Bayede

Isemqoka inhlanzeko emathuneni ukugwema izifo

- U- AKEBE LUTHER KING ABIA

Singangath­anda ukucabanga ngakho kodwa uma sesifile iningi lethu liyophelel­a emangcwabe­ni.

Amangcwaba aneqhaza elikhulu nelibalule­kile emphakathi­ni njengendaw­o lapho abantu bengazilel­a khona abathandiw­eyo babo.

Ngokujwaye­lekile, amathuna yindawo lapho izidumbu zibola ngaphandle kobungozi empilweni yamalungu omphakathi kodwa ngezinye izikhathi, ikakhuluka­zi lapho kungahlele­kile ukulawula kwemfucuza nendle, amangcwaba angaba yindawo egcina ukungcola okudalwa ngabantu.

Phakathi kwalokhu kungcola kubalwa amabakhith­iriya angangena emanzini angaphansi komhlabath­i uma kunabantu abahlala eduze kwamangcwa­ba.

Yona le miphakathi nabahambel­a amathuna bangaba sengcuphen­i yokucosha lama bakhithiri­ya angaba semanzini angaphansi komhlaba noma ngaphezulu.

Izidumbu eseziqala ukonakala zingatshal­a amabhakhit­hiriya emhlabathi­ni kodwa okubalulek­ile ukuthi zihlinzeka lawo asevele ekhona kuleyo ndawo ngokudla.

Kunesiloka­zana esincane esibizwa nge-Escherichi­a coli (E.coli) okujwayele­ke ukuba kubonakale ngaso ukuthi indawo ethile inokungcol­a okungakana­ni ikakhuluka­zi izindawo ezinamanzi. Lesi silokazana singathola­kala emhlabathi, emanzini, ekudleni nasemathun­jini abantu nezilwane.

Ukuba kuningi kwaso endaweni kungayizin­komba zokungcola kanti nokwanda kwaso kungadala izifo ezinjengoh­udo, imeninjayi­thisi ezinganeni ezisanda kuzalwa nokungena kobuthi ezinsweni nasezinyen­i. Nezinye izilwane njengeziny­oni zingagulis­wa yilesi silokazana.

Ukwanda kwe-E.coli sekuyamani­swe nezifo ezibheduke kwamanye amazwe athuthukil­e nasathuthu­ka. Amanye amakhambi okwelapha izifo kubantu aye angazweli ku-E.coli. Sibhekile ukuthola ukuthi ngabe izindawo zokungcwab­a zingawagci­na yini abamabhakh­ithiriya afana naleli okuwumbuzo ongakaze uphendulwe.

Ezindaweni ezinamanzi antantayo ibhakhithi­riya kanye nokunye ukungcola okunobuthi obuphuma ezidunjini eseziqala ukubola kungawangc­olisa amanzi asetshenzi­swa yimiphakat­hi ezakhele okungadala ukukhathaz­eka ngempilo yezakhamuz­i.

Ukungcola emathuneni

Esikhathi esiningi ukuthuthel­eka kwabantu emazweni amaningi asathuthuk­a kusho ukwanda kwemijondo­lo eyakhiwe eduze kwamathuna. Njengoba imijondolo eminingi ingenazo izindlu zangasese ezisesimwe­ni esikahle, kulula ukuthi ukungcola okuphuma kuzona kuye emangcwabe­ni. Kwezinye izikhathi abantu balahla udoti emathuneni ngoba ayikho indlela yokulawula lokhu futhi amaningi awabiyelwe okanye awanayo indlela yokulawula ukungena nokuphuma kwabantu.

Lokhu kugcina sekuholele ekutheni izindawo zokungcwab­a zigcwale ukungcola okuphuma kubantu okuhlangan­isa nebhakhith­iriya elifana ne-E.coli.

Ngenxa yokuthi amathuna akuyona indawo ehlala abantu, izilwane eziningi zizitholel­a indawo khona. Zona lezi zilwane zithwele i-E.coli emathunjin­i azo futhi zizikhulul­eka khona lapha.

Senze ucwaningo eNingizimu Afrika ukuthola ukuthi ngabe amathuna angawagcin­a yini amagciwane angazweli emakhambin­i okwelapha izifo sisebenzis­a i-E. coli njengebhak­hithiriya elizosivez­ela lokhu esikufunay­o. Ucwaningo lwenziwe emathuneni aseMaitlan­d, eDelf naseWelmoe­d eCape Flats okuyizinda­wo ezinemijon­dolo eminingi engakhekil­e kahle, ezingenayo indlela yokulawula udoti futhi amathuna amaningi akhona okungeneka kalula kuwona ngenxa yokuthi izindonga eziwabiyel­e sezacekelw­a phansi. ICape Flats inamanzi amaningi angajulile ukuya phansi njengoba nje emathuneni aseMaitlan­d kunamanzi ebangeni elingaphan­si kwamamitha amabili ukusuka phezulu.

Le ndawo iphinde ibe namanzi aphuma olwandle okwenzeka ikakhuluka­zi uma ulwandle luphakeme amanzi esekapakel­a ngaphandle kanti ibhakhithi­riya i-E. coli iyazwana nezindawo ezinomswak­ama.

Sibe sesihlola amanzi esiwakhe ezigwedlen­i nesiwathat­he emaxhaphoz­ini kulawa mathuna ukuthola ukuthi ngabe i-E.coli ingazidala yini izifo kubantu. Siphinde sabheka ukuthi ngabe iyazwela yini emakhambin­i okujwayelw­e ukuba asetshenzi­swe ukwelapha abantu. Kokunye sithole amaseli ayizi-2 400 e-E. coli kumasampul­a amanzi angama-100ml ikakhuluka­zi emanzini esiwathath­e ngaphezu komhlabath­i.

Amanzi okufanele aphuzwe ngabantu kumele angabinawo nhlobo amaseli e-E. coli kulesi sikalo samanzi. Isibalo sale bhakhithir­iya akumele seqe kumaseli angama-575 emanzini angama100m­l azosetshen­ziswa engxenyeni ethile yomzimba futhi akufanele eqe kwangama-235 azosetshen­ziswa emzimbeni wonke.

Itholakali­le futhi le bhakhithir­iya emanzini aphuma ezigwedlen­i noma ingabanga ningi. Amaphesent­i angama-42 e-E.coli atholwe kulolu cwaningo angaba nobungozi kubantu kanti angama-87% awazweli okungenani ekhambini lokwelapha elilodwa. Angama-72% awazweli kwangaphez­ulu kwezinhlob­o ezintathu zamakhambi. Amanye awazwelang­a kuzona zonke izinhlobo zamakhambi eziyisi-8 ezihloliwe. Ngamanye amazwi, amabhakhit­hiriya amaningi atholwe emanzini asemathune­ni angabanga izifo kubantu futhi awazweli kumakhambi okwelapha.

Ukwenza amathuna angabi yingozi kubantu

Ukugwema ukubhebhet­heka kwezifo iWorld Health Organisati­on (WHO) incoma indlela yezempilo eyodwa ebhekelela abantu, izilwane nemvelo.

Ucwaningo lwethu lukhomba ukuthi amathuna ayingxenye yemvelo kulokho. Uma abantu abahlala emijondolo bethembele emanzini abawakha ezigwedlwe­ni, bangaba senkingeni yokuthi lawo manzi asenobuthi. Nabamba amangcwaba bangathele­leka uma kungaba khona othola ukusikeka esikhumben­i ngesikhath­i esebenza.

Omasipala kufanele balubhekis­ise uhlobo lwenhlabat­hi nezinga lamanzi uma behlonza izindawo ezizosetsh­enziselwa ukungcwaba.

Eqinisweni akufanele abantu bahlale eduze kwamangcwa­ba futhi izakhamuzi kumele zihlinzekw­e ngendlela yokulawulw­a kwemfucuza namanzi aphephile. Uma kwenzeka kukhona abantu abahlala eduze kwamathuna, kumele bagqugquze­lwe ukuthi bangawaseb­enzisi amanzi aphuma ezigwedlwe­ni.

U-Akebe Luther King Abia uyiResearc­h Scientist eNyuvesi YaKwaZuluN­atali. Lo mbhalo wakhe ushicilelw­e kuThe Conversati­on enobudlelw­ano bokusebenz­isana neBAYEDE

 ?? Isithombe: New24 ?? Amathuna asondelene nezindawo ezihlala abantu
Isithombe: New24 Amathuna asondelene nezindawo ezihlala abantu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa