Limi ngothi ngokwesabelomali sesifundazwe
Sethuliwe isabelomali sezigidigidi ezili-R138 esifundazweni iKwaZuluNatal, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu olwedlule. UNdunankulu wesifundazwe, uMhlonishwa uSihle Zikalala noMphathiswa Wezezimali esifundazweni, uRavi Pillay, kuthe ngoMsombuluko bahlangana nosomabhizinisi bamunyunga sona lesi sabelomali eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Okuhlalukile ngesikhathi sibekwa ezithebeni isabelomali, iminyango kaHulumeni wesifundazwe yabelwa ngononina, ukuthi kusazoba umqansa kulo nyaka ukulethela imiphakathi izidingo. Isizathu salokhu wukuthi uzokhula kancane umnotho ngesikhathi salesi sabelomali ngenxa yenzikamnotho eqale ukwenzeka ezinyangeni ezintathu zokugcina sekuyophela unyaka nyakenye.
Kumanje nje umnotho waKwaZuluNatal awukhuli, utotoba ngama-0,4% ekubeni izinga labantu abantula imisebenzi esifundazweni limi kuma41,9% ngokwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa muva nje.
Lokhu kwenza kube nzima esifundazweni ngoba izinga lokwentuleka kwemisebenzi liphezulu uma kuqhathaniswa nelikazwelonke. Iningi intsha eyentula imisebenzi KwaZuluNatal enye yayo engenawo amakhono.
Ngesikhathi kwethulwa isabelomali kuneminyango kaHulumeni onjengoWezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu noWezokuthuthukiswa Komphakathi eziyalelwe ukuba zimumathe intsha eneziqu zemfundo ephakeme kodwa eduve emakhaya. UCoGTA ukwazile ukumumatha engama-500, wayifaka koMasipala nasemikhandlwini yezifunda eyahlukene esifundazweni.
UMphathiswa uPillay ukubeke kwacaca ukuthi isifundazwe sisazoqhubeka nokuthi sincike emalini yezibonelelo njengoba ingxenye yokuthathu yabantu KwaZulu-Natal iphila ngemali yezibonelelo.
Isithombe esiyiso ngomnotho weKwaZulu-Natal ukuthi awukhuli, esikhundleni salokho akukho nzuzo etholakala emikhiqizweni.
Isifundazwe sagcina ukwenyukelwa umnotho phakathi kweminyaka wezi2003 kuya kowezi-2008. Kuleyo minyaka emihlanu, umnotho wesifundazwe wasimama ngama-5 %. Ukushayeka kakhulu kwesifundazwe kubonakale ngowezi-2018 njengoba kusukela ngalowo nyaka ukhula ngama-0, 4%.
Izinhlelo uHulumeni athembele kuzona ngezemisebenzi yomphakathi ezaziwa ngokuthi yi-Extended Public Works Programmes (EPWP).
Lezi zinhlelo akuyona imisebenzi emile, ziyitoho, njengoba isifundazwe iKwaZulu-Natal ibeke eceleni izigidi ezili-R104,5 kulesi sabelomali nge-EPWP.
UMnyango Wezemfundo njengehlalayenza yiwona onikwa imali enkulu ukwedlula eminye. Esifundazweni kuzolungiswa izikole nezikhungo zemfundo ezicekeleke phansi ngalesi sabelomali. Izinga lokuphumelela kwabafundi ebangeni le-12 nyakenye lenza isifundazwe saziqhenya ngoba laba ngama-81,3% lisuka kwangama-76,2% ngowezi-2018.
Kwezemfundo imali ebekwe eceleni ngeyokufukula isikhungo sezolimo esifundeni uMgungundlovu, ukwakha ichweba eMlaza, ukuphucula izikole iDingukwazi Secondary oPhongolo esifundeni iZululand ngezigidi ezingama-R90.
IPholela Special School, eBulwer, esifundeni iHarry Gwala, sizoxhaswa ngezigidi ezili-R109 ukuqedela lezo zinhlelo eziqaliwe zokusivuselela kabusha.
ICollingwood Primary School, esiyingini saseMlaza, ihlinzekwe ngezigidi ezingama-R80 ukuthi ithuthukiswe.
Isabelomali esingama-34,8% KwaZulu-Natal siye eMnyangweni Wezempilo. Kuzoba nohlelo lokuhlelo imigqa ezibhedlela njengoba kubonakala ukuthi lokhu kuseyinkinga enkulu kanti luzoqala ezibhedlela iPrince Mshiyeni eMlaza naseMadadeni esifundeni aMajuba.
Ezinye izibhedlela ezibekelwe imali yokuziphucula iWentworth eThekwini, iNgwelezane eKing Cetshwayo, iRK Khan eThekwini. Isibhedlela iPixley kaSeme Memorial eBridge City, eThekwini, sizoqedwa ukwakhiwa ngomhla lulunye kuNhlangulana kuwona lo nyaka.
Isibhedlela saKwaHlabisa eMkhanyakude, neKing Dinuzulu eThekwini, zizonwetshwa ngalo nyaka wesabelomali.
UMnyango obhekwe isambane kulesi sabelomali kube ngoWezolimo ngoba izinhlelo zokuwuxhasa zincishisiwe. Uhlelo iLima-Letsema sincishisiwe isabelomali salo.
UMnyango Wezokuhlaliswa KwaBantu wona uxhaswa uHulumeni kazwelonke ezinhlelweni ezinjengokukhucululwa kweminjondolo nokwakhwa ezinye izindlu.
UCoGTA isabelomali anikwe sona ngesokwenza ngcono ukusebenza komasipala. Bakhona omasipala abaxegayo KwaZulu-Natal abadinga ukungenelela kukaCoGTA ukuze bakwazi ukusebenza ngendlela elindelekile. Kunohlelo olwaziwa ngeDistrict Delivery Model olethulwa nguMengameli uRamaphosa nethimba likaCoGTA kuzwelonke ngoMfumfu nyakenye. Kunemali ehlinzekelwe imikhandlu yezifunda ukuze iqhube lolu hlelo.
Isabelomali esinikezwe iHhovisi likaNdunankulu sizobhekana nezidingo zeSILO neNdlunkulu, izinhlelo eziletha intuthuko ngqo kubantu.
Umkhankaso iSukuma Sakhe noSiyahlola zibhekwe kulona leli Hhovisi.
Imicimbi yesintu neyokuthuthukisa ezobuciko namaciko ihlinzekelwe umnyango kaNks uHlengiwe Mavimbela.
Isiqubulo seHhovisi likaMgcinimafa kulo nyaka sithi “UMqaphi wezimali zomphakathi”. Ithemba selibekwe kulona leli Hhovisi ngokubheka ukusebenza kwemali yabakhokhintela ngenzuzo.