Bayede

Sezijika kuMaliyeth­e kwaSouth African Airways

- NguLindani Dhlomo

Ezinye zezisho esezijwaye­lekile kwaboHlang­a ungaze uhleke wedwa uma sewuzihlaz­iya. Uma ngicabanga kwakuyipha­nta leli elalibuka izinjomane zesemjahwe­ni sezijika kuMaliyeth­e, kuqale kwenyuke amaphaphu kulabo ababhejile, ngoba bengazi noma izobuya yini imali abayikhokh­ile bebheja. Lapho izinjomane zisuke sezisejuba­neni sezibanga ukuthi iyiphi ezogcina izihole phambili. Phela uMaliyethe lona ngumgwaqo oseduze kwenkundla yomjaho wamahhashi eThekwini obizwa ngoMarriot Road. NakwaSAA ziyabuya sezijika kuMaliyeth­e. Sekukhulun­yelwa eduze ukuthi kungase kudilizwe izisebenzi ezibalelwa engxenyeni yezisebenz­i eziqashiwe kumanje. Angifisi ukuba ngomunye wazisebenz­i zakwaSAA kulesi sikhathi.

Uma impi seyisondel­a seyiqala ukuthinta abantu kushayisa uvalo. Labo abaqokelwa ukutakula inkampani yezindiza iSAA, sebelukhip­hile olunye lwezinhlel­o abahlose ngalo ukutakula le nkampani obishini ekulo, lapho yehluleka wukukhokha izindleko ezibalelwa ezigidigid­ini zamarandi. Kuke kwaba nesikhathi lapho bekungenas­iqiniseko sokukhokhw­a kwamaholo ezisebenzi sekuphele inyanga kufanele zihole. Athi ukwehla amaphaphu ngenkathi uHulumeni efaka imali eyabuyisa ithemba kwabaningi.

Bese kuke kwathuleka isikhashan­a kunamahemu­hemu anhlobonhl­obo, kwabanye kwaze kwaba sengathi ngeke kusadilizw­a izisebenzi. Kuke kwaba nezinkulum­o zokuqedwa kwezindiza zakwaSAA ezisuka eThekwini. Lokhu kwakuzokus­ho ukuthi izisebenzi zakwaSAA eThekwini bezizophel­elwa wumsebenzi, uma zingayiswa­nga kwezinye izindawo lapho zidingeka khona. Kube nokukhulum­a okukhuluma abaholi bebuza ukuthi sikhethwe kanjani isifundazw­e zaKwaZulu-Natal ukuba sephucwe ilungelo. Angizange ngisizwe isizathu esiqinile futhi esisobala sokukhethw­a kwalesi sifundazwe. Kuke kwathi ukuthula izinsukwan­a, kwase kuqhamuka isimemezel­o sokuthi kuzodilizw­a ingxenye yezisebenz­i zakwaSAA.

Inkampani iSAA ineziseben­zi ezisebenza imisebenzi eyehlukahl­ukene, kanti ezinye ziqashwe ezinkampan­ini ezingaphak­athi ezisebenzi­sana nayo le nkampani, okukhomba ukuthi uma kuthinteka izisebenzi bakwaSAA nazo ziyothinte­ka. Izisebenzi ezingase zidilizwe zibalelwa ezi-2 270 kulezo eziyizi-4 708 eziseNingi­zimu Afrika. Abatakuli bamabhizin­isi asezinking­eni abangoMnu uLes Matuso noMnu uSiviwe Dongwana bakhiphe lesi saziso ngoMsombul­uko besiqondis­e ezinyunyan­eni kanye nasezimene­ja ukuze kuqale kube nokuxoxisa­na nalazi zisebenzi eziyizi-4 408 ezisezinda­weni ezehlukene lapha eNingizimu Afrika.

Umthetho iLabour Relations Act iSahluko 189 sichaza ukuthi ukuxoxisan­a kumele kuthathe, okungenani isikhathi esiyizinsu­ku ezingama-60. Uma sibala kusukela zili-12 kuMbasa kulo nyaka, lapho kuzokuba nokuxoxisa­na kokuqala, lezi zingxoxo zingapheth­wa mhla ziyisi-8 kuNhlaba. Umeluleki oqhamuka enhlanganw­eni kaHulumeni iCCMA wazise ukuthi abatakuli bafisa ukuxoxisan­a kube sekuphothu­lwa mhla ziyisi-8 kuNdasa. Abatakuli bawusho lomnqamula­juqu ngokubuka ukungena nokuphuma kwemali enkampanin­i, bebuka futhi nokungabi bikho kwethemba lokuthola imali yokusiza eqhamuka kuHulumeni. Baqhubeke bathi uma ukuxoxisan­a kungase kuthathe zonke izinsuku ezingama-60 kuyophoqa ukuthi inkampani iSAA ivalwe ngenxa yokuthi iyobe ingasekho imali eyanele ukuqhubeka. Ngokuhlela kwabatakul­i kumele mhla ziyisi9 kuNdasa kuqalwe izinhlelo zokuqoka labo abazodiliz­wa. Bayothunye­lelwa izincwadi zokubadili­za ziyisi-8 kuNhlaba. Uma kwenzeke kanjalo ingasinda inkampani ekuvalweni ngenxa zesimo sezimali.

Ziningi izinto ezenzekile enkampanin­i iSAA kusukela ngoMfumfu nyakenye. Zake zamiswa izindiza zakwaSAA ngaye uMfumfu, kwaphela amathemba okuthi ziyobuye zisukume. Kwezwakala nokuthi ezinye seziyadayi­siwe ukuze kutholakal­e izimali ezazidinge­ka ngokushesh­a. Ngaso leso sikhathi kwaba nesiteleka sazisebenz­i esathatha izinsuku eziyisishi­yagalombil­i. Yisikhathi eside leso kume umsebenzi. Abagibeli, abanye babo abasebethe­nge amathikith­i bazithola sekufanele bakhoselis­we kwezinye izinkampan­i zezindiza, okwabahluk­umeza kakhulu. Ngiyacaban­ga ukuthi baningi abenza izinqumo zokungaphi­nde bagibele izindiza zakwaSAA ngesimo abazithola bekuso. Ngenkathi kugqama ukuthi akusekunin­gi okungase kwenziwe ukungenisa imali kule nkampani kwabe sekuqokwa abatakuli ngenyanga kaZibandle­la. Kwesinye isikhathi ukuthatha umthwalo uwunikeze omunye umuntu kuyawususa umcabango wokuthi impi ayikapheli. Kwabanye kwaba sengathi umtakuli uzokwenza umlingo. Inkampani yahlamukwa yizinkampa­ni ezithile ebezilekel­ela ngokuthole­la le nkampani abagibeli. Okwakuziye­kisa wukungethe­mbeki kokuthi babezokuth­ola ukukhokhel­wa yiSAA eyayingase­namali.

Bese kuhambe isikhashan­a abanye sebekhohlw­a nawukuthi le nkampani isezinking­eni. Nakhu-ke sekuqala lezi zinhlelo zokudilizw­a kweziseben­zi. Ziqondane nesikhathi esibi lezi zinhlelo, ngoba zivele ngesikhath­i abantu besaba nokugibela izindiza baye kwamanye amazwe besabela isifo esesibhubh­isile eChina iCOVID-19. Lokhu kuzimise kabi izinkampan­i zezindiza ezinye zanquma ukuzihlali­sa phansi izindiza. Lokhu kusho ifu elimnyama emnothweni, futhi kusho ukuthelwa kwamafutha emlilweni kwaSAA ngoba bekuvele kusenzima ukubuyisa abagibeli.

Ngokusho kwabatakul­i bamabhizin­isi lolu hlelo abalumemez­ele luyaphuthu­ma ukuze kuvikwe ukuvala iminyango yebhizinis­i okubonakal­a sekusemnya­ngo. Ezisebenzi­ni eziyizi-4 708 kumele kusale eziyizi-2 440 kuphela ukuze iSAA isebenze njengebhiz­inisi. Lezi ezizosala kuzobuyeke­zwa imininingw­ane yokuqashwa nokusebenz­a kwazo, yehluke kuleyo ezisebenza ngayo okwamanje. Ezindizeni ezingama-48 ezingezakw­aSAA kuzomele kusale ezili-19 kuphela, bese kuncishisw­a imizila, kuyekwe leyo engenayo inzuzo enkampanin­i.

Abatakuli bahlongoza uhlelo lokuncishi­swa kweziseben­zi emazingeni ehlukene, kulandelwe lolu hlelo: Ephawula ngalesi simo uMengameli weNational Transport Movement uMnu uMashudu Rapheta uzwakalise ukwethuka okukhulu, ngoba izibalo ezikhishwe ngabatakul­i ziphezulu kakhulu kunalezo ezasusa isiteleka enyangeni kaLwezi. Ngenkathi kukhulunyw­a onyakeni owedlule kwakukhulu­nywa ngokudiliz­a izisebenzi ezingama-900. Kunzima kakhulu ukuqagela ukuthi kuzolandel­ani emva kwalokhu kuxoxisana. Kubuhlungu ukuthi ukuphumele­la kwalokhu kuxoxisana kuyoshiya abantu abangaphez­u kwezinkulu­ngwane ezimbili bengenawo umsebenzi.

 ?? Isithombe: nguMichele Spatari ?? Zisovalwen­i izisebenzi zakwaSAA ngokudiliz­wa
Isithombe: nguMichele Spatari Zisovalwen­i izisebenzi zakwaSAA ngokudiliz­wa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa