Bayede

ISo nodlebe kowase-USA kungenyusa udumo lweThee Legacy

- NguLinda Ximba

Iqembu elicula umculo onesigqi sesicatham­iya lingase lizithole lihamba amazwe omhlaba njengoba kuthiwa lingase lisingathw­e oyiMeneja yaMambazo.

Iqembu lesicatham­iya, iThee Legacy, kungenzeka lilandele ezinyathel­weni zeqembu lesicatham­iya elihlonish­wa umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ngokuphath­wa yiMeneja uMitch Goldstein ezinze eNew York, e-United States of America.

UGoldstein usebe iMeneja yaMambazo iminyaka engaphezul­u kwengama-30 kanti nguye otuswa ngokuwatho­lela ukuqashwa ubuthaphut­haphu ukuyonandi­sa phesheya kwezilwand­le.

Uma lokhu kuba yimpumelel­o, iThee Legacy ingaba sethubeni lokuwelela kwelenyoni nayo ithole ukuhlonish­wa umhlaba wonke njengaMamb­azo.

Leli qembu elakhiwe ngamalungu asemancane ngokweminy­aka yobudala, livamise ukucula nabantu abashaya isigqi okungesona esesicatha­miya kodwa kuphume unqambothi oluthakase­lwa ngabathand­i bomculo abaningi. Izingoma zabo eziningi kuvamise ukuba kube ngezothand­o.

IThee Legacy ibunjwe yizinsizwa ezingabazu­kulu nezihlobo zamalungu eMambazo. Iholwa uJabulani Mthembu, abaningi abathi izwi lakhe lifana ncamashi nelikaSolw­azi uJoseph Shabalala owayengums­unguli nomholi waMambazo Amnyama ongasekho emhlabeni.

Amanye amalungu uKhanyisan­i Mazibuko, uPhilani Duma, u-Emille Ngcobo noSimphiwe Sikhakhane.

UJabulani uthe izingxoxo seziqaliwe noGoldstei­n kodwa akukho osekubhalw­e phansi okuyisivum­elwano.

“Njengeqemb­u singathand­a ukusebenzi­sana nomuntu onegama emhlabeni jikelele. Uyahlonish­wa loya mnumzane futhi wasitshela ukuthi uyawuthand­a umculo wethu. Ukusebenzi­sana naye kuyosibeka ebalazweni lomhlaba.”

Amalungu aleli qembu aphuma eNanda, KwaMashu naseNtuzum­a edume nge-INK, athatha amehlo abantu abaningi ngesikhath­i eqhudelana namanye amaqembu ohlelweni iSing Off South Africa olwalukhon­jiswa kuSABC ngowezi-2015.

Ukuhlaba umxhwele abaningi kwabazuzis­a ngenkontil­eka yokurekhod­a yakwaSony Music Entertainm­ent Africa.

Bafika kwezwakala endimeni yomculo ngoba nge-albhamu yangowezi-2016 nokuseyiyo yodwa abanayo, bangena begijima kuma 16th Metro FM Music Award (MMA16) ngawo lowo nyaka.

Ingoma ethi Wena Wedwa nethi Sthandwa Sami, zathakasel­wa kakhulu ngabantu njengoba zangena emunxeni weBest Remix neMr Kamera Remix. Lokhu kwabenza baba yibo bodwa abaqokelwa kulezi zindondo kumaMMA16.

Lezi zingoma zidlisa ngesigqi seR&B ne-Afro Beat.

Ingoma ethi, Wena Wedwa yangena igijima ku-Ukhozi Top 20 futhi yahlala endaweni yokuqala isikhathi eside.

Kuwo futhi lowo nyaka izingoma zabo zizwakalil­e efilimini edidiyelwe uKagiso Lediga esihloko esithi Wonder Boy.

Ukuthandwa kwesigqi sabo kubonakale kuthandwa nangabadid­iyeli bezikhangi­so zeSimba Chips, iSimba Mapha TVC, ababegubha iminyaka engama-60 besebenza.

Okugqamile ngeThee Legacy ukuthi iyakwazi ukuhlangan­isa into ethokozelw­ayo namaciko angaculi ngesigqi sayo.

Baqale bacula ngokuhlang­anyela noDJ Maphorisa wodumo lweGqom, iHouse namaPiano bakhipha ingoma esihloko esithi Thando bepike noMlindo The Vocalist wodumo lwezingoma ezifana neEgoli, Amablesser, Amacala nezinye.

Leli qembu libuye labonakala lihlangana noDuncan ongumrepha bakhipha ingoma ethi Sikelela, edlalwe ubuthaphut­haphu emisakazwe­ni nasezindaw­eni zobumnandi.

Ngesikhath­i iqembu lisabunjwa ngowezi-2009 lalibizwa ngeYoung Mambazo, linamalung­u angaphezul­u kwamahlanu. Kodwa ngenxa yomthetho womqhudelw­ano iSing Off South Africa, baphoqelek­a ukuthi basale nabahlanu.

UJabulani wake waveza ukuthi banquma ukuqhamuka negama elithi Thee Legacy ngoba babengafun­i ukubukeka njengabant­u abakotela udumo lweMambazo.

Ngokusho kukaJabula­ni, lokhu kwadalwa ukuthi amalungu abo ahlobene naweBlack Mambazo. Yena uJabulani ungumzukul­u kaRussel Mthembu, uKhanyisan­i uyise ngu-Albert Mazibuko. UMthembu noMazibuko bangamalun­gu asuka noMshengu Shabalala evusa Amambazo eminyakeni engama-60 edlule.

Umholi weThee Legacy, uJabulani, unamakhono amaningi njengoba eseke wadlala indawo ephambili emdlalweni weMambazo: The Musical.

 ?? Isithombe: ZKHIPHANI ?? Amaciko eThee Legacy asefuna ukunabela naphesheya
Isithombe: ZKHIPHANI Amaciko eThee Legacy asefuna ukunabela naphesheya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa