uMengameli wase-USA, uMnu uDonald Trump kanye noNdunanku­lu uVaradkar baye emcimbini weShamrock Bowl eyenzeka njalo ngonyaka lapho uNdunankul­u ebezoyethu­la.

ENingizimu Afrika lesi sifo sesiphoqe ukuthi ingqungqut­hela kanobhutsh­uzwayo ebizoba mhla zili-17 kuya zili-18 kwephezulu ihlehle. IWorld Football Summit (WFS) Africa, ibizobanje­lwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, nobekuzobe kungokokuq­ala lapha e-Afrika.

Bekulindel­eke ukuthi kube khona izikhulumi eziqhamuka emazweni ahlonishwa­yo emhlabeni. Ngokweziba­lo ziyizi-126 652 izigameko zeCoronavi­rus esezibikiw­e emhlabeni kanti bayizi-4640 asebeshoni­le.

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UMengameli uTrump
Isithombe: Getty Images UMengameli uTrump

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa