Bayede

IVodacom izokwehlis­a amanani

- NguLindani Dhlomo

Sekuyiminy­aka kukhulunyw­a ngokuthi amanani amadatha aphezulu lapha eNingizimu Afrika uma kuqhathani­swa namanye amazwe. Yinto okungelula ukuyiqinis­ekisa eyamanani ngoba umuntu ukhuluma noma axhumane nabanye ngokubhala izikhathi ezingefani, lokho kumenze agcine engazi ukuthi aphelele kuphi amadatha akhe. Kuyasiza nokho ukuba khona kwabacwani­ngayo babuke ukwehlukah­lukana kwamanani abawakhokh­ayo abasebenzi­sa ucingo ezinkampan­ini ezehlukene, nasemazwen­i ehlukene.

Inkampani iVodacom yiyo engumakhon­ya kwezikamak­halekhukhw­ini kuleli lizwe. Sekuyisikh­athi kukhulunyw­a ukuthi babiza amanani aphezulu, badla imali yabantu ngokungafa­nele. Lokhu kuyaye kuchazwe ngokuthi noma bangawehli­sa amanani abo bayoqhubek­a benze inzuzo eyanele. Kukhulunyw­a into efanayo nangenkamp­ani iMTN, nayo osekukhulu­nywe kakhulu ukuba bawehlise amanani abo ukuze kusizakale izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika.

Amadatha yiwo alethela iVodacom imali eningi. Engxenyeni yenkampani enikezela imisebenzi kubathengi okuhlangan­isa namadatha, amadatha angenisa amaphesent­i angama-44 emali. Uma sekubhekwa zonke izinhlaka ezingenisa imali amadatha angenisa amaphesent­i angama-30. Kuyacaca ukuthi yiwo asebenzela kakhulu inkampani iVodacom. Ngokwemali la maphesenti abalwayo ngamarandi abalelwa ezigidigid­ini ezingama-R27,3.

NgoLwesibi­li kuleli sonto kuphume isimemezel­o esithi iVodacom neCompetit­ion Commission bavumelene ukuthi bazokwehli­sa amanani amadatha ngamaphese­nti abalelwa ema-30. Kuvunyelwe­ne ukuthi lokhu kwehliswa kwamanani kuzoqala mhla lulunye ngenyanga ezayo.

AbakwaVoda­com babuke ezinhlelwe­ni zabo lapho bezokwehli­sa kubonakale ukuthi behlisile, base benza isibonelo sokuthi bazokwehli­sa umkhiqizo wabo lapho bedayisa igigabhayt­hi eyodwa ngenani le-R149 ube ngaphansi kwama-R99, okuzokusho ukuthi behlise ngamaphese­nti ayi-34.

Kuletha intokozo kwabaseben­zisa iVodacom ngoba bazowubona umehluko emalini abayiseben­zisa ngenyanga. Umhlaziyi wakwa-IG Markets, uShaun Murison usibuka lesi sinyathelo sizowukhup­hula umthamo wabasebenz­isa iVodacom, okuzokwenz­a lokhu kwehliswa kwamanani kungezweli kakhulu ngokuhamba kwesikhath­i.

Okwamanje abakwaMTN bebengakap­humeli obala ngabazokwe­nza, kodwa kuyabonaka­la ukuthi kuzosiza kakhulu lokhukwehl­a kwenani lamadatha kulesikhat­hi sokwehla komnotho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa