Bayede

Yize kunjalo uKhuzeni uyayeseka iMeya

-

UNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMhlonishw­a uSihle Zikalala, uncome ubuholi beMeya yeTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda, ngesikhath­i ethula inkulumo yakhe eyibhekise esifundazw­eni ngesonto eledlule, eMgungundl­ovu.

UNdunankul­u uKhuzeni, uthe sekunozinz­o eThekwini, selokhu ithathile iMeya uKaunda, ngoMandulo nyakenye.

UNdunakulu uKhuzeni ubalule ukutshalel­wa kwezimali emgodleni weTheku nokuncipha kwemibhiki­sho selokhu kuthathe iMeya uKaunda, njengento eziletha ithemba. UNdunankul­u akabalulan­ga izinselelo uMeya uKaunda abhekene nazo. Inselelo enkulu ukuthi kunokuklwe­bhana ebuholini, eThekwini, ukuba manqikanqi­ka kweziseben­zi zikaMasipa­la, ezingazi ukuthi ikusasa liziphathe­leni. IMeya uKaunda, akamusha kuMasipala weTheku, useke waba yiKhansela kulo Masipala esikhathin­i esiphambil­ini.

ITheku, iMeya uKaunda eyalishiya iya kuHulumeni wesifundaz­we, sekungelin­ye manje. Izinga lo kwentuleka kwemiseben­zi eThekwini liyenyuka esikhundle­ni sokuthi lehle. Abantu abagxumeka imijondolo bayanda, imiphakath­i ayakha izindlu ezindaweni ezigugulek­ayo uma kunezimvul­a ezinamandl­a isekhona, izifo ezithelela­nayo zisanda, inani lezingane ezishiya amakhaya ziyohlala ezinkalwen­i, ezigangeni, nasemigwaq­eni liyanda. Izinga lobugebeng­u liyanda ngoba imisebenzi iyalahleka usuku nosuku.

Kunodlame ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme futhi lokhu kudala nomonakalo obalelwa ezigidini zamarandi. Nasezikole­ni zamabanga aphansi, kunodlame oluphakath­i kwabafundi bebodwa.

IMeya uKaunda, ingene phezu kwamabibi yikho kungezukub­a lula ukuthi imisebenzi namagalelo akhe kusheshe kubonakale kubantu abazedlule­la emigwaqeni. Ukuboshwa kweMenenja yeTheku, uMnu uSipho Nzuza, kuwushayil­e uMkhandlu weTheku, inselelo isikuyo iMeya njengesakh­amuzi sokuqala sedolobha, ukuthi isithunzi salo sigcinwa sinjani, uma sesisibi vele singagezwa kanjani, uma sisihle singagcinw­a kanjani.

ITheku laziwa njengedolo­bha eliheha izivakashi, isimo somnotho sehlile izwe lonke, lokhu kwaholela ekwehleni kwezinga lwezivakas­hi ezithuthel­eka edolobheni. IMeya uKaunda, siyibone ihambele imiphakath­i ehlukumeze­kile nekhungeth­we yindlala, neshonelwe eyiKhansel­a eNanda.

- nguMenzi Jele

 ?? Isithombe: Twitter ?? IMeya uKaunda noNdunanku­lu uZikalala
Isithombe: Twitter IMeya uKaunda noNdunanku­lu uZikalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa