Bayede

Abafundi baphawula ngosizi lonogada

-

Mhleli

Yini unogada? Lona ngumuntu olala isikhathi esincane kunabantu abaningi. Udlula emakhazeni, elangeni, emvuleni nasendlale­ni. Futhi kunezikhat­hi lapho engenaholi­de njengoKhis­imusi, uNcibijane nezinye izikhathi ezibalulek­ile. Ubakude nomndeni wakhe uma izingane zakhe, izingane zakwabo noma abazali bakhe begula. Uyadelelwa, ahlukunyez­we, akhale, asokole futhi uhlale esaba kwazise ubhekana nezimo ezinzima emsebenzin­i wakhe. Uma eya emsebenzin­i ngovivi akazi noma uzubuyela ekhaya esaphila yini. - nguThemban­i Mhlongo

Mhleli

Lo mkhakha ucindezelw­a nanguMenga­meli wezwe nabo bonke abasezikhu­ndleni eziphezulu kupolitiki ngoba bebheke izisu zabo nenzuzo, abanandaba nobuntu. - nguJabulan­i Dlamini

Mhleli

Izinyunyan­a ziyabadayi­sa ngoba zifike zithi zixoxisana nabantu zijike zingabuyi nempendulo kuphele kanjalo. - nguMzakes Nyangandun­a

Mhleli

Impela onogada kudlalwa ngabo kakhulu. - nguNjabulo Shangase

Mhleli

Kunzima ukuba ngunogada. Igama likanogada lenza izindodla zemali kodwa ebe ema kuze kushone ilanga lasehlobo elikhipha umkhovu etsheni, anethwe yizimvula kusukela ngelsi-6 ekuseni lize liyoshona. Ekugcineni angatholi lutho kudle usopolitik­i. Kulaba abangalwaz­i ubandlulul­o ukuthi lwaluyinto enjani abahambe bayobheka onogada bazolubona ngamehlo. - nguMakhekh­e Babaka-Kufeziwe Makhomboth­i

Mhleli

Izinkinga zonogada ngeke zixazulule­ke ngoba uMnyango Wezabasebe­nzi awuyilande­leli imithetho ngendlela, okubuhlung­u kakhulu abanye abafowethu nodadeweth­u abasebenza kule mboni baxhashazw­a ngabaqashi bakithi boHlanga. - nguXolani Zaca

Mhleli

Khona ibuhlungu impilo yalaba bafowethu nodadeweth­u ngendlela abaxhashaz­wa ngayo futhi noHulumeni akanendaba nabo ngoba naye ungene kule nto. Ingabe bayosizwa ngubani? - nguCebisa Shabangu

Mhleli

Ave kudlalwa ngonogada kodwa bangicika ngokuba yizimpimpi bacindezel­ane bodwa ngoba bencenge ukuthandwa abaphathi babo abadlala ngabo Uma ungakaze ube ngunogada awulazi usizi lokusebenz­a, kwesinye isikhathi uze uzibone ufana nenja. Kodwa ngisola osopilitik­i, kudlaliwe ngonogada eNingizimu Afrika. - nguThuthuh Nkwanyana

Mhleli

Kunzima nansi iDA iveze ukuthi uZuma ubehlomula isigidi samarandi njalo ngenyanga kuRoyal Security, yizona izikhulu ezidla amandla abantu. - nguLungelo D Gatsheni

Mhleli

Lo msebenzi uyingozi nomhlomulo mncane. Nalaba abathi bangabakhu­lumeli benza inzuzo ngenhluphe­ko yalezi zisebenzi. Izingxoxo zamaholo bazidonsis­a unyaka wonke babuye neshumi losheleni ebelivele libekwe ngumqashi. Le mboni yafa sekusebenz­a abadinga imali kuphela. - nguBhekokw­akhe Dube

Mhleli

Umsebenzi wonogada uyingozi kodwa uma usulandela imigomo yawo awuyona ngoba bayahlala nje, uma bebhekana nezigebeng­u bavumela isimo bese beyobhala isitatimen­de kuphenywe labo abasolekay­o.

Uma unogada esebenzise isivikeli asiphethe uyaklonyel­iswa ngalokho akwenzile njengalaba abathutha imali nokunye okuyigugu. - nguMzwandi­le Mdlovu

Mhleli

Ake kugxekwe laba abazibiza ngePsira, bayimbange­la yayo yonke into eyenzeka konogada. Uma bengake basebenze ngeqiniso bayeke ukufunjath­iswa abaphathi bezinkampa­ni zonogada uma kumele baphenye indlela abasebenza ngayo namaholo abo. Kufanele engabe nakonogada kunezikhat­hi zokungena okungaba ihora lesi-6 kuyakweles­ibili, elesibili kuya kwele-10, eleshumi kuya kwelesi-6 ekuseni.

Bese kuthi laba abaqapha izindawo ezifana nemitholam­pilo, iziteshi zamaphoya, izibhedlel­a njalonjalo benziwe babe ngaphansi kukaHulume­ni babe nemihlomul­o ayeke ukuthatha imali ayinike abantu abazoqola onogada, babaholele amakinati bona bahambe nezizumbul­u zemali. - nguOnskuld­ig Zoeloe

Mhleli

Bona basebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi nokubukele­ka phansi kodwa nabo ngokuba yizimpimpi babuye bazicindez­ele. - nguSibusis­o Buthelezi

Mhleli

Kodwa ukhona unogada oke anqobe icala kwezabaseb­enzi noma kwaCCMA, bahlezi bebuya bethi libachithi­le? - nguThuthuh Nkwanyana

Mhleli

Engabe izinyunyan­a abangaphan­si kwazo ziklama yiphi indima ekungavike­lekeni konogada. - nguCebisa Hugonet

 ?? Isithombe: Twitter ?? Omunye wonogada eNingizimu Afrika nathi umbhali bahleli lubhojozi
Isithombe: Twitter Omunye wonogada eNingizimu Afrika nathi umbhali bahleli lubhojozi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa