Bayede

UMkhandlu iTheku mawube qotho

-

Abantu abevile ezigidini ezintathu abakhele nabahlala eThekwini bafuna ukulethwel­a izidingong­qangi ngoba bayazikhok­hela kuMasipala. Uma kusenobuho­li obuxegayo nobunukwa ngenkohlak­alo kuzokwenzi­wa njani?

Ukugasela koKlebe nokunaphaz­wa kweTheku emithonjen­i yabezindab­a sekwakhe isithombe esibi ngaleli dolobha okusazotha­tha isikhathi eside ukuthi silungiswe noma siyolungis­wa isizukulwa­ne esizayo.

Ukuboshwa nokuvela enkantolo kweMeneja yeTheku, uMnu uSipho Nzuza, kwenyuse izinhlonze kufanele. ITheku yidolobha elibalulek­ile ezwenikazi i-Afrika naseNingiz­imu Afrika ngoba linechweba eliwumgogo­dla womnotho wezwe nezwekazi.

Liyithemba nesibuko seKwaZulu-Natal ngoba yilona lodwa idolobhaka­zi esifundazw­eni. Ingxenye eningi yabantu esifundazw­eni ifudukela eThekwini iyohlwaya amathuba emisebenzi, abanye basebenza futhi bazinze khona.

Idolobha liyabuding­a ubuholi obuqotho nobethembe­kile, isizwe esingakwaz­i ukuzimelel­a kubona. Eminyakeni eyadlule abaphathi beTheku bebeziqhen­ya kuyidolobh­a ebelingena­gcobho lwenkohlak­alo. Yikho lokhu obekwenza iTheku libe namadolobh­a angodadewa­bo njengeLeed­s, e-United Kingdom.

Nyakenye kuboshwe uKhansela uZandile Gumede, kwaba nemvunge, kwaholela ukuba i-ANC imdilize esikhundle­ni. Ukukhishwa kwakhe kwadala isidididi kwaqhekeza uKhongolos­e namakhanse­la phakathi. Kwenzeka konke lokhu abantu abafuna ukutshala imali kuMkhandlu weTheku bayabuka.

UMshazi waphumela obala wathi uzimisele ukuphenduk­a ufakazi wenkantolo ngoba abeseki bakaGumede babethi nguyena onolwazi lwemali eyevile ezigidini ezingama-R280 yokuthuthw­a kukadoti ababoshelw­a yona yaphuma kanjani. Ezinye izikhulu zeTheku, ezesifunda­zwe nabanye kuKhongolo­se babefuna uMnu uSibusiso “Nkunzi” Sithole owayeyiMen­eja phambilini aqhubeke nomsebenzi wakhe elinye ihlandla. USithole udlondlobe­le ngokwemfun­do, unesipilii­yoni eside kwezokupha­thwa komasipala.

Ngaphambi kokuthi alethwe eThekwini wayenguMla­wuli komasipala abanezinki­nga KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa