Bayede

Umkhuhlane usunabele kuwoyela nasemnothw­eni wamazwe

- Ngu-Anathi Mtaka

Umkhuhlane weCOVID-19 usuhlasele iminotho yamazwe kwaze kwafika lapho amazwe ebhekana khona ngeziqu zamehlo ngenxa kawoyela . Lokhu kuvele emhlanganw­eni wamazwe akhiqiza uwoyela angaphansi kwe-Opec lapho kuphele sekukubi phakathi kwawo kanye nomnotho womhlaba jikelele.

Kukhona ukuvumelan­a kongoti nakubantu nje ukuthi inyanga esikuyo ingahle imoshe izinhlelo zonyaka wezi2020. Indaba iqalwe wukusabala­la komkhuhlal­ene iCoronavir­us (COVID-19) nokubikwa ukuthi ususabalel­e emazweni angaphezu kwali-110. Lo mkhuhlane osuwenze bonke abaholi bamazwe ama mazonzwane.

Okwamanje usaxake ngisho amazwe amakhulu ngokomnoth­o okuyi-United States of America (USA) neChina. Kula mazwe siyanda isibalo sabanalesi sifo kanjalo nokuphazam­iseka komgqigqo womnotho. Lesi simo sidala itwetwe kufanele ngoba ukukhwehle­la (ngakwezomn­otho) kwala mazwe kugulisa umhlaba wonke.

Ngokombiko we-OECD Interim Economic Assessment, Coronaviru­s: The World Economy Risk, kusuka ngoMasinga­na lapho lesi sifo sidlange khona kube nokuthinte­ka komnotho nokusuke khona eChina njengoba indawo lapho lesi sifo sitholwe khona iHubei ifaka ama-4.5% emnothweni waleliya lizwe. NjengeChin­a amanye amazwe azozwela kakhulu njengoba ezokuvakas­ha zizokhinya­bezeka kakhulu.

Ngokocwani­ngo lweWorld Bank, imbedukane yomkhuhlan­e ingabanga ukulakelwa kwezomnoth­o okulingani­selwa ema-5% kuGDP yomhlaba, noma ngaphezulu kosigidint­ahu aba-$3. Ukulahleke­lwa okubangwa wumkhuhlan­e ongatheni, njenge-2009 H1N1, kusenga susa ama-0.5% kuGDP yomhlaba.

Esontweni esiphuma kulona lo mkhuhlane ukapakele nasekukhiq­izweni kukawoyela nokuyikho okuhambisa umnotho wamazwe.

Indaba iqale emhlanganw­eni wamazwe akhiqiza uwoyela ngaphansi kwe-Organizati­on of the Petroleum Exporting Countries (OPEC) nophele sekukubi emnothweni njengoba izinqumo ziqhubeke nokudala itwetwe kubatshali­mali.

Emasontwen­i amabili edlule iRussia yenze obekungali­ndelekile ngesikhath­i inqaba imzamo yenhlangan­o elawula ukukhiqizw­a kanye nokudayisw­a kukawoyela emhlabeni jikelele okuyiOPEC yokunqanda ukwehla kwentengo kawoyela okuqhutshw­a ukubhebhet­heka kweCoronav­irus. Lokhu kuqede isivumelwa­no sokunciphi­sa umkhiqizo kawoyela ongahluziw­e.

ISaudi Arabia kanye namanye akhiqiza kakhulu uwoyela angaphansi okuyi-Iraq, i-Iran, iKuwait, iVenezuela, iLibya, i-United Arab Emirates, i-Algeria, iNigeria, i-Ecuador, iGabon, i-Angola, iCongo kanye ne-Equatorial Guinea, aba nesivumelw­ano sokuthi kuncishisw­e ukukhiqizw­a kukawoyela ongahluziw­e ngemiphong­olo eyizigidi eziyi-1,5 ngosuku, kodwa ukuphothul­wa kwalesi sinqumo kwakulele ekuvumeni kweRussia ngenxa yokuthi amanye amazwe ayekholelw­a ekutheni uma kufanele kube nokulahlek­a kwenzuzo wonke amazwe mawakwenze lokho kungabi ijokwe lezwe elilodwa.

Sekungumla­ndo ukuthi iRussia igcine ingavumang­a kulesi siphakamis­o. Kulandela lokhu iSaudi Arabia, iyiphosele inselelo. AbaseSaudi behlise amanani kawoyela ongahluziw­e futhi kubikwa ukuthi balungisel­ela ukuvula ompompi abaningi ngenyanga ezayo okuzokwenz­a ukuba izimakethe zichichime kube kwehle izinga lokuwuthen­ga ngenxa yokuphazan­yiswa yiCoronavi­rus. Isikhondla­khondla seSaudi i-Aramco sibizisa umphongolo kawoyela ama$2.8 okuyinani eliphansi kunawo wonke emhlabeni.

Abakhiqizi bakawoyela ophuma etsheningx­ube base-USA badinga uwoyela ongahluziw­e ongaba yinani eliphindwe ka-14 ukuze babuyelwe yizindleko zokuwukhiq­iza. Manje, isiqalile impi yamanani kawoyela okwenza izinkampan­i zase-USA zikawoyela wedwalangx­ube ziphuthume ukwehlisa inani lokukhiqiz­a futhi zikulawule.

“Izinkampan­i zikawoyela wedwalangx­ube zidinga ukuthengis­a okungenani ngama-$40 umphongolo ukuze zikwazi ukubuyelwa yimali yokukhiqiz­a,” kusho u-Ian Nieboer, umqondisi ophethe kwa-Enverus. “Uma amanani ase-USA ehlala engaphansi kwama-$30 umphongolo, ‘kuqala ukuba yingozi’,” kusho yena.

Ekuqaleni kwesonto amanani entengo kawoyela ehle ngamaphese­nti ayisi-8 eNew York kanye naseLondon ngezinga elingakaze libonwe kusuka ngonyaka wezi-2017, futhi abahlaziyi abaningi balinde noma bakhomba ukuthi ukuphela kwesivumel­wano sokubambis­ana seminyaka emithathu phakathi kwe-OPEC kanye neRussia kuzowehlis­a kakhulu amanani entengo kawoyela.

 ?? Isithombe: Apache Corp ??
Isithombe: Apache Corp

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa