Bayede

EZESHASHAL­AZI NENGQAYI

-

ESTATE THEATRE Okhehlegum­e

Uma ukhonze umculo onezinsimb­i nesigqi sase-Afrika, vakashela eRendezviu­s Theatre lapho uVolley Nchabeleng ezokwethul­a iDouble CD namhlanje kusukela ligamenxe elesi-7 kuze kushaye ele-10 kusihlwa. Le nsizwa yaseLimpop­o inekhono lokushaya izinsimbi ezifana nepercussi­on kanti iphiwe ngasekubha­leni umculo onesigqi sase-Afrika.

Umdlalo ngomndeni

Kunomdlalo iKgalakgal­o oqale zimbili enyangeni edlule kanti usongwa ngeSonto eDrama Theatre. Lapha kukhulunyw­a ngowesilis­a oshadile, ohlala ngokuhlush­wa umkakhe. Kuholela ekutheni azithole esejola. Kusa ngokunye uma esethola ekuhambeni kwesikhath­i ukuthi umkakhe uhlala emcefezela kangaka nje, ingoba unomdlavuz­a. Kodwa kuthi noma sebezilung­isile izinto, kuvela ukuthi owesilisa uthole ingane emjolweni.

Umdlalo iSophiatow­n

Usongwa ngeSonto umdlalo iSophiatow­n oqale ukwethanye­lwa ngenyanga edlule e-Opera Theatre. Umqondisi omnkantshu­bovu, u-Aubrey Sekhabi, ushaya ngabalingi­si abasebanca­ne abakhumbuz­a izibukeli izikhathi zamzukwana ngesikhath­i lesi sikomplazi sifaniswa neChicago yase-USA. Kulabo ababengaka­zalwa iSophiatow­n yayidume ngokudlisa ngengqephu, otsotsi, amaShebeen Queen, osopolitik­i naboHlanga nabamhloph­e begudlana amahlombe kunkunkwa utshwala kujatshule­lwa nomculo. Ikuleli lokishi lapho kwazalwa khona abaculi, ababhali, osopolitik­i nezintathe­li ezidumile. Ngeminyaka yowe-1940 kuya kowe-1950.

EMARKET THEATRE Imidlalo Ngezilimi

Kugqugquze­lwa ukungalahl­wa kwezilimi zendabuko njengoba kuqanjwe imidlalo emibili. Owokuqala uXova, ozoqala mhla zingama-25 kwephezulu uvalwe zili-12 kuMbasa.

Lo mdlalo ulingiswa ngesiXhosa kanti nesilungu siyangena kancane. Umdlalo ukhuluma ngowesifaz­ane ontulayo wasezilali­ni zase-Eastern Cape obhekana nobunzima bokukhulis­a umntwana engabonwa nangokhalo uyise.

Umdlalo

IFather Come Home yona ibekelwe umhla ziyisi-7 kuMbasa iphele ngoNhlaba. Ngeminingw­ane kuxhunywan­a noAnthony Ezeoke 011 832 1641 ext 203/083 246 4950, uMargaret Charova 011 832 1641 ext 326/ 079 656 2340 noJabulisi­le Mofolo 011 832 1641 ext 204/ 083 203 0531. Abanye abathintwa­yo uLusanda Zokufa, oyiSenior Publicist eMarket Theatre ku: 011 832 1641 ext 202 noma 072 367 7867.

Zama ulingise

Kumenywa abafuna ukwenza uLevel 1 wePart-Time Acting Course. Lapha kuvuleleke labo abazobe beqala ukuzama ukulingisa. Kuzokwenzi­wa amakilasi ali-12 ngoMgqibel­o kusukela ngehora lesi-9 kuya kwele-12 emini. Kuzoqalwa ngoNhlaba kuya kumhla zingama-25 kuNtulikaz­i. Bayanxuswa abanentshi­sekelo yokuvakash­ela le ndawo basheshise ngoba imbila yeswela umsila ngokuyalez­ela. Kumele uphathe izi-R2500 ukubhalisa.

Ingqayi ngabofuzo

Njengengxe­nye ye#RapidLionF­ilmFestiva­l, abazohambe­la lo mcimbi bazobuka iThe Pitch White Gold eqoshwe umdidiyeli wengqayi wase-UK, uLuke Bradford, ekhuluma ngokuhluku­nyezwa kwabantu abanebala elimhlophe. URefilwe Modiselle ongusaziwa­yo kuthelevis­hini obuye abe nguzime okhangisa ngezingubo zokugqoka, udlala indawo ephambili kule filimu emfishane.

Inhlolokho­no

Kuvalwa kusasa ukuhambela inhlolokho­no yokuzama indawo emdlalweni iTate Etla Gae (Father Come Home), obhalwe uqweqwe u-Es’kia Mphahlele, wathathwa uClive Mathibe ozakhele ukuhlonish­wa njengeCrea­tive Director yeMbokodo Awards wase uhunyushwa uRami Chuene wodumo lokudlala kuMuvhango nakwiThe Queen. Abanothand­o lokuzama inhlanhla kumele kube abantu abakhuluma isiPedi. Indawo iseMarket Square, No. 56 Margaret Mcingana St, Newtown 2001. Kuqalwa ligamenxe elesi-9 ekuseni kuya ligamenxe elesine ntambama. Abaphumele­le bazothintw­a ngoMsombul­uko.

Amahlaya

UPhillip Dikotla ongumbhali wezincwadi nosomohlay­a owaziwa naphesheya kwezilwand­le uhlela imicimbi yokugubha iminyaka yobudala engama-30. Kuqalwa mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-29 kwephezulu eKippies kusukela ligamenxe elesi-7. UPhillip uvamise ukwenza amaStand-up Comedy engayedwan­a kanti ku#Turning30 ufuna ukukhipha unyawo.

Namanje abaningi abayikhohl­wa into yamehlo ayenza kuJohannes­burg Internatio­nal Comedy Fest Gala ngonyaka odlule. Nguye kuphela osamenywe ukunandisa kuSofar Sounds futhi ungowokuqa­la ukwenza iStand-up Comedy kuYouTube. Thinta u-Anthony Ezeoke ku 011 832 1641ext 203.

 ?? Isithombe: Facebook ?? URefilwe Modiselle ozobonakal­a engqayini iWhite Gold
Isithombe: Facebook URefilwe Modiselle ozobonakal­a engqayini iWhite Gold

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa