Imibono eyahlukene ngokuhlonzwa kweCoronavirus eNingizimu Afrika
Mhleli
Lesi sifo sabikezelwa ngeye-1980 kukhona umbhali owabhala ngaso ukuthi siyofika ngowezi-2020 siphinde sinyamalale, ikhona incwadi ekhuluma ngaso ukuthi sakhiwe ngamabomu ngamaChina. - nguGugu Mdunge Mdunge
Mhleli
UNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize wathi kuvalwe zonke izintuba pho udlule kanjani esikhumulweni sezindiza lo mlisa aze ayongena KwaZulu-Natal, akadukisanga nje izwe? - nguBheki Ndlovu
Mhleli
Lo mkhuhlane uyasolisa, kungenzeka ukuthi kade wathukuswa emizimbeni yabantu njengesiqhumane sezempi esigqitshwayo, sekulindwe inkathi yobusika ukuba iqale. Ubucwepheshe besimanje esihlale sibubona kumathelevishini bukhombisa ukuthi nabo singebuthembe kule nkiyankiya. Nokugoma angisakwethembi.
Kuningi abelumbi abasifihlela khona ngale nto futhi bayabonakala ukuthi beneme - nguS’bo Nelo
Mhleli
Lo Hulumeni udinga ukunikwa isifundo. Uma kuke kwashona ilungu lomndeni kumele ufune isinxephezelo ngoba kuthiwe kukhalwa ngalesi sifo wathi usilungele ngayo yonke indlela. - nguSheshi Buthelezi Shenge
Mhleli
Kunzima kulo mhlaba esiphila kuwo izifo seziningi kakhulu. - nguThembi Hadebe