Umphakathi waseJozini ufuna kuqedwe ukuweliswa kwezimoto
Ukhondolo lokuntshontshwa kwezimoto KwaMhlabuyalingana, ziweliswe umngcele ziye eMozambiuqe, yinto endala njengoba isiphinde yavuswa njengenyama ogqokweni nje. Kuleli sonto izakhamuzi zaseJozini, eduze kwaKwaMhlabuyalingana, esifundeni uMkhanyakude, bezivutha zingabaselwe, zivale thaqa idolobhana zikhala ngokubandakanyeka kwamaphoyisa ekuntshontshweni kwezimoto eziweliswa imingcele.
Okusha ngombikisho wakamuva wukuthi umphakathi waseJozini, utshele uMphathiswa Wezokuphepha Komphakathi KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uBheki Ntuli, amagama amaphoyisa amathathu abandakanyekayo kulo mkhonyovu wokwebiwa kwezimoto. Ngonyaka wezi-2000, kwafika ithimba elivela ekomkhulu lamaphoyisa kuZwelonke, KwaMhlabuyalingana, laphenya ngokwebiwa kwezimoto ziweliswe imingcele. Kwaba khona ofakazi abashoyo ukuthi izimoto esezebiwe zaziweliswa umngcele, iFarazawu Boarder Gate, ziwelele eMozambiuqe. Kwakhonjwa ngenjumbane izisebenzi zasemngceleni kwathiwa zihlangane namasela.
Ithimba elalinosigaxamabhande, laphuma inqina kamabuyaze, labuya lilambatha, alibophanga muntu ngoba lathi alibutholanga ubufakazi obanele obungenza labo ababenukwa ngalo mkhonyovu bashushiswe. Kuphindile futhi ngesikhathi uMnu uWillies Mchunu, esanguNdunankulu wesifundazwe, umphakathi waKwaMhlabuyalingana wavala imigwaqo, wathi leliya qatha seliwume emphinjeni, izinga lokwebiwa kwezimoto seliphezulu kakhulu ngoba sezilandwa ngisho emizini yawo, bekhonjwe ngezibhamu.
Nakhona lapho kwasungulwa ithimba elalivela eHhovisi likaZwelonke elalizolekelela amaphoyisa asesifundazweni ukunqanda lesi sihlava. Kwaze kwalandwa ngisho nabombutho wezokuvikela ukuthi ukanise kuleya ngxenye yezwe babheke amasela ezimoto. Lelo thimba lahlala izinyangana labuye lahamba, kwaqala phansi ukwebiwa kwezimoto KwaMhlabuyalingana. Isifunda saseMkhanyakude, leya ndawo engaphansi kwaso ingumngcele wezwe iNingizimu Afrika neSwaziland, iphinde ibe ngumngcele weMozambique neNingizimu Afrika.
Kuleli sonto isimo besishubile eJozini, umphakathi ubushisa amathayi, uvale imigwaqo kungahambeki. UMhlonishwa uBheki Ntuli, uthe bayazizwa izikhalo zomphakathi lawo maphoyisa abanikezwe amagama awo kwathiwa ayathinteka ekwebiweni kwezimoto azothathelwa izinyathelo.
“Sizowabopha lawo maphoyisa enisinike amagama awo, abekwe amacala, aphenywe, bese eyashushiswa uma kukhona okuwaxhumanisa nalo mkhonyovu,” usho kanje esekamu lamaphoyisa eJozini ngoLwesithathu emini. Umphakathi awukhombisanga ukweneliseka ngempendulo kaMphemba, ukube bekuya ngawo abanukwayo bebezocashunwa ngaso leso sikhathi balele bebalilwe ezikiti. Umphakathi ubuthukuthele uveva utshele uMphemba ukuthi usuya kuNgqongqoshe Wamaphoyisa kuZwelonke, uJenene uBheki Cele, bafuna kungenelele yena. EJozini kufane naseMnambithi kuleli sonto, nakhona kume nse ukusebenza izinsuku ezintathu zonke, umphakathi uqhinqa, ubhikisha, ubhodla umlilo. UMphathiswa uNtuli, uthe bazosungula ithimba lesifundazwe elizophenya ngezikhalo ezilethwe ngabantu kubo. Akayingenanga eyokuthi umphakathi udlulele eHhovisi likaMagaye (uJenene uCele). Nakhona eJozini isimo sisashubile.