Izindlela zokusizakala nokugwema iCoronavirus
Ukuthatheleka kwesifo seCoronavirus kukhula ngesivinini njengoba sekuvele ukuthi bayizi-118 212 abathelelekile kanti bayizi-4293 esesibajuqile.
Siyaqhubeka nokwanda isibalo samazwe lesi sifo esesihlasele kuwona okubalwa kuwo neNingizimu Afrika. Njengamanje bayisikhombisa abakuleli abalashwayo. Konke lokhu umsusa wakho uqale ngomuntu oyedwa.
Lo muntu wayehambe nabanye beya e-Italy kwathi uma bebuya babuya beyishumi. Zazingekho izimpawu zokugula ezavela ngesikhathi bebuya. Okwaqala ukugqama kwaba sengathi umkhuhlane ngemuva kwezinsuku ezintathu bebuyile. Kuthe uma sebexilongwa kwavela ukuthi isibatholile iCoronavirus. Banxuswa ukuba bangahlangani nabanye abantu.
NoMnyango Wezempilo usukwenze konke okusemandleni awo ukubheka umsuka wesifo nokugqugquzela labo abavamise ukuhambela amazwe nalabo asebeke baxhumana nabo ukuba bazihluphe ngokuyoxilongwa.
Ngithanda ukuxwayisa wonke umuntu ukuthi iCoronavirus ithelelana ngokukhwehlela nangokuthimula. Okunye okufakalena lesi sifo ukuxhawulana nokuthintana ngezandla. Ngisho nokuthinta into efana nesivalo somnyango kuyathelelana.
Kumqoka ukuthi abantu bangakukhohlwa lokhu okubalulwe ngenhla ukuze kuzanywe ukuncishiswa kwamathuba okubhebhetheka kwalesi sifo.
Uma ungazizwa kahle emzimbeni, nikela emtholampilo ukuze uyoxilongwa noma ushayele inombolo yehotline ethi: 0800029999. Njengamanje azikho izindawo ezihlelelwe ukubhekana ngqo nabazoxilongelwa lesi sifo. Izindawo ezikhona zabantu asebetholwe ukuthi sesibangenile bayiswa esibhedlela i-Addington, eThekwini, naseGreys eMgungundlovu.
Izincomo ezibekiwe zokuxilongwa yilezi:
Uma unezimpawu ze-flu futhi uma uke wathatha uhambo ezinsukwini ezili-14 esiphuma kuzo, ukuhambela izindawo ezifana neChina, i-Italy nasemazweni ase-Europe nokuxhumana nomuntu oseke wahambela lawo mazwe.
Uma kuwukuthi uhambe kudala hhayi ezinsukwini ezili-14 esiphuma kuzo, akumele ube nokwesaba nokuzihlupha ukuyoxilongwa.
Nakhu okumele uhlale uzikhumbuze ukukwenza:
■ kumele uhlale ugeza izandla usuku lonke
■ kumele ugeze izandla ngaphambi kokudla noma usuqedile
■ kumele ugweme ukuthinta amehlo, ikhala nomlomo ngezandla ezingageziwe
■ kumele uphekisise ukudla ikakhulukazi inyama
■ kumele usebenzise indololwane uma ukhwehlela noma uthimula
■ kumele ukugweme ukuhlangana nabanye abantu uma ugula.