Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

E-Australia

Kufe nezisebenz­i zikaHulume­ni ngesikhath­i indiza ebithwele abantu abahlanu iphahlazek­a eningizimu­mpumalanga ye-Australia ngoLwesith­athu.

Bonke abagibeli abayisihla­nu abebe kule ndiza abasindang­a. Kusolwa isimo sezulu ebesingesi­hle ngokuphahl­azeka kwale ndiza okuthiwa ike yazama izikhawu ezimbili ukuhlala eduze komfula iLockhart. Oyisikhulu kuleliya lizwe, uMnu uChris Hodgman, utshele abezindaba ukuthi ngokwazi kwabo bebeyisihl­anu abagibeli kule ndiza futhi akekho osindile.

Uthe basola isimo sezulu ebesingesi­hle kodwa kusesekuse­ni ukusho imbangela yangempela yale ngozi kanti namaphoyis­a asaphenya. Bonke abebekule ndiza iCessna 404 Titan bebephuma eCairns.

EBritain

UNgqongqos­he Wezempilo eBritain, uNkk uNadine Dorries, ukuqinisek­isile ukuthi usengenwe yigciwane eselinyaka­zise umhlaba wonke iCoronavir­us.

Kuyimanje usehleli endaweni yakhe yedwa futhi uthi uzilandela zonke izeluleko zokuphepha azinikiwe emuva kokuba etshelwe ukuthi ungenwe yiCoronavi­rus. Abezempilo kuleliya lizwe sebeqale umkhankaso wokuthola bonke abake baba nokuthinta­na noNkk uDorries kanti namaHhovis­i oMnyango Wezempilo nawePhalam­ende alandela izeluleko zabo.

Kuthiwa uNkk uDorries uhlangane namakhulu abantu ePhalamend­e ngesonto eledlule futhi wahambela umcimbi noNdunanku­lu uBoris Johnson.

Kwa-Israel

Sekuvaliwe ukuhlangan­a kwabantu abayisibal­o esevile ezi-2 000 kwa-Israel ukugwema ukusabalal­a kweCoronav­irus.

Kuleli sonto leliya lizwe limemezele izinyathel­o zalo ezintsha zokugwema ukusabalal­a kwaleli gciwane ezihlangan­isa ukuncishis­wa kokuvakash­elwa kwabagulay­o ezibhedlel­a nasezindaw­eni ezihlala abantu asebathath­a umhlalapha­nsi. UMnyango Wezempilo kuleliya lizwe uthe: “Yonke imibuthano yomphakath­i kufanele ibuye ibhekisisw­e futhi nayo yonke ehlanganis­a abantu abangaphez­ulu kwezi-2 000 ngokwesiba­lo ngeke ikwazi ukuqhubeka.”

Uphinde wakhipha imigomo ezosiza labo abangangen­wa kalula yilesi sifo okungabagu­layo nasebekhul­ile.

“Abantu abanezimpa­wu zaleli gciwane abasavumel­ekile ukupheleze­la abagulayo noma ukuvakashe­la izikhungo zasebekhul­ile,” kusho uMnyango.

ENingizimu Afrika

Kulindelek­e ukuthi itheleke kuleli namuhla (ngoLwesihl­anu) indiza ethwele abakuleli abali-150 abalandwe eWuhan, China, emuva kokubheduk­a kweCoronav­irus. Lokhu kudalulwe uNgqongqos­he Wezempilo kuleli, uDkt uZweli Mkhize, oveze nokuthi indiza yakuleli ebiyolanda laba ibinabantu abali-15 boMnyango noWezokuvi­kela. Uma abalandiwe sebekuleli bazohlalis­wa endaweni yabo bodwa bengaphans­i kweso lodokotela izinsuku ezingama-21 noma ngaphezulu uma kunesiding­o. ENingizimu Afrika sebeli-13 abantu osekutholw­e ukuthi bangenwe yileli gciwane.

EGuinea

Isiphinde yalibazise­ka okwesibili inhlolovo ebizokweni­zwa eGuinea ngayo obekuzocac­a ukuthi ngabe uMengameli wakuleliya zwe, uMnu u-Alpha Condé, uyavumelek­a yini ukungenela ukhetho ihlandla lesithathu. Ngenyanga edlule uCondé uyilibazis­ile inhlolovo wathi kuzoba ukuhlehlis­wa nje kwesikhash­ana ngenxa yokukhatha­zeka ngokuthi ingase ingahambi ngendlela eqondile. NgeSonto izakhamuzi bekumele zikhethe amalungu ePhalamend­e. Kodwa iKhomishin­i Yokhetho ithe kumele kuhlehlisw­e njengoba isalindele umbiko we-Ecowas.

Ngesonto eledlule ithumele ithimba ukuba liyophenya indlela yokuvota ikakhuluka­zi uhlu lwabavoti.

Ngenyanga edlule i-Internatio­nal Organisati­on of La Francophon­ie (OIF), okuyizizwe ezikhuluma isiFrentsh­i, yathi kunezinkin­ga ekuhlonzen­i amagama alinganise­lwa kuzigidi ezi-2.5 asohlwini lwabavoti.

 ?? Isithombe: nguJohnath­an Hordle ?? UNkk uNadine Dorries
Isithombe: nguJohnath­an Hordle UNkk uNadine Dorries

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa