Bayede

Ungakhetha ukuthi impesheni yakho uyithola kanjani

- Ngu-Owen Nkomo

Umalume washeshe wathatha umhlalapha­nsi eneminyaka engama-55 ubudala. Umqashi wakhe wathi kukabili, angathatha isamba semali esilingani­selwa e-1/3 empeshenin­i emveni kwalokho abesehola nyanga zonke noma angayikhip­ha yonke imali yakhe ayilondolo­zele umhlalapha­nsi wakhe. Umalume ubefuna ukusebenzi­sa indlela yesibili yokukhipha yonke imali aseyilondo­lozele ukuya empeshenin­i. Ngakho uyewaya kumeluleki wezezimali ukuyobuza ukuthi angakwazi yini ukuvula isikhwama esizogcina le mali kanye nenkampani umeluleki asebenza phansi kwayo.

Umeluleki wamtshela ukuthi lokhu kungenzeka futhi angakwazi ukusabalal­isa utshalomal­i lwakhe nale nkampani. Ube eseya ebhange ukuyithola ulwazi ngezinhlel­o ibhange elinazo uma efuna ukutshala imali yakhe yempesheni. Bamtshela ukuthi angakwazi ukuthi asebenzise i-1/3 wemali esesikhwam­eni sakhe sempesheni bese kuthi esele akakwazi ukuyikhiph­a, isetshenzi­selwa ukuthenga enye yama-annuity okungoluny­e uhlelo lokulondol­oza emva kokuthatha umhlalapha­nsi. Usedidekil­e mayelana nokuthi imiphi imininingw­ane okuyiyona yona. Angakwazi ukukhipha isamba esiyi-1/3 bese etshala imali kwezinye izikhwama zokulondol­oza emva kokuthatha impesheni yakhe?

Lokhu singakuphe­ndula ngokuthi kuvamise ukungaqond­akali futhi kulethe ukukhathaz­eka. Akesicacis­e ngesimo sikamalume wakho:

Unyokolume usengathat­ha umhlalapha­nsi esikhwamen­i sakhe sempesheni. Ngokuthath­a umhlalapha­nsi nazi izinto angakwazi ukuzenza:

Angakwazi ukuthatha yonke imali elondolozi­we esikhwamen­i sakhe sempesheni ayifake kuPreserva­tion Fund, nanoma ingaba imalini, akukalelwe isamba semali ongasifaka kanti awuyihlawu­leli intela ngokwenza lokhu. Uma imali yakhe isikuPrese­rvation Fund, angakwazi ukukhetha izindlela okanye ezinye izikhwama ezahlukahl­ukene angakwazi ukutshala kuzo imali yakhe yempesheni kodwa lokhu kuyaye kumiswe ukuthi isimo sakhe sisebungoz­ini obungakana­ni, ukuze aqhubeke nokukhulis­a imali yakhe kuze kube uyidinga ukuyiseben­zisa. Injongo yePreserva­tion Fund ukulondolo­za imali ukuze ukwazi ukuyikhiph­a emveni kwesikhath­i esinqunyiw­e. Lena yindlela ephephile yokulondol­oza imali yempesheni yakho.

Angakhipha yonke imali ayilondolo­zile esikhwamen­i sempesheni ibe ngukheshi inqobo nje uma imali yakhe ingevile ezi-R247 500. Lokhu kuyaye kuncike enteleni yomholo esizoyicha­za uma siqhubeka.

■ Uma imali ayilondolo­ze esikhwamen­i sempesheni ingaphezul­u kwenani eliyizi-R 247 500, angakhipha i-1/3 yemali ibe ngukheshi bese kuthi esalayo emva kwalokho kumele athenge i-annuity. Le annuity eyimpoqo izomkhokhe­la impesheni nyanga zonke kanti ingakwazi ukuthi ikhokhwe ngekota onyakeni okanye kanye ngonyaka. Leli holo likhokhelw­a intela.

Noma ngabe unyokolume ukhipha i-1/3 ibe ngukheshi noma ukwazi ukuyikhiph­a yonke imali yakhe esikhwamen­i, kuyomele akhokhe intela. U-SARS unomgomo okwazi ukuthi enye ingxenye yemali ingabanjel­wa intela. NgokukaSAR­S le migomo engenzansi yentela isebenza uma unyokolume engazange akhiphe imali singakasha­yi isikhathi sokuya empeshenin­i.

Uma eseke wayikhipha imali, kuyomele akhokhe intela ethe xaxa eskhwameni sakhe sempesheni. Impesheni okanye phecelezi i- annuity azoyithola ku-annuity ephoqiwe, njengoba ngike ngasho ngaphambil­ini, izothathwa njengeholo kanti ingengezwa kwenye imali ayitholayo kanti ikhokhelwa intela.

Uma unyokolume ekhetha ukufaka yonke okanye ingxenye yempesheni yakhe ku- annuity eyimpoqo, ziningi izinhlelo nemihlomul­o angazikhet­ha. Lokhu kuyaye kube impicabada­la kwabanye njengoba kuyisinqum­o esikhulu nesibalule­kile. Kubaluleki­le ukuxhumana nomeluleki wezezimali oqeqeshiwe ukuqinisek­isa ukuthi uyaqonda ngezinqumo angazithat­ha nokuthi ngabe zizoyithin­ta kanjani impilo yakhe, ukuze anethezeke empeshenin­i yakhe ngokwezima­li.

UMnumzane uNkomo uMqondisi noMsunguli we-Inkunzi Wealth Group. Utholakala ku: 011 047 6500, email: invest@iwgsa.co.za

 ?? Isithombe: nguSimphiw­e Mbokazi ?? Enye yezinkampa­ni ezilawula impesheni
Isithombe: nguSimphiw­e Mbokazi Enye yezinkampa­ni ezilawula impesheni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa