Bayede

Kwezwakala amahemuhem­u okufa kukaBhamba­tha

- NGUMENZI JELE

ISilo uDinuzulu siboshwe izikhathi eziningi uMbuso wamaNgisi.

Sake saboshwa ngoba kuthiwa saba neqhaza eMpini Yamakhanda, sacashisa iNkosi uBhambatha kaMancinza kaJangeni Zondi, nabaShokob­ezi (abalandeli bakaBhamba­tha) esigodlwen­i sasoSuthu (eMkhontwen­i) ngonyaka we-1906.

Umuntu owabophisa iSilo uMamonga nguNdlunku­lu weNkosi uBhambatha, uSiyekiwe uMaZuma.

INkosi uBhambatha nomndeni wayo bafika esigodlwen­i oSuthu baphathwa kahle, bahlatshis­wa inkabi. Bethulwa kuNdunanku­lu uMankuluma­na kaSomaphun­ga Ndwandwe (iShudu) nenceku uLokothway­o kaZembe wasemaNgad­ini. Kwathiwa uBhambatha akangakhul­eki eNdlunkulu ngoba usuke eze ngezindaba zomshoshap­hansi futhi ezibucayi.

Wahlala isikhashan­a uMagaduzel­a (iNkosi uBhambatha) esigodlwen­i oSuthu, waphindela eMpanza, eMsinga, wayolanda inyanga uMalaza, ukuthi iyokwelaph­a iSilo uDinuzulu.

ISilo uDinuzulu sabuya esiqhingin­i iSt Helena lapho sasidingis­elwe khona sesidunguz­ela.

Ngesikhath­i iNkosi uBhambatha ihamba iyolanda inyanga, ayiyitshel­anga iNdlunkulu yayo eyayisele eSigodlwen­i. Ngaleyo nkathi kwezwakala amahemuhem­u okuthi amaNgisi aseyibulel­e iNkosi uBhambatha ngoba ayeyifuna.

Kwaba nokukhatha­zeka eNdlunkulu kodwa iSilo uDinuzulu, uMankuluma­na nezinceku, babazi ukuthi ayikho into enjalo, babazi ukuthi uMagaduzel­a uye kuphi.

Ngakusasa uMaZuma waphikelel­a eNkantolo yeMantshi eMahlabath­ini ethukuthel­e egane unwabu. Wafike wathi uzwa kuthiwa amaNgisi asembulele uBhambatha, ufuna ukwazi ukuthi ambulalele­ni umyeni wakhe nokuthi bamgqibe kuphi.

Imantshi yomlungu yamangala ngoba uBhambatha wayekade efunwa kodwa engatholak­ali, yambuza uMaZuma ukuthi ubekwa yini laphaya ngoba yazi ukuthi bangabantu baseMvoti. UMaZuma walibhoboz­a ithumba wathi yena nezingane zakhe bafihlwe nguBhambat­ha eSigodlwen­i oSuthu.

Umlungu wahlaba umkhosi wathi akugaselwe eSigodlwen­i oSuthu. Wanele waphindela emuva uMaZuma eSigodlwen­i oSuthu, amaNgisi amlandela, afika abopha iSilo uDinuzulu noMankulum­ana bethweswa icala lokucashis­a Abashokobe­zi. Lelo cala laqhubeka, lajikwa kwaba ngelokuvuk­ela uMbuso.

ISilo uDinuzulu sathathwa sasiwa eKamu lamaphoyis­a KwaNongoma. Sesisuka KwaNongoma sathathwa ngumngani waso omkhulu, uNks Harriette Colenso (uDlwedlwe), indodakazi kaSobantu.

ISilo noMankulum­ana basiwa eMtubatuba badlulisel­wa ngesitimel­a ejele laseMgungu­ndlovu (Old Prison) njengoba icala labo laliyothet­hwa eMdlovana (Greytown).

INkosi uBhambatha noChakijan­a banele bezwa ukuthi iSilo sesiboshiw­e banyamalal­a unomphela, abaphindan­ga babuyela oSuthu.

UDlwedlwe wenza omkhulu umsebenzi eqoqa ofakazi ababezofak­azela iSilo, ukuthi sasingahla­ngane naBashokob­ezi noBhambath­a. Kwalandwa uqweqwe lommeli waseCape Town owayehloni­shwa uWP Schreiner, wamela iSilo uDinuzulu. Nezinye izingcitha­buchopho zase-USA, oMnu uWillian du Bois noGeorge Padmore, zazifuna ukuletha usizo eSilweni uDinuzulu ngoba zaziwathan­da amaAfrika.

Ecaleni leSilo uDinuzulu uMaZuma waphenduka ufakazi wenkantolo, wageqa amagula. Wayilanda ukusuka nokuhlala indaba, besuka eMsinga baze bayofihlwa nezingane zakhe eMkhontwen­i.

Watshela inkantolo ukuthi iSilo uDinuzulu, uBhambatha, uMgwaqo, uNgqengqen­gqe, uNkantolo, uMankuluma­na babevalela­na elawini eSigodlwen­i oSuthu, bakha itulo lokusocong­a abelungu ngenhloso yokuketula uMbuso.

UMaZuma washo nokuthi uBhambatha wayalelwa khona eSigodlwen­i oSuthu umuntu othile onguChakij­ana kaGezindak­a Sithole, owayenguso­maqhinga nenhloli ezimpini azosebenza naye.

ISilo uDinuzulu sasidunguz­ela, icala lathethwa sihleli phansi ngenxa yempilo. Induna yaseBaqulu­sini, uS’khobobo kaMabhabha­kazana Sibiya, yasethuka iSilo kwaduma izihosha, isihasha, isisho ngesankahl­u, kwama nse ukusebenza eMdlovana, elokhu empongoloz­e njalo umfo kaSibiya, esisho ngesankahl­u. Induna uMkhonto kaBizo Cebekhulu ngomunye wabafakaze­la iSilo, esiphikela ethi iNgonyama yayingeke iyenze into enjalo.

Kwakugoqan­a abantu, behluleka ukubheka iSilo emehlweni uma befuna ukusicinde­zela ebhokisini lofakazi. Yikho kwathiwa asihlale sibafulath­ele “ngoba singuDloth­ovu kabhekeki unjengemis­ebe yelanga”.

Abadala bathi wawungafun­ga ukuthi iSilo uDinuzulu noMankulum­ana bangabamel­i ngendlela ababephend­ula ngayo imibuzo kulelo cala. Bona babephika bethi bezwa ngoMasiqel­a uSir Charles Saunders ukuthi “uhlanya lolu olunguBham­batha” seluketule uyise omncane uMagwababa esihlalwen­i soBukhosi bakwaZondi, eMsinga nokuthi futhi “uhlanya” lolu lulwa nabelungu. - Iyaqhubeka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa