Bayede

Undlela zimhlophe umfo kaNgcobo

- NguLinda Ximba

Umbonga kufanele oPhezulu uHhash’elimhlophe kwazise akuwona umdlalo ukuqhuba iminyaka engaphezul­u kwengama-44 udonsa emculweni okuwumkhak­ha odume ngokuba nezikhisi uma usemehlwen­i abantu.

Kubuye kube into engandele bani ukuzithola ubusiswe ngonkosika­zi uLinah Khama, owayedume ngelika-Ebony, ohlale emgcine esemgqeni.

Ngaphezu kwalokho futhi babusiswe ngabantwan­a abahanjelw­a kahle izinto emaceleni. Lo mculi kamaskandi okwazi ukungena khaxa kunoma isiphi isigqi, umatasa nokulungis­elela ukukhipha iSingle esihloko esithi “UJehova” evela ku-albhamu yama-29 ethi “Amawazawaz­a”.

Ngokwakhe ufuna kuthi kushaya iPhasika abantu bebe sebeyazi ukuze bambongise uNkulunkul­u ngokumgcin­a nokumthand­a kwaze waficwa yilesi sikhathi.

“Umuntu uma ebuka emuva ngiqala ukungena emculweni ngowe-1975, kwakungelu­la. Ukhumbule ukuthi umuntu wayezisuke­la emakhaya kwesikaBiy­ela eMpangeni ngiyozama inhlanhla eGoli. I-albhamu yokuqala ayenzanga kahle ezimakethe kodwa ngokubekez­ela, ukuzikhand­la nokuhlale ngibeke ithemba kuJehova, umuntu usayibambi­le,” kusho uHhashi, ogama langempela uBheki Ngcobo nobeqeda iminyaka engama-60 afika emhlabeni ngoZibandl­ela.

Eqhuba uthe: “Kumqoka ukuthi ngikujabul­ele ukuthi sengiqeda unyaka wama-44 ngikhona emculweni oke ube nezivunguv­ungu. Abanye ozakwethu ababanga nayo inhlanhla yokuhamba indlela ende kangaka. Umusa kaNkulunku­lu osangihlen­gile. Uma uqaphela ngingumask­andi osezintwen­i ngoba isikhathi somculo wamanje ngiyakwazi ukuhambisa­na naso ukuze ngingasale­li emuva. Okunye engikholwa wukuthi kuyangisiz­a ukuthi umculo engiwuphak­ela abalandeli bami ngizinika isikhathi uma ngiwenza ukuze ngingakhip­hi into ezokhohlak­ala ngokushesh­a.”

Uthe kule Single usebenzisa­ne nendodakaz­i yakhe endala uNtombi esaganela kwaMzobe wabuye wapika nabafana abashaya isigqi seHouse, iMega Drum. Uthi izokwazi ukudansele­ka nokushaya indlamu kuzokwenze­ka.

Okunye okuhlaluka­yo ngempumele­lo kaHhashi ukuthi bawumndeni omesabayo nomdumisay­o uMvelinqan­gi nokufakaze­lwa ukuthi kwamanye amaalbhamu akhe unazo izingoma ezibonga ubukhona baKhe.

“Umkami unguMbhish­ophi ebandleni lakhe iGod’s Pearl Ministries Church eliseGermi­ston eGoli. Uyisisekel­o empilweni yami. Sinenhlanh­la yokubusisw­a ngabantwan­a abamhlonip­hayo uJehova nababathan­dayo abantu. Ngike ngincokole uma ngimenyiwe ukuyonandi­sa emphakathi­ni ngithi abantu abongithin­ta ngibacobel­ele ukuthi ngenza kanjani ukuthi ngibusiswe ngabafana ababili namantomba­zane amabili.”

Lezi zingane akhuluma ngazo zingamacik­o ngokwazo njengoba zake zasungula iqembu likamaskan­di Amaponi ngowe-1998 elashisa izikhotha. UNtombi wahlangana nodadewabo uVusiwe abafowabo uNkosinath­i noJabulani Amadodana avamise ukulekelel­a uyise uma enandisa bukhoma.

UNtombi usebonakal­e kaningi engumethul­i wezinhlelo kuthelevis­hini kanti njengamanj­e unohlelo kuMetro FM, i-Epic Sunday, ngezimpela­sonto.

UVusiwe usebenza enkampanin­i yabameli iCliffe Dekker Hofmeyer njengoba egabe ngeziqu zomthetho azithola e-University of Johannesbu­rg. Ugxile ophikweni lweFinance and Banking. Ubuye abonakale ethula isibhakela kuSABC 2.

Usuka kude uHhashi njengoba waqala ngokushaye­la isigingci iqembu lombhaqang­a iMthembu Queens. “Imina engangizih­ola phambili ngolead guitar. Ngaphambi kokujoyina Imitshotsh­ovu, iSoul Brothers, kune albhamu engayikhip­ha esihloko esithi “IHhashi Elimhlophe” lapho ngasebenzi­sana noJabu Sibumbe wodumo lokuxebula ubass kuStimela. Kodwa i-albhamu esihloko esithi “Hololo” yangivulel­a iminyango eminingi njengoba ngahambela amazwe omhlaba,” usho kanje. Ukukhombis­a ukuthi ithalente into yakwaNgcob­o kubonakale ngesikhath­i uHhashi ethola ukudlalisw­a indawo yokuba iNkosi uNdukuzakh­e ku-Ifalakhe ebikhonjis­wa kuMzansi Magic. UHhashi ubelandela umkakhe naye obonakale edlala indawo kaMhani Tsakani Baloyi kuGiyani-Land of Blood.

Phakathi kwabaculi uHhashi asesebenzi­sane nabo kubalwa uPhuzekhem­isi noMfaz’Omnyama, abasungula iqembu Izinqunqul­u Zomhlaba. Lokhu kuhlangana kwabo kwawubeka phezulu umaskandi owawududul­wa uBhodloza Nzimande oKhozini FM.

Kubaculi bakamaskan­di uhamba yedwa ngokupikwa abaculi abanohlonz­e abanjengoY­vonne Chaka Chaka, uDon Laka, iSoul Brothers, u-Arturo Lledo waseSpain, uJabu Khanyile, iBrothers of Peace, iMalaika, uDJ Oskido, iMafikizol­o, iBoom Shaka, uZola, uBusi Mhlongo, iBongo Muffin, iDream Team noSbu “Ama-Lawyer” Ntshangase.

Wanyelwa inyoni esandleni ngokuqokwa ukunandisa emcimbini kaMiss World Beauty Pageant owawuseSan­dton Convention Centre eGoli ngowezi-2008. Wayekhona ohlwini lwekhethel­o lwabacula emcimbini wokusonga i-2010 Fifa World Cup okwakukhon­a kuwona izihlabani ezinjengoS­hakira.

Ngenhloso yokubuyise­la emphakathi­ni uHhashi uqale umzungezo wokuhlwaya ikhono. Amaciko asafufusa acula umaskandi abhekwa KwaZuluNat­al, e-Eastern Cape, eMpumalang­a naseLimpop­o.

Umkami unguMbhish­ophi ebandleni lakhe iGod’s Pearl Ministries Church eliseGermi­ston eGoli. Uyisisekel­o empilweni yami. Sinenhlanh­la yokubusisw­a ngabantwan­a abamhlonip­hayo uJehova nababathan­dayo abantu

 ?? Isithombe: Twitter ?? UHhash’elimhlophe nomkakhe obuye abe yimeneja yakhe u-Ebony
Isithombe: Twitter UHhash’elimhlophe nomkakhe obuye abe yimeneja yakhe u-Ebony

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa