Bayede

Azizenyezi ngokungafi­nyeleli kowamanqam­u

- NguSabelo Maphumulo

Yize iqembu lakuleli lingawunqo­banga umqhudelwa­no weWomen’s World Cup T20I obubanjelw­e e-Australia ophele ngeSonto kodwa iqiniso lithi izintokazi zakithi zidlale kahle kakhulu. Elakuleli liphume kumasemi- final likhishwa yi-India nayo eguqiswe i-Australia kowamanqam­u.

IBAYEDE ikhulume nenye yezintokaz­i ebezimele iNingizimu Afrika kulo mqhudelwan­o, uNonkulule­ko Mlaba, waseNtuzum­a eneminyaka yobudala engama-20 eyilandise ngohambo lwayo nekuzuzile ngalo mdlalo.

“Yize singawunqo­banga umqhudelwa­no obekuyisif­iso sethu kodwa kungijabul­isile ukuyomela iNingizimu Afrika kweyomhlab­a. Ngifunde ukuthi akufanele uzibukele phansi kodwa kumele uzethembe okuyinto ezokunqobi­sa umdlalo. Engikufund­ile e-Australia ngikholwa ukuthi kuzongiseb­enzela eminyakeni ezayo. Isifiso sami ukuqhubeka nokumela elakuleli,” kusho uNonkulule­ko. Ungene eqenjini lesizwe lakuleli ngoMandulo nyakenye wayidlala yonke imidlalo kweyeWorld Cup T20I.

UNonkulule­ko uthe selokhu efikile eqenjini uzizwa esekhaya ngoba iningi lezintokaz­i ezikulona uyazazi, zimenza azizwe esekhaya futhi amukelekil­e kanti ufunda okuningi kuzona.

Okubuye kumsize kakhulu ukuthi kukhona uNondumiso Shangase adlala naye eqenjini lesifundaz­we iKwaZulu

Natal Coastal abahlala ngandawony­e eNtuzuma ngisho nase-Australia bebehlala egunjini elilodwa.

Umehluko phakathi kweT20I, i-One Day Internatio­nal (ODI) neTest.

iTest: Ngumdlalo wekhilikit­hi odonsa kunayo yonke ekhona. Udlalwa izinsuku ezinhlanu. Yiwona othathwa njengosezi­ngeni eliphezulu ngenxa yokukwazi ukuveza ikhono lomdlali lokukwazi ukumelana nezimo zomdlalo ngokwehluk­ana kwezigaba zawo. Lolu hlobo lo mdlalo ludlalwa amazwe ali-12 anegunya alinikwa inhlangano ephethe lo mdlalo, i-Internatio­nal Cricket Council (ICC). Iqembu ngalinye liba nabadlali abali-11, umdlalo uba namangeno amane (4 innings) iqembu ngalinye liba namangeno amabili. Lapha eNingizimu Afrika kunoHashim Amla owayeshaya amaruns ali-100 emabholeni angama-200 kuya phezulu. Umdlali angashwiba amaova noma amangaki

iT20I: Lo mdlalo wasungulwa ngowezi-2003 ngenhloso yokwandisa uthando lwekhiliki­thi emhlabeni jikelele. IT20I idlalwa isikhathi esingamaho­ra amathathu. Iqembu ngalinye libhekana nama-ova angama-20, okusho ukuthi abashwibi bashwiba amabhola ali-120. Okwenza abantu abaningi bawuthande umdlalo weT20I ukuthi abasuke beshaya amabhola ( batting) bawashaya kuyo yonke indawo enkundleni ibhola nebhola imvamisa liyasebenz­a. Okunye okuwubufak­azi bokuthi imidlalo ye-T20I bayayithok­ozela ukuthi uma kudlalwa imidlalo ye-Indian Premier League (IPL), iMzansi Super League (MSL), iBig Bash League nePaskista­n Super League (PSL) izinkundla zigcwala phama. La maligi adonsa izihlabani ngenxa yemali eziyithola­yo uma ziyidlala, abanye sebeze bayenza ukudlalela amazwe abo. Umshwibi ( bowler) ngamunye ushwiba ama-ova amane okusho amabhola angama-24. Uma umshwibi eqe umugqa uyahlawula, ibhola elilandela­yo noma engathola iwikhethi lowo osuke eshaya ibhola ngeke aphume lokho kubizwa nge“free hit”.

i-ODI: I-ODI okuwumdlal­o wosuku olulodwa nawo ungawufani­sa neT20I. Umehluko ukuthi ama-ova aba ngama-50. Okunye okuhlukile ukuthi umdlali osuke eshwiba engashwiba ama-ova ali-10. Kudingeka umdlali osheshayo ekushayeni ibhola. Lapha eNingizimu Afrika umdlali owulolu hlobo uQuinton de Kock. I“free hit” ayikho kuma-ODI. Amazwe ayigxenye yalolu hlobo lomdlalo ngokugcwel­e angama-20.

 ?? Isithombe: GSport4Gir­ls ?? Iqembu ebelimele elakuleli kuT20I e-Australia
Isithombe: GSport4Gir­ls Iqembu ebelimele elakuleli kuT20I e-Australia

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa