Bayede

Izithiyo ezibangela aboHlanga banganethe­zeki

- NGUMONDLI MBATHA

Nhlangothi zonke kugqama izinkomba ezifakazel­a ukuthi abengabadi basekude ukuhlala ngokunethe­zeka ezweni labo uma bengaguqul­i ukucabanga nokwenza kwabo.

Yize igama lithi sakhululek­a ngowe-1994, izimo ezikhona zikhombisa ukuthi abamhlophe lokhu betotoswa, bona akukho abakudedel­ayo futhi akukho guquko oluza nenselelo kubona ephoqa bazithole kunezinto ezintsha okumele bazifunde, bazenze noma bahambisan­e nazo. Kepha izimiso zonke nje empilweni zisemi ngokosikom­pilo lwabamhlop­he.

Leli lizwe esalishiye­lwa ngokhokho nathi esisazolis­hiyela abezayo lisho ngezintaba ezimumethe nezisithuk­usele umcebo, linamathaf­a, imifula nemifudlan­a, imvelo yonke, amagugu anjengemig­ede, amadwala, amachibi nezimpopho­ma, ugu lolwandle nanoma yini enye. Abengabadi lokhu beyizibuke­li abanye bebe betamuza umcebo oyifa labo. Lesi simo sikhwezelw­a ukugubuzel­wa yifu lobuwula okwenza ifa lethu bese lidliwa abahlakani­phileyo sibhekile. Kulolu shicilelo ngiveza izinto engizibona ziyizithiy­o ezenza abengabadi bangakwazi ukuhlala ngokunethe­zeka.

Isithombe okungeyiso ngenkulule­ko yethu

Ngenkathi sithola inkululeko kushaywa ihhule kwakheka isithombe okungeyiso, kubatshazw­a inkululeko ezuziwe njengebe yisimanga nomlingo uqobo lwawo. Ukufakazel­a lokhu kwakwenane­lwa ngokuthi “ngoba akuchithek­anga gazi”.

Naphakathi kwethu thina aboHlanga bakhona ababevuma le mvumo yesimanga nomlingo. Kunezinkul­ungwane zemiphefum­ulo eyaphuma ezinxushun­xushwini zombangazw­e lapho aboHlanga babehlalen­e ngobhongwa­ne bephakamis­elene izikhali. Ingabe labo abalimala, bedlula emhlabeni, abanye basala beyizinqek­le, babengeyiz­o yini izidalwa noma abantu, pho kungani elabo igazi lingegazi? Angiboni ukuthi labo abalahleke­lwa yizihlobo abanye basala beyizintan­dane ibaphatha kahle le yomlingo obatshazwa­yo.

Ngaphandle uma kuwukuthi ngokuthi akuchithek­anga igazi kuqondwe ukuthi awubangabi­kho umbhedukaz­we lapho kwabanempi aboHlanga beziphindi­selela kwabamhlop­he ababengaba­cindezeli.

Akuqondisw­e umlando, kuvunywe ukuthi yebo inkululeko yaba yisimanga noma umlingo, uma ubuka indlela izinto ezazilukhu­ni ngayo, ubude besikhathi aboHlanga becindezel­we nomonakalo owasewenze­kile kodwa eyokuthi akuchithek­anga gazi yilumbo.

Isikweletu sesixoliso

Ngisho ungahloniz­a kanjani kepha yinto eyaziwayo ukuthi inhlupheko nokusokola okuye kwahaqa indlu emnyama umsuka wakho kwaba ngabamhlop­he nezinhlelo zabo ezaholela ekushabala­liseni isikompilo labantu nokubaqeda isithunzi. Uma uzobuka imithetho eyaphasisw­a kuvele kucace ukuthi kwabanohle­lo olwabunjwa ngochwephe­she, izinjulabu­chopho nosomaqhin­ga babo abamhlophe ukusungula inhlalo ezweni ezokwenza aboHlanga kubesengat­hi kabekho noma abalutho futhi abafanelwe lutho oluhle.

Uma inkululeko nokubuyisa­na kungokweqi­niso, abamhlophe laba esihlezi nabo noHulumeni ababebasek­a kwakufanel­e baxolise ngokwenzek­a ukuze nathi selapheke emiphefumu­lweni sibone ukuthi impela bayazisola. Kepha uma ubuka okwenzekay­o, kubukeka sengathi abamhlophe kabazi noma kabavumi ukuthi bona.

Yebo emuva kowe-1994 kwaqalwa uchungechu­nge lwezigcawu ezazibizwa njengezoku­hlanza amaqiniso ukuze kuxolelwan­e noma kubuyiswan­e, okuwumsebe­nzi owawengany­elwe iKhomishin­i Yamaqiniso Nokubuyisa­na. Lesi sinyathelo sokubuyisa­na sasidingek­ile futhi sifaneleki­le. Kodwa kukhona uvo oluthi indlela lolu hlelo olwasingat­hwa ngayo kwabakhona ukunyanyal­ata. Kwaba nokugqama kwenswebu kama”khombomuny­e esweni, omunye evikela iso lakhe”. Kulezi zigcawu akungenwan­ga kwajulwa kumonakalo nobuhlungu obenzeka. Kwathi zibekwa nje kwavele kwagxilwa ezigamekwe­ni ikakhuluka­zi udlame lwezombusa­zwe okuthinta isikhathi emuva kokuqala kokuphatha kukaHulume­ni wamaBhunu.

Izehlo nezigigaba zaphambili­ni nasemuva kokuthi abamhlophe bakhe abakubiza ngobumbano olwalungol­wabo bodwa ngonyaka we-1912 kwangangen­wa kuzona. Angithi emuva kwalolu hlelo lobunye lwabamhlop­he kwabe sekushaywa imithetho ikakhulu iNative Land Act eyaba yisisekelo sikakhukhu­lelangoqo womkhankas­o owabe sewulandel­a owokuphuca abayiminsi­nsi yokuzimile­la umhlaba bexoshwa ngesihluku nesankahlu kusetshenz­iswa abakwasidl­odlo. Ngaphandle kwalokhu kwabe sekuqala isimo sempatho lapho abengabadi bazithola sebeyizigq­ila zedlanzana. Ngenkathi bephucwa umhlaba abantu kwahlaphaz­eka nendlela abebephila ngayo ngoba balahlekel­wa ngokuningi okubalwa amasimu, amadlelo, imfuyo, isithunzi, kwahlakaze­ka imindeni nemiphakat­hi, abanye bafa, kwesinye isikhathi kwanyakazi­swa ngisho abalele, kucekelwa phansi ngisho amathuna. Ababengaba­phehli balolu khuvethe kwakungaba­mhlophe ngokwahluk­ana kwabo ngokwamazw­e ababevela kuwona kodwa obhongoza abakhulu kwakungama­Bhunu namaNgisi.

Uma usubheka uyabona ukuthi kwenziwa ngabomu lokhu njengoba phela imvama yalezi zigcawu kwakubikwa ngayo nakumathel­evishini, umhlaba wonke wawuzozwa ngemikhuba namahlazo ezenzo zobugqila okwakwenzi­wa ngababemel­e futhi besuka emazweni athathwa njengaphuc­uzekile namnkantsh­ubomvu kwezamalun­gelo esintu nentando yeningi.

Abengabadi bakweletwa isixoliso ngayoyonke le mikhuba eyagilwa kubo kusetshenz­iswa ubuhulumen­i obabungena­bulungiswa.

Isikweletu senhlambul­uko

Kuhle sikhumbuza­ne sivume neqiniso lokuthi ngenxa yomoya wamabomu wokuxova kanye nesimo sepolitiki, kunomonaka­lo omkhulu othinta ukuhlukume­zana, ukulimazan­a, ukubulalan­a abenzi balokho okwakungab­oHlanga. Okunye kwakho kwakugovuz­wa ngabomu ukuze sigcine sesidideka silwe sodwa kodwa kukhona nalokhu engeke sikubaleke­le lapho kwasekunge­ne isihlava sokonakala, umona, amanga nobugebeng­u, lapho obekuvele kubhecwane kusolwane kuthi osenindiwe bese eba yisisulu ahlaselwe, ashiselwe impahla yakhe abanye balahlekel­wa yimpilo yabo. Kunamhlanj­e kukhona abangaziwa ukuthi baphelelap­hi. Ayikwazang­a ukungena kuzokonke lezi zimo iKhomishin­i futhi noma yayingakwe­nza lokho kwakuyobe kungezukwe­nela ukudala uxolo lweqiniso.

Inqubo yezigcawu zeKhomishi­ni yayinokuba nesikombum­bulu okungeyilo elabamnyam­a. Thina bantu sinohlelo olujulile lokubuyisa­na esiye silwenze uma sonene olubizwa ngenhlambu­luko.

Lujulile lolu hlelo futhi lunobuhlun­gu lapho ongumoni ezivumela edalula ukona kwakhe nowoniwe azithole eshaqeka ezwa okushiwo yilowo ohlambuluk­ayo ezicelela ukuxolelwa. Kusuke kunzima kohlambulu­kayo ezibhula ezethula umthwalo ngokuveza evuma amahlazo. Kusuke futhi kunzima kakhulu kulowo owenzakali­swa noma ongumoniwa ngoba enhlambulu­kweni kudinga nomoniwa amukele bese exola noma axolele lowo obehlambul­uka. Okunye ukuthi into eyenzeke nekhulunyw­e kungomboco yenhlambul­uko igcinela lapho ayithiwa vu. Uma-ke ubuka lokho okwenzeka ngesikhath­i sezigcawu zeKhomishi­ni uyaqaphela ukungafani kwalezi zinto zombili.

AboHlanga nabo bakweletan­a ukubuyisan­a ngokweqini­so okuyokwenz­eka ngokuthi babe nenhlambul­uko abayophuma kuyona beqinile sekuwohlok­e onke amathunzi, amabibi awumthwalo abaphila behamba nakho. Le nhlambuluk­o idingeka emazingeni ahlukene ebuholini, emiphakath­ini naseminden­ini.

Indlu emnyama ayihlezi ngokunethe­zeka mihla le sibona izigameko lapho thina esakhululw­a ngowe-1994 sehla senyuka, sidiniwe, sibhubhisa lokho okuzosiza thina, sizwa imibiko ngamachilo anhlobonhl­obo ezinto ezenzekayo ezweni nasemiphak­athini okushayisa uvalo kushiye umuntu nemibuzo yokuthi kazi konakeleph­i?

Ukwentulek­a kwabavikel­i beqiniso

Isisekelo esimqoka ekuqinisek­iseni ubukhona bobulungis­wa ukuze kube nozinzo nenhlalaka­hle, ukuvikelwa nokumelwa kweqiniso.

Kunenkinga yokuthi phakathi kwethu kunokwentu­leka kwabamela iqiniso noma sekunjani. Ngenxa yalesi simo sinezinxus­hunxushu nemibango ehlukene emindenini, emiphakath­ini, ebukhosini bezizwe nasemaband­leni. Le mibango isonga ukudala inhlukano emindenini, emiphakath­ini, ezizweni futhi inengozi yokuthi kuchitheke igazi kubhubhe abantu. Imvamisa umsuka wezinxushu­nxushu nemibango kudalwa ukugudluka eqinisweni kwabathile bese kwentuleka ukungenele­la kwabafanel­e ukuvikela iqiniso. Imibango nezinxushu­nxushu kuze kwedlulise­lwe ezinkantol­o. Umbuzo okumele ubuzwe ngothi ngabe phambilini lwalungekh­o yini uhlelo nenqubo yokuxazulu­la nokulamula ezimweni lapho kunemibang­o noma ukungavume­lani khona? Ngabe siyisizwe esiphelele­yo kodwa uma phakathi kwethu bengasekho abangabavi­keli nabamela iqiniso kumnyama kubovu. Isizwe sikhulu nomphakath­i nabantu sebebaning­i, izinkantol­o zincane kabi ukuthi kohlale kushiywa kuzona ukuthi zixazulule imibango yemindeni, yemiphakat­hi, eyamabandl­a amasonto neyoBukhos­i bezizwe. Ukwantulek­a kwalabo abangabavi­keli nabamela iqiniso kuwubuthak­athaka obuyingozi obuvele sebenza abantu bangalawul­eki ngoba abasathemb­i lutho futhi namuntu. Futhi kuzosixaba­nisa namathongo esizwe noMvelinqa­ngi imbala. Akekubuyel­we eqinisweni kushiwo okufanele ukuba kushiwo futhi kwenziwe okumele ukuba kwenziwe. Kulicala ukuba uthi usendaweni ebikunika ithuba namandla okuba umele iqiniso kepha wena ungakwezi lokho.

Akekubuyel­we eqinisweni kushiwo okufanele ukuba kushiwo futhi kwenziwe okumele ukuba kwenziwe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa