Amabhisikidi emfologo
Namhlanje sizocobelelana ngendlelakwenza engicabanga ukuthi ingelula ukwedlula zonke ezikhona. Ngezithako ezine nje kuphela, noma ngubani angakwazi ukwenza lolu hlobo lwamabhisikidi.
Izithako
Ama-100g ebhotela elithambile, elingaphumi efrijini Ithispuni elilodwa (1) le Vanilla Essence
Ama-50g kashukela ocolisekile (Caster Sugar) Ama-150g kaflawa iSelf-Raising
Indlelakwenza
Shisisa uhhavini ngokuwubeka ku180°C.
Lungisa ipani (eliyisicaba) ngokubeka iphepha lokubhaka kulona, bese ulibeka eceleni
Endishini enkulu, faka ibhotela bese ulicuba ngomshini kagesi uze ube sakhilimu.
Qulela iVanilla Essence bese uhlanganisa ngesipuni esikhulu. Qulela ushukela uqhubeke uhlanganise ngesipuni.
Faka uflawa, uhlanganise, uqikelele ukuthi azikho izigaxa eziba senhlameni yakho. Ngiyakuncoma kakhulu ukuxuba ngesandla.
Hlukanisa inhlama uyenze amabhola amancane
Beka amabhola epanini lokubhaka. Qikelela ukuthi ushiya izikhala ezanele phakathi kwamabhola akho Cindezela amabhola akho ngengemuva lemfologo ukuze abe sasicaba.
Qikelela nokho ukuthi angacabalali kakhulu
Faka ipani kuhhavini, ubhake imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu kuya kwengamashumi amabili (kuya ngokuthi ufisa ashe kanjani). Khipha amabhisikidi akho uwabeke esithebeni sokupholisa aphole. Ukuhlobisa amabhisikidi akho noma ufuna ukunambitheka okwehlukile, ungacobhoza ingxenye eyodwa yebhisikidi ngalinye kushokoledi oncibilikisiwe. Bheka isithombe esingezansi. Ngiyabonga kakhulu kwababhalayo ngemibuzo nezincomo. Ungangithumelela i-imeyli ku: szungu@ nkzgroup.co.za uma ufisa ukuxhumana nami.