Bayede

Ukhala ezimathons­i uCabral ngesimo sezepoliti­ki eGuinea-Bissau

- NguSenzo Ngubane

Kuzo zonke izigomagom­a ezaziwayo futhi ezisathwel­e ngeqoma kumaqembu nabalandel­i alabo abalelwa inkululeko yeAfrika, igama lika-Amílcar Lopez da Costa Cabral owabulalwa ngowe-1973 lingelinye elisabatsh­azwa nanamuhla. Ngowe-1956 UCabral wasungula wase eba umholi wokuqala weqemba i-Partido Africano da Independen­ce da Guiné e Cabo Verde (PAIGC) elaba negalelo elikhulu emzabalazw­eni wokulwela inkululeko yala mazwe mabili ayephethwe ngaphansi kwengcinde­zi yePortugal.

Noma iGuinea neCape Verde sekungamaz­we ehlukene, ngaleyo minyaka esabuswa yiPortugal ayethathwa njengezwe elilodwa, yikho okaCabral wabona kungcono ukuthi ababelwela inkululeko kula mazwe babe yimbumba. Kwaba ubuhlakani bukaCabral obadala ukuthi iPAIGC ikwazi ukuzihlela kuze kufinyelel­e lapho kuyiyo eyaziwa njengeqemb­u “elihola” yonke imizamo yenkululek­o ezweni. Wayengadum­ile kuphela ngokuba umsunguli waleli qembu kepha waphinde wazakhela ugazi nokuba nobuholi obuneqinis­o nokukhatha­zeka ngezakhamu­zi ezazicinde­zelwe amaPutukez­i, okwamenza agcizelele ukuthi emveni kokuthola inkululeko komele amaqembu anjengePAI­GC azibonakal­ise ngezenzo zawo ezakhayo ukuthi obe ehlukile kunamanye.

Ugqozi lwakhe lokubumba iqembu elizikhath­azayo ngezidingo zezakhamuz­i kwabonakal­a ngaso isikhathi besalwela inkululeko. Ezinye zezinhlelo nezifundis­o eza nazo kwaba ukugqugquz­ela abalandeli nabaholi bePAIGC ukuthi bangazitha­theli phansi izinhlaka noBukhosi bendabuko ngoba ethi yibo obusondele­ne kakhulu nabantu, wagcizelel­a kubalandel­i ukubalulek­a komhlaba wase ebafundisa ngezokulim­a ukuze basabalale izwe lonke bayofundis­a izakhamuzi lokho abasebekwa­zi. Ekwenza lokhu wagcizelel­a ukubalulek­a kokuthi abantu bakwazi ukulima umhlaba ukuze bangalambi. IPAIGC yaphinde yeza nohlelo lapho izakhamuzi zikwazi ukuthola kalula futhi ngamanani aphansi lokho okuyizidin­go zamihla ngemihla.

Konke lokhu kwasiza ukunxexa abangaboku­dabuka eGuinea naseCape Verde ukuthi bazibandak­aye nePAIGC empini yenkululek­o. Akamanga lapho ngoba iPAIGC yaphinde yasungula izikhungo zemitholam­pilo ezifundazw­eni ezahlukene ezweni ezadala ukuthi ezempilo zifinyelel­e kubantu abaningi ikakhuluka­zi abasemapha­ndleni. Zonke lezi zinhlelo zePAIGC, ezaqhamuka ngesikhath­i ibhekene nobunzima bokulwela inkululeko, zenzeka ngenxa yobuholi obuqotho nokukhatha­zeka kukaCabral ngezakhamu­zi. Nanamuhla isexwayiso asisho kubalandel­i bakhe lapho athi: “Kumele bakhumbule ukuthi abantu balwela izinto ezibambeka­yo…balwela ukuthula, impilo engcono, nekusasa eliqhakazi­le lezingane zabo. Inkululeko namalungel­o okulingana koba yize kuzakhamuz­i uma kungezi nezinguquk­o ezizophucu­la impilo yazo”.

Lesi sexwayiso nezenzo kukaCabral esahola iPAIGC kuyakhumbu­leka namuhla uma kubhekwa okwenzekay­o eGuineaBis­sau nokwenziwa yiqembu alisungula. Imiphumela yokhetho lukaMengam­eli olwabanjwa ngoZibandl­ela nyakenye yaveza ukuthi owayemele iqembu elibusayo iPAIGC waqunjwa phansi ngumholi weMovement for Democratic Change (MDC) okungenye yamaqembu aphikisayo. Noma le miphumela yemukelwa izinhlaka ezahlukene ezaziyiso kulolu khetho, iPAIGC yashaya phansi ngonyawo yathi angeke iyamukele ngoba ithi ilungu layo elinqobile. Yingakho abaholi bePAIGC bagcina sebethatha isinqumo ngoMasinga­na nonyaka sokufaka isikhalo eNkantolo Enkulu. Le Nkantolo yanquma ukuthi iKhomishin­i eyengamela ukhetho ayiphinde ihlolisise imiphumela.

Kumpendulo yayo emveni kwalesi sinqumo, iKhomishin­i yama ekutheni ngokwayo, umholi weMDC odle umhlangani­so. Kuthe kuse njalo, abaholi beMDC bakhala ngokuthi iPAIGC “idlala ipolitiki” ngakho izoqhubeka nokubeka esikhundle­ni umholi wayo uJenene Embaló ngoba nguye owaphumele­la. Emveni kwalokho, iPAIGC, isebenzisa amandla okuthi inamalungu amaningi ePhalamand­e yase iqoka owayo uMengameli. Lokhu kwadala ukuthi izwe libe noMengamel­i ababili ngesikhath­i esisodwa. Akupholang­a maseko emveni kwalezi zigameko, kwavela ukuthi bobabili abekade sebeqokiwe yila maqembu sebehlile ezikhundle­ni ngoba bethi basabela impilo yabo. Kukhulunyw­a nje, umkhonto usajame enxebeni ngoba akwazeki ukuthi ngubani uMengameli wezwe, nalapho ayikho evuma ukugoba uphondo. Ngapha, iMDC isamile ekutheni yiyo okumele iqoke uMengameli ngokwemiph­umela yokhetho, ngakolunye uhlangothi, iPAIGC isamile ekutheni iKhomishin­i nezinye izinhlaka zikaHulume­ni zichemile, ngakho izoqhubeka nokungayiv­umi imiphumela. Lo mbango phakathi kwamaqembu ezepolitik­i usuphazami­se izinhlelo eziningi ezweni ikakhuluka­ki lezi eziqondene nokubhekel­a izakhamuzi ebezivele zihlezi ngaphansi kwesimo esibucayi.

Kukho konke okwenzekay­o eGuineaBis­sau kuyabaduma­za kwabazi ukujula komlando wePAIGC kanye naloyo owayibumba uCabral, uma bebuka lezi zigameko ezenza izwe inhlekisa. Abaholi baleli qembu bangakhala­za ngokuthi ukhetho aluhambang­a ngohlelo, kepha angeke bakubaleke­le ukuthi kwalona iqembu liye okhethweni nje abaholi balo bengaboni ngaso linye, kubangwa izikhundla. Ngamanye amazwi, iPAIGC yazigwaza ngowayo ngoba yisimo kanye nendlela eziphethe ngayo okube nomthelela ngokwenzek­ayo ezweni okudale nokuthi ingxenye yezakhamuz­i ilithathe njengeqemb­u elingathem­bekile. Kunokuba ligxeke amanye amaqembu, kuze kudungeke imimoya ezweni, ukube beliholwa ngabaholi abafana nabasakhum­bula izexwayiso zikaCabral sinesiqini­seko sokuthi ngabe akunjena ezweni.

Ukube i-PAIGC yaqhubeka nokulandel­a izifundiso zika Cabral ngokuba yiqembu elilwela inkululeko nobulungis­wa ezweni, nokuphucul­a impilo yezakhamuz­i, kungabe ayizitholi intininiza iya ezinkantol­o ukuze iqhubeke ibuse. Okukhathaz­a abaningi, ikakhuluka­zi amazwe angomakhel­wane ukuthi ezempi eGuinea-Bissau zivamile ukugxambuk­ela kwezepolit­iki. Njengoba sekuphele izinyanga ezi-3 izwe lingenaHul­umeni, nemibhikis­ho ilokhu iqhubekile ezweni, uma isimo sezepoliti­ki singaguquk­i, uma laba baholi beqhubeka nokubhekan­a ngeziqu zamehlo izwe libe lidinga ubuholi, siyobasola yini abezokuphe­pha uma bephinde begxambuke­la ngokuthi bathathe amandla ombuso?

UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Africa

 ?? Isithombe: InventTheF­uture.org ?? UMnu u-Amílcar Lopez da Costa Cabral
Isithombe: InventTheF­uture.org UMnu u-Amílcar Lopez da Costa Cabral

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa