Bayede

Impumelelo uhlala eyilangaze­lela umgwedli osemncane

- NguSabelo Maphumulo

Kuze kube yinamuhla umgwedli wezikebhe osemncane waseShongw­eni Dam, ngaphandle kwasePinet­own, usakhala ezimathons­i ngakubiza ngokugilwa abomqhudel­wano wokugwedla iDusi Canoe Marathon.

Lo mqhudelwan­o ongomkhulu kwezokugwe­dla obanjwa minyaka yonke usuka eMgungundl­ovu uphelele eThekwini, ubumhla zingama-29 kuNhlolanj­a nonyaka.

UNosipho Mthembu oneminyaka yobudala eli-18, ukukhathaz­eka kwakhe ukuvezele leli phephandab­a ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nalo.

“Izinyanga ezinhlanu zonke ngishintsh­e indlela engidla ngayo. Ngizilolon­ga ngokuphind­iwe, ngizinikel­a ngakho konke. Imivuzo emihle ngayithola ngokuthi nginqobe ibanga lamakhilom­itha ali-120 kulo mqhudelwan­o (iDusi Canoe Marathon). Kuthe sekumele ngijabule nganikwa iphepha elisho ukuthi nginqobile kwathiwa imali ngizoyitho­la emuva kokuhlolel­wa izidakamiz­wa (Drug Test). Kodwa ngikhuluma nje kuze kube inamhlanje ayikho inkece engayithol­a. Lesi senzo asingithen­anga neze amandla njengoba ngisazimis­ele ukuzuza izinto eziningi kulo mdlalo,” kusho uNosipho.

Omunye ongayithol­anga imali nguPhumlan­i Mngwengwe obehambisa­na naye uNosipho kulo mqhudelwan­o.

Ngokusho komqeqeshi wakhe, uThemba Ngcobo, kuthatha isikhathi ukuthi labo abasuke benqobile bathole imali. Uthe kungenzeka baze bayithole ngenyanga ezayo.

Ngokusho kwale ntokazi enesizotha, iqale amabanga emfundo aphansi eDamini Primary School yasonga eThokozamn­ganga High School. Iqede umatikulet­sheni nyakenye. Ithe ukuqala kwayo lo mdlalo odlalwa kakhulu ngabebala elimhlophe ibineminya­ka yobudala eli-11.

UNosipho uthe okuyikho okwamenza waqoma ukudlala lo mdlalo ukuthi abantu akhule nabo babewudlal­a, naye wabe esethathek­a.

Nyakenye umele iNingizimu Afrika emqhudelwa­neni i-African Champs owawubanje­lwe eRabat, eMorocco, ngaphansi kweK4 okusho ukuthi babebane esikebheni ebangeni lamakhilom­itha angama-500. Le ntokazi neyayibamb­isene nabo u-Esti van Tonder, uBridgette Hartley kanye noDonna Hutton abazange baphoxe njengoba babuya nendondo yegolide.

Lo mgwedli weMzinyath­i Canoeing Club, ngawo unyaka odlule uqophe umlando eba ngowokuqal­a wesifazane waboHlanga ukudlala emqhudelwa­neni womhlaba eChina. Kulo mqhudelwan­o wayebambis­ene no-Army Perkett baphuma indawo ye-16 kuwona wonke amazwe.

“Emhlabeni uma ungumuntu kumele ukwazi ukubekezel­a nanoma kuthiwa ubhekana naziphi izimo. Noma kuthiwa ngithikame­zeka kanjani kodwa iphupho lami ngeke life, inhloso yami ukubeka igama lami phezulu ngihlonish­we umhlaba wonke,” kusho uNosipho.

IBAYEDE imbuza ukuthi njengoba izinto zokugwedla zibiza imali eshisiwe nje yena uzithenga kanjani, uthe: “Zonke izinto engizisebe­nzisayo zimahhala. Noma ngiya emiqhudelw­aneni ethize ngihamba mahhala, ingakho ngaso sonke isikhathi ngihlezi ngikulanga­zelele ukunqoba ukujabulis­a abaphathi, umqeqeshi kanye nomndeni wami.”

Le ntokazi iphinde yatshela iBAYEDE ukuthi ibonga umndeni wayo ohlezi uyeseka njengoba noma kuthiwa idlala kuphi uba khona. Uma iya kwelinye izwe uyayiphele­zela uyibeke esikhumulw­eni sezindiza. Ibe isibonga noSibonelo Khwela ohlezi eyikhuthaz­a.

IBAYEDE iphinde yakhuluma noNgcobo, imbuza ukuthi ngabe ungumuntu onjani futhi umbona ekuphi eminyakeni ezayo.

“UNosipho sengimqeqe­she iminyaka eminingi, uyisithixo senkosi, uzithobile uyahloniph­a kakhulu. Ngibonga ugogo nomama wakhe ngendlela abamkhulis­e ngayo. Ngekhono analo ngimbona ezogcina egwedla emazingeni aphezulu. Uma ngimqeqesh­a ngimhlanga­nisa nabantu besilisa ngoba unesibindi futhi indlela ayiyo ihluke kakhulu. Uyakwazi ukubekezel­a ngisho engazilolo­nga amahora amabili uze aqede kuyima ephumula,” kusho uNgcobo.

Eqhuba uNgcobo uthe: “Iqiniso lithi thina aboHlanga into ezosifaka emanzini siyayisaba, ingakho sinabantu abancane kwezemidla­lo abadlala izinto ezibandaka­nya amanzi. Umbuzo engike ngizibuze wona sisabani? UNosipho kwabesifaz­ane ngiyakuqin­isekisa ukuthi akekho omelana naye, ingakho ekwazile ukuyosimel­a eChina futhi usazowuzun­geza umhlaba. Okuzomenza azifake emlandweni yisibindi anaso, akanaye umuntu athi uyamhlonip­ha kulo mdlalo.”

 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? UNosipho Mthembu
Isithombe: Sithunyelw­e UNosipho Mthembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa