Bayede

Nansi le ndoda enesisu esikhulu.

-

Inezwi elikhulu futhi ikhulumela phezulu. Uma ikhuluma isisu sayo size sinyakaze, isuke lapho igcizelela iphuzu elithile. Ingusopoli­tiki, ingusomank­omane futhi ingumdlali kanobhutsh­uzwayo. NguMnu uJames Lindani “Muntu” kaMyeza lowo, isilomo somholi weBlack Consciousn­ess Movement (BCM). Wazalelwa eNatal mhla zi-3 kuZibandle­la ngowe-1950. Ukhulele e-Orlando West, eSoweto, wafunda khona. Ubuyele oHlange High School waba yiZebra, waphothula uMatikulet­sheni khona. UMyeza uqhubekele oNgoye (University of Zululand), KwaDlangez­wa wenza izifundo zomthetho. Esengumfun­di wasungula iBlack Allied Workers Union (BAWU). Ngonyaka we-1972 wabayilung­u leSouth African Students Organizati­on (SASO), wakhethwa waba nguMengame­li wayo ngoNtulika­zi ngowe-1973. Kwakuyigag­u ekukhulume­ni futhi engumholi onohlonze kubalandel­i bakhe. Ngonyaka we-1973 iFrelimo eMozambiqu­e yanqoba ukhetho yathatha umbuso kuMaputuke­zi. Nguyena owahola abantu abayizi-10 000 wabagcwali­sa inkundla iCurries Fountain, eThekwini, kubungazwa ukunqoba kweFrelimo lowo mgubho wabizwa ngokuthi yiViva Frelimo Rally. Yena, uStrini Moodley, uTerror Lekota, uSaths Cooper, u-Imran Moosa nabanye abaholi beBCM baboshwa ngomyalelo kaJimmy Kruger owayenguNg­qongqoshe Wamaphoyis­a ngaleso sikhathi. UMyeza wadonsa iminyaka eyisi-6 eRobben Island, waphuma lapho waba ngumholi we-Azanian People’s Organizati­on (AZAPO) eyayisungu­lwe ngowe-1978. Ushone engozini yemoto eBloemfont­ein zi-3 kuNhlangul­ana ngowe-1990.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa