Bayede

Isabelomal­i soMnyango Wezokuthut­ha sikhinyabe­ze abampofu

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UMnyango Wezokuthut­ha ugxamalazi­le ngoba uthinta ezokuthuth­wa komphakath­i nokwakhiwa kwemigwaqo. IKwaZulu-Natal yisifundaz­we esigcwele izindawo zasemakhay­a.

ISikhulu sezezimali kulo Mnyango, uMnu uWayne Evans, senze isethulo phambi kweKomiti Lezezimali eSishayamt­hetho eliholwa uMnu uSipho Nkosi. Amehlo abethe njo kulesi sethulo soMnyango oholwa nguMhlonis­hwa uBheki Ntuli ngoba iwona oqukethe nezinto ezibucayi okuyimboni yamatekisi, kuphinde kulindelwe ukuthi kudalwe amathuba omsebenzi ngoba uqukethe ingqalasiz­inda nokuyilaph­o okudaleka khona amathuba omsebenzi.

Ingqalasiz­inda engaphansi kwalo Mnyango yenza kuqasheke nalabo abangenawo amakhono. Yiwo futhi lo Mnyango osubheka udaba lomngcele osuphenduk­e isidleke sobugebeng­u phakathi wakuleli neMozambiq­ue.

UMnyango Wezokuthut­ha uhlomule ngezigidig­idi ezili-R11, 6 usuka ezigidigid­ini ezili-R10, 8 kusabeloma­li sonyaka wezi-2020/21.

UMnu uNkosi uthe lokhu kubukeka kukuhle ngaphandle kwezingqin­amba zokukhula komnotho kusuka ngowezi-2011, lapho izakhamuzi zesifundaz­we zafudukela eGauteng ngenxa yokuyofuna amathuba omsebenzi.

Nakuba lezi zibalo zibukeka zizinhle, kodwa kunezinhle­lo eziphucwe inkece, njengokuth­uthwa komphakath­i kwehle ngezigidi ezi-R5, 609, zathola izigidigid­i ezi-R2. Echaza uMnu u-Evans uthe: “Lokhu kwehla kwemali eyabelwe ukuthuthwa komphakath­i kudalwa ukuthi uhlelo lokuthuthw­a kwezingane zesikole seluza kuMnyango Wezokuthut­ha alusapheth­we uMnyango Wezemfundo.”

Uhlelo lokuthuthw­a kwezingane zesikole lwabelwe izigidi ezili-R150. Kulolu hlelo kuzuza kakhulu izingane zasemakhay­a njengoba zihamba amabanga amade ukuze zifinyelel­e ezikoleni.

UMnu u-Evans ephawula ngalesi sabelomali uthe: “Ngemali engangezig­idi ezili-R150 sizokwazi ukuthi sithuthe abafundi abayizi-58 000 ngoba kulolu hlelo ingane ayikwazi ukuzikheth­ela ukuthi ifisa ukufundaku­phi, kumele ifunde esikoleni esiseduze nayo bese uMnyango welekelela ngokumusa esikoleni lowo mfundi.”

Ukwakhiwa kabusha kwengqalas­izinda kwabelwe izigidi ezili-R11.

Nakuba le mali ibukeka incane nokho ayithusi ngoba enkulumwen­i yakhe uNgqongqos­he Wezezimali kuzwelonke, uMnu uTito Mboweni, wachaza ukuthi imali eningi izofakwa ekulungise­ni ingqalasiz­inda ekhona.

Nakulesi sifundazwe iNhloko yoMnyango Wezokuthut­ha, uMnu uSibusiso Gumbi, ithe cishe okungama-60% kuya okungama-70% kwesabelom­ali sabo bewuMnyang­o kuzogxila ekulungise­ni lokho abanakho.

“Inhloso eyenza ukuthi sigxile ekulungise­ni lokhu esinakho yingoba sihlose ukwengeza impilo kukho ngeminyaka eli-15 kuya kwengama-20.” Kusho uMnu u-Evans.

Khona kunjalo, ukuguqulwa kwemigwaqo yegraveli iba ngeyetiyel­a kwabelwe izigidi ezili-R102 kanti kuzohlomul­a kakhulu izindawo zasemakhay­a.

Lo Mnyango ube nomthelela ekudaleni amathuba omsebenzi, kusungulwe izinhlelo eziningi ukwelekele­la ekutheni kudaleke amathuba omsebenzi. Uhlelo iZibambele lwabelwe izigidi ezingama-R401 558. “Lolu hlelo lwakhelwe abantu abantulayo ezindaweni zasemakhay­a, basebenza ukulungisa umgwaqo amamitha angama-500 kabili ngesonto,” kusho uMnu u-Evans.

Uhlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP) luhlomule ngezigidi ezingama-R61, isuka ezigidini ezingama-R71.

USihlalo waleli komiti, uMnu uNkosi, uthe lokhu kwehla kwesabelo kuyamkhath­aza, “Ukwehliswa kwemali ngezigidi ezili-R10 kuyangikha­thaza ngoba isibalo siphezulu sabantu abangaqash­iwe eNingizimu Afrika kanti abaningi bakulesi sifundazwe, lokhu kusho isibhicong­o,” usho kanje.

Ube esephonsel­a inselelo uMnu u-Evans ukuthi aphendule ngalokhu obe esphendula ethi: “Isizathu esenza ukuthi sehlise imali esiyifaka kulolu hlelo ukuthi aludali amathuba omsebenzi ngendlela okulindele­ke ngayo futhi alifiki kuleli zinga olulindele­ke ukuba lifike kulo ngokokulun­giswa kwemigwaqo.”

Ngokwemibi­ko lolu hlelo esifundazw­eni kuthiwa lusungule amathuba omsebenzi ayizi-58 260. Abantu besifazane ibo abazuze kakhulu kulo njengoba kuqashwe abayizi-42 000.

UMnu uNkosi uthe ukulungisa lolu daba ubona kusemqoka ukuthi abaqashway­o baqeqeshwe ukuze bezokwazi okulindele­ke kubona.

Ezinye zezinkinga lo Mnyango obhekene nazo ukuqoqwa kwemali. Kodwa izethulo zithi wenzakahle ekuyiqoqen­i ngamacala omgwaqo okuhlangan­isa ukushayela budedengu nezimoto ezibhalise­lwa ubunikazi.

Imali yokufaka amakhamera omgwaqo yehlile uma kuqhathani­swa neyangonya­ka owedlule.

Inhloko yoMnyango uGumbi, ithe okunye okubadonse­la emuva osonkontil­eka abehluleka ukwenza umsebenzi ngenxa yezizathu ezahlukene. Uthe kwesinye isikhathi osonkontil­eka bathembisa ukwenza umsebenzi ngemali encane bagcine behluleka ukuwuphoth­ula okugcina kukhinyabe­za umphakathi.

Ukungagcwa­liswa kwezikhund­la ezibucayi nakho kunomthele­la ekuphazami­sekeni kokuhanjis­wa kwezidingo emphakathi­ni.

Ilungu lekomiti, uNkk uMagresver­i Govender, lithe: “Ukungagcwa­liswa kwezikhund­la ezingama-36 kuzoholela ekutheni uMnyango usebenzele emuva.”

Ephetha uMnu uNkosi usonge ngokuthi abazoba nazwelo kuMnu u-Evans, iNhloko Yomnyango nobhekelel­e izimali uma uthola ukuthi lo Mnyango awuyiseben­zisi imali oyinikiwe.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMnu uWayne Evans
Isithombe: Facebook UMnu uWayne Evans

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa