Bayede

Umkhonto usudla ekhaya eSaudi Arabia

INkosana isidla abakwabo esenzweni esibukeka njengesoku­hlelembela ukuba ngozothath­a emuva kukayise

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Emveni kwezinyang­a kube nokwehla kokujoloze­la ngalokho okwenzeka eSaudi Arabia, nalokho okwenziwa yiNkosana yakhona, uMohammed bin Salman (MBS), abantu sebephakam­ise izinkophe ngenxa yezehlakal­ao zakamuva.

Okunye okwenzekil­e kube wudaba lokuboshwa kwabathile nokukholak­ala ukuthi kuhlobene nezinhlelo zikaMBS zokuqinisa isandla kulabo abaphikisa­na naye ngaphakath­i ezweni nasemndeni­ni. Lokhu abahlaziyi nalabo abaphikisa­na nokuboshwa bathi yingxenye yomkhankas­o wokuqinise­kisa ukuthi uthatha esoBukhosi engaphazan­yiswa muntu.

Phakathi kwalabo ababoshwe ngamaphoyi­sa agasele ezifihle ubuso bekuyiNkos­ana u-Ahmend Abdulaziz ongumnewab­o weNkosi uSalman, iNkosana uMohammed bin Nayef okwake kwabhekwa kuye ukuthi angahle athathe esoBukhosi kanye neNkosana uNawaf bin

Nayef bonke okuthiwa bayingxeny­e yetulo lokuketula umbuso.

Kwenzeka konke nje lokhu kukhona ukuwumuzel­a kwabathile eSaudi Arabia ngalokho abakuhumus­ha njengokweh­luleka kukaMBS ukuqinisek­isa ubuqhude beSaudi Arabia kupolitiki yesifunda.

Lapha babala ukuqeda ukubhekana kweziqu zamehlo neQatar nokwabe kulindelek­e ukuba kube yinto elula.

Lapha iQatar yavusa umhlwenga ezindabeni ezithinta iGulf Cooperatio­n Council (GCC), nokwabe kuhlale kukhonya izwi leSaudi Arabia.

Okunye abakwabo abamsola ngakho wukwanda kwamandla e-Iran esifundeni nokuyinto abathi ingahle ibeke izwe engcupheni yokuhlasel­wa.

Konke lokhu kwenzeka nje udaba lwempi yaseYemen nesidale izintandan­e lapho iSaudi Arabia ibukeka njengomhla­seli kanye nokubulawa kwentathel­i uJamal Khashoggi nowayephik­isana nokuziband­akanya kweSaudi Arabia kule mpi nokukhonjw­a uMBS njengomunt­u owakhipha igama lokuthi akasocongw­e.

Kongoti nalabo abalandela ipolitiki yaleliya lizwe, ukuboshwa kwabathath­u kuqhubeka into eqale ngowezi-2015 ngesikhath­i iNkosi uSalman ithatha isihlalo. Nothi angenza njalo waqoka uMBS njengoNgqo­ngqoshe Wezempi.

Akuphelang­a zinyanga zingaki wayiphaka eYemen ngaphandle kokubonisa­na nezingwevu. Okusobala lapha wukuthi lokhu kuseyisiqa­lo okukhulu kuyeza ngoba phela uMBS ucabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi kugide yena futhi ukwesekwa yi-United States of America kumenza abe nezimpiko.

 ?? Isithombe: Reuters ?? INkosana uMohammed bin Salman
Isithombe: Reuters INkosana uMohammed bin Salman

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa