INdlunkulu kaZulu nabakwaShandu basondelana
INgonyama uNdaba yaganwa ngamakhosikazi amaningi, kodwa kugqame amathathu okubhalwe ngawo lapha. Kwakukhona uNdlunkulu ozala uMntwana uXhoko, okunguyena iSokanqangi leSilo uNdaba. UMntwana uXhoko nguyena oyikhanda lesizwe sakwaBiyela. Kwase kuba khona uNdlunkulu uMaNtshangase ozala uMntwana uMnomo iNkosana yendlu yaseGazini. AbakwaNtshangase laba bazalwa ngaphakathi eNdlunkulu yobukhosi bakwaZulu. Yingakho, kwathi uma kusoleka ukuthi iSilo uNdaba sesenze umonakalo, sakhulelisa intombazana ngaphakathi kwabegazi loBukhosi, yase iwuqamba igama umuzi kaMaNtsangase yathi kuseGazini.
INgonyama uNdaba yabuye yaganwa yintombi yasebukhosini bakwaShandu ogama layo kwakunguSithuli, indodakazi kaNkombane, wasoSebeni. UNdlunkulu uSithuli wafakwa endlini yangenhla kwaNdlovukazi uBayeni. Ukugana kukaNdlunkulu uSithuli kwenza kwaba khona ukusondelana okukhulu phakathi kwabakwaShandu kanye neNdlunkulu yakwaZulu.
UNdlunkulu uSithuli ugana lapha eNdlunkulu kaZulu nje naye uzalwa ngabomliba weNgonyama uMageba. Phela laba bakwaShandu bazalwa nguMntwana uMpangazitha kaMageba esigodlweni saseMakheni. Nokho-ke bonke abendlu kaMpangazitha base bezakhele ubukhosi babo, sebaziwa ngokuthi ngabakwaShandu. Kwathi ekuganeni kukaNdlunkulu uSithuli wathola izingane zabafana ezimbili okunguMntwana uJama kanye noMntwana uNkwelo. Kwathi ukuthatha kweNgonyama uNdaba isihlalo soBukhosi, yase ithutha enxiweni laseMakheni, isiyokwakha owayo umuzi endaweni yaseZindumeni eduze nomthombo kaXhakaza. Yawuqamba lowo muzi ngegama leSigodlo sikayise yathi kuseMakheni.
INgonyama uNdaba yabuye yavusa umuzi waseMqekwini eduze komfula iMunywana. Lapha eMqekwini iNgonyama yayifuye khona izinkomo ezimnyama zodwa kanye nezimbuzi ezimnyama ezinoboya obude. Izikhumba zalezi zimbuzi kwakwakhiwa ngazo iziphuku ezazembathwa ngaBantwana beSilo. Kwathi ukukhothama kweNdlovukazi uBayeni kwase kuhlala esikhundleni sayo iNdlovukazi uSithuli sikaNkombane. INdlovukazi uSithuli ingena kulesi sikhundla nje indodana yayo uMntwana uJama wayesebekiwe esihlalweni soBukhosi bakwaZulu. Ngokwempela isigaba sendlovukazi yisona esasihlonishwa kakhulu endlini yeSilo uZulu kaMalandela. Yingakho uthola ukuthi iziNdlovukazi zoBukhosi bakwaZulu zaziba nezwi elihlonishwayo esihlalweni soBukhosi.
Izwe lonke lwakwaZulu lajika labizwa ngeNdlovukazi uSithuli ngangokuthi ngisho aBantwana bendlu yobukhosi bathatha igama layo balenza isithakazelo sabo, namanje basathakazelwa ngayo. Abaningi kuyaye kubadide kakhulu uma bezwa kuthakazelwa abakwaZulu ngesithopho sokuthi: “Sithuli”.
Abanye bayaye bacabange ukuthi uSithuli lona igama lenye yaMakhosi oHlanga, kanti kakunjalo, yiNdlovukazi ezala iSilo uJama. Indlu yeNgonyama uZulu yayithakazelwa kuthiwe: “Lubololwenja”, okuyisona sithakazelo esiqondene nabendlu yoBukhosi bakwaZulu. INgonyama uJama kwakungayiphathi kahle uma beyithopha ngalesi sithakazelo sayo. Kwakuthi noma ihlezi namaphovela ayo ezwakale eyithopha ethi: “Lubololwenja”. Kanti kuthi uma kuqhamuka iNdlovukazi uSithuli kuzwakale ngesahho esikhulu bekhuleka bethi: “Ndabezitha!”.
Kwathi ngelinye ilanga iNgonyama uJama yaqonda kunina iNdlovukazi uSithuli yafike yacela ukuba ithoshwe ngesithakazelo sakhe esithi: “Ndabezitha”. INdlovukazi yameluleka umtanayo ukuthi akayocela lokho komalume bakhe. ISilo kasikwamukelanga ukuthi kasiyocela komalume baso ngoba lokho kwakuyosho ukuthi uma bengasafuni naso bayomephuca sona. ISilo uJama sasingumuntu okhaliphile kakhulu ngomqondo futhi sasivelele kakhulu ekucibeni ngomkhonto esikhathini sokuphila kwaso ngoba phela izimpi zaziliwa ngokuciba ngomkhonto ngaleso sikhathi.
INgonyama uJama yacabanga amasu okuthi konje lesi sithakazelo esihle kangaka sabakwaShandu ingasithatha kanjani kube ngesayo. Iqhinga lavela masinyane enqondweni yaso. Yase iphonsela umalume wayo, iNkosi uShandu inselelo yokuba kebabhekane ngokuciba insema ngemikhonto.
INkosi uShandu yavumela phezulu ngoba yayimeya kakhulu umshana wayo. INkosi yakha isivumelwano neSilo uJama sokuthi lowo oyogwaza kuqala insema iginqika ngesivinini esikhulu nguyena oseyothakazelwa kuthiwe: “Ndabezitha”. INkosi yakusho lokhu ngokukhulu ukunganaki.
Yayinokuzethemba okukhulu ukuthi yiyona eyohlabana kuqala kanti kayibuzanga elangeni.
Umshana weNkosi uShandu elakhe ijozi lalihlaba emhlolweni.
Lwafika usuku lwamanqamu, yase ihlangana inkawu nesikhwebu. Ithuba lokuqala lathathwa iNkosi ushandu, kepha yehluleka ukugwaza insema. Kwase kungena iSilo uJama, okwathi uma beyiphonsa nje insema, sayithunga ngejozi laso kwasengathi besiyibanjelwe. Izibukeli zayo zakhuza ihhule.
Kuthiwa iNkosi uShandu yethuka ibona indlela iSilo esasiyigwaza ngayo insema, yaze yazifihla ngesiphuku eyayisembetehe. Yasithatha kanjalo isithakazelo seNkosi uShandu iNgonyama uJama.
INgonyama uJama yase ithi abakwaShandu sebeyothakazelwa ngokuthi: “Mbatha”.
Yathi abasekhabonina ibanikeza isithakazelo saseMaMbatheni ngoba iNkosi yabo ize yembatha isiphuku, yacasha ngaso. Amasu namaqhinga, okwakufanele ihambe ngawo ukuze ithole lesi sithakazelo seNkosi uShandu yawathola ekwesekelweni yiNdlovukazi eyizalayo.
INdlovukazi uSithuli yayifunde okuningi kumyeni wayo, eyakuthatha yakwedlulisela kumtanayo iSilo uJama. Kwakunesiko lokushiswa kwempepho kanye ngonyaka edlinzeni leSilo uNdaba. Babehlaba izinkomo ezimnyama, bahlabelele amahubo amakhulu esizwe, basine, babongele namakhosi aleleyo.
Leli siko lokushiswa kwempepho laliwumkhuleko wokuhlanganisa abaphilayo nabaleleyo. Leli siko labe liwumkhulelo omkhulu wokubonga uMvelinqangi kanye nezinyanya zobukhosi ukubavikela emikhuhlaneni nasezitheni zabo. Umphumela wokwemukeleka kwalo mkhuleko wabo wawubonakala ngokuba izulu line imvula enkulu. INdlovukazi uSithuli ilele esigodlweni sayo eMakheni esasakhiwe endaweni yeziNyanya zaseZindumeni.