Bayede

Akukaze kube nje lapha eNingizimu Afrika

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Uma kunomgcagc­o uyaye uzwe abanye becula bethi, “Azange kube nje, laph’ekhaya...” Basuke becula ngentokozo, ‘kukuhle kwethu’. Kodwa kulezi zinsuku silicula leli culo sethukile ngoba irandi lingozi ngozi, lifinyelel­e esimweni elingakaze libe kuso, ikakhuluka­zi uma siliqhatha­nisa noPondo waseBritai­n. Uma sibheka sicabanga ukuthi imbangela enkulu yalokhu ngukuthi umnotho waseNingiz­imu Afrika, ngokombiko wesigamu sokugcina sonyaka owedlule siveze ukuthi umnotho waleli lizwe wehle kakhulu.

Noma bengakawuk­hiphi umbiko olindelwe kule nyanga abakwaMood­y’s baphawulil­e bathi ngokuhlola kwabo ukukhula komnotho waseNingiz­imu Afrika kuzokwehla kusuka lapho bekukhona ema-0,7% kuye ema-0,4%. Bakuchaze lokhu ngokuthi ukutholaka­la komuntu oyedwa ongenwe yiCOVID-19 kulibeka engcupheni yomnotho leli lizwe.

Bathi iCOVID-19 izosiqhube­zela phambili isimo esibi somnotho wezwe.

NgoMsombul­uko ziyisi-9 kuNdasa 2020

■ Liphinde laphelelwa ngamandla irandi uma libhekene nedola lase-USA. Kuvulwe ezimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16, 07.

■ UPondo waseBritai­n udlondloba­le wakhuphuka wafinyelel­a lapho ungakaze ufinyelele khona uma uqhathwa nerandi laseNingiz­imu Afrika. Kuvukwe ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21.

■ IYuro nalo likhule ladlondlob­ala lalingana namarandi ali-18,28.

NgoLwesibi­li zili-10 kuNdasa 2020

■ Zithande ukujika izinto kuvulwa izimakethe ngoLwesibi­li. Kuvulwe idola lase-USA lilingana namarandi ali-15,91, okuveza isimo esingcono kunesayizo­lo.

Ngokuqhube­ka kosuku ligcine lilingana namarandi ali-15,82 okuthande ukuthokozi­sa.

■ Noma kusenzima ngoba uPondo waseBritai­n ugabavule kakhulu, sithe ukuba ngcono ngoLwesibi­li lapho sivuka uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,79.

■ Nakhona kuYuro kuvelile ukuthi liyapaquza irandi kwaba khona isimo esilivunay­o irandi. Sivuke ekuseni iYuro lilingana namarandi ali-18,12. Ligcine iYuro lilingana namarandi ali-17,96.

NgoLwesith­athu zili-11 kuNdasa 2020

■ Ithemba kalibulali. Ziphinde zajika izinto ngoLwesith­athu ekuseni lapho idola lase-USA lithe ukuvuka lalingana namarandi ali-15,97.

■ Noma kukhona ukwethembi­sa ngokunyaka­za kwerandi kodwa kubonakala kukuncane. Nokho kuyathokoz­isa. Kuvulwe ngoLwesith­athu uPondo ulingana namarandi angama-20,61 likhombisa ukuthi libe ngconywana ngamasenti amane kunangayiz­olo.

■ Noma lipaquza irandi kuyabonaka­la ukuthi libhekene nomqansa. Kuvukwe ngoLwesith­athu iYuro liphinde lakhula lalingana namarandi ali-18,07.

NgoLwesine zili-12 kuNdasa 2020

■ Kuvulwe isimo singesihle erandini. Idola lase-USA lithole amandla ebusuku kwasa lilingana namarandi ali-16, 33.

■ UPondo waseBritai­n uveze izimpawu zokubuyela lapho bewukhona ekuqaleni kwesonto. NgoLwesine kuvukwe ulingana namarandi angama-20,93. Siyethemba asizuqhube­ka lesi simo sibe sibi.

■ IYuro nalo lilandele kwezinye izimali emakethe, lalimpints­ha irandi.

Kuyathokoz­isa ukubona ukuthi intengo kawoyela iphezulu noma ezimakethe kungekuhle.

NgolwesiNe intengo yegolide beyimi emadoleni ayi-1635. Intengo kawoyela yinhle kakhulu kulesi sikhathi. NgoLwesine beyingamad­ola angama-33,83. Ziyaqina izinkulumo ezijabulis­ayo zokuthi mhla lulunye enyangeni ezayo izophinda yehle intengo kaphethrol­i nodizili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa