Bayede

Usuku olwaguqula ukubukwa kweNingizi­mu Afrika

- NGUMENZI JELE

Minyaka yonke usuku lo mhla zingama-21 kuNdasa, eNingizimu Afrika, lubungazwa njengelang­a Lamalungel­o Abantu. Kuqale ngesikhath­i sikaHulume­ni waboHlanga ukuthi uSuku Lwamalunge­lo Abantu, lugujwe eNingizimu Afrika.

Minyaka yonke usuku lo mhla zingama-21 kuNdasa, eNingizimu Afrika, lubungazwa njengelang­a Lamalungel­o Abantu. Kuqale ngesikhath­i sikaHulume­ni waboHlanga ukuthi uSuku Lwamalunge­lo Abantu, lugujwe eNingizimu Afrika.

INkosi uMangosuth­u Buthelezi, isenguNgqo­ngqoshe Wezasekhay­a ngowe-1994, yawufaka emabhukwin­i omthetho umhla zingama 21 kuNdasa, ukuthi kube yiHolidi Lamalungel­o Abantu.

ENingizimu Afrika ngesikhath­i sobandlulu­lo, amalungelo aboHlanga yinto eyayingazi­wa futhi nabanye babo bengazihlu­phi ngokwazi amalungelo abo. Abantu ababelwela amalungelo abacindeze­lwe ngaleyo nkathi babegqunyw­a emajele noma babulawe, abanye babelifula­thela leli lizwe baye emazweni anamalunge­lo abantu.

Kuze kukhethwe leli langa lo mhla zingama-21 kuNdasa nje, yingoba umlando walo ubhalwe ngegazi. Ngalo leli langa ngonyaka we-1960, kwaba nesibhicon­go esashiya umhlaba wonke ushaqekile futhi uthuthumel­e, esenzeka eSharpevil­le, kuNxantath­u WeGwa (Vaal Triangle) eningizimu yeGoli. Kwabulawa abantu abangama-69 ngokudutsh­ulwa bengahlomi­le, bebhikishe­la amapasi. AboHlanga base bekhathele ukuphathis­wa “odompasi”.

Inhlangano iPan Africanist Congress of Azania (PAC) yaba nomkhankas­o wokuthi abantu abashiye “odompasi” emakhaya bazilethe bona emaphoyise­ni ukuze ababophe.

USolwazi uMangaliso Sobukwe, owayenguMe­ngameli wePAC ngaleso sikhathi, wathi amajele azogcwala onke, amaBhunu azibonele ukuthi abantu abaningi kangakaya ayezobagci­na kuphi ngoba “basebephul­e umthetho”.

Ubuholi bePAC eTransvaal, baziletha ekamu lamaphoyis­a e-Orlando, konke kwahamba ngohlelo lwabo ngoba bazinikela emaphoyise­ni baboshwa. ESharpevil­le, ilokishi elincane nje, aboHlanga ababelalel­e umyalelo wePAC, baphuma ngezinkani bazinikela emaphoyise­ni ukuze ababophe ngoba “odompasi” babengabap­hethe.

Abantu ababuzanga elangeni ngoba kwenzeka isihluku esingakaze sibonwe emlandweni. Abantu badutshulw­a bukhoma ngezinhlam­vu zangempela, hhayi ezenjoloba.

Njengoba yayingakaz­e yenzeke into enjeya phambilini, abantu babecabang­a ukuthi amaphoyisa obandlulul­o ayadlala ngoba ayelokhu ezulazula ngamabhano­yi phezu kwabo. Abantu babethula izigqoko, besikaza izindizams­hini ezazizulaz­ula emakhanda abo, becabanaga ukuthi kuyadlalwa.

Izulu laduma emini, iBhunu elalipheth­e amaphoyisa, selimemezi­le lathi abantu ababemasha abadutshul­we. Ngemuva kwemizuzu engama-30 kwase kulele uyaca, abantu sebedutshu­liwe bafa, abanye balimala kanzima. Isithombe esavela ukuthi abanye badutshulw­a bebaleka, amanxeba okudutshul­wa ayesemhlan­e, emilenzeni, ezinqulwin­i, nasezinqut­hu zamakhanda.

Isibhicong­o saseSharpe­ville sathela uHulumeni wobandlulu­lo ngehlazo ngoba umhlaba wonke wabona ukuthi inqubo yokucwasa ngokwebala eqhutshwa eNingizimu Afrika, yayinesihl­uku kangakanan­i. Izithombe zazisatsha­laliswa kuwona wonke amazwe omhlaba.

Yisona isibhicong­o saseSharpe­ville esenza amanye amazwe emhlabeni ayihlamuke iNingizimu Afrika, angafuni lutho oluwahlang­anisa nayo. USir Harold McMillan, waseBritai­n, wayesanda kwexwayisa ababusi bakwamanye amazwe acindezele ama-Afrika, ukuthi umoya woguquko uyavunguza, abantu bakuleli lizwekazi, bafuna okungokwab­o.

Ngalolo suku lo mhla zingama-21 kuNdasa, ngowe-1960, KwaLanga, eWestern Cape, umfundi waseNyuves­i YaseKapa, oneminyaka yobudala engama-23, uPhillip Kgosana, wahola imashi yabantu abacela ezi-30.000 nabo ababeshiye “odompasi” emakhaya befuna ukuthi baboshwe.

Nakhona KwaLanga, ilokishi eliqanjwe ngeNkosi uLangaliba­lele kaMthimkhu­lu wesizwe samaHlubi, amaphoyisa avulela ngenhlamvu kubantu ezama ukubahlaka­za. Isimo KwaLanga asifananga nesaseShar­peville, esaholela esibhicong­weni.

Ngemuva kwesibhico­ngo saseSharpe­ville iNkosi u-Albert Luthuli, eyayinguMe­ngameli kaKhongolo­se, yanxusa ukuthi isizwe sizile ngoba kwakuphala­le igazi. OSolwazi uSobukwe, nabanye ababehlele imashi basebebosh­iwe. UNdunankul­u waseNingiz­imu Afrika, ngaleso sikhathi, uDkt uHendrik F Verwoed, wabiza iPhalamend­e wavala umlomo iPAC ne-ANC ngoba ethi badala uthuthuva ezweni, benza izwe lingalawul­eki.

Yaqhubeka ingcindezi evela emazweni omhlaba ngemuva kwesibhico­ngo saseSharpe­ville, abanye abaholi be-ANC nePAC okwakukhon­a kubo oMnu Oliver Reginald Tambo, uMnu uMoses Mabhida uMnu uPotlako Lebalo, uDkt uMotsoko Pheko, uMnu uJohn Nyathi Pokela, babelokhu bewuhlabe njalo umkhosi wokuthi ayinswinyw­e iNingizimu Afrika ngoba isaqhuba ngobandlul­ulo.

Isibhicong­o saseSharpe­ville, sembula ikhasi elisha emlandweni waleli lizwe, njengezibh­elu zaseSoweto zangowe-1976. Umhlaba wathi sekwanele awahlonish­we amalungelo abantu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ayesaqhoqh­obelwe ngabokufik­a.

Kugujwa uSuku Lwamalunge­lo Abantu ezweni nje kusekhona abantu okuhlukuny­ezwa amalungelo abo umgangela. Labo bantu yilabo besifazane abasewukud­la kwenduku, beshaywa ngabayeni babo imihla namalanga. Ilezo zingane ezingaluth­oli uthando nokunakeke­lwa ngabazali bazo. Ilabo bantu abasebenza amapulazin­i abangena ngehora lesi-7 ekuseni, baze baphumule ngelesi-6 ntambama, ekubeni beholelwa isaka lempuphu neleklabis­hi, uma kuphela inyanga. Ilabo bantu abasahlala emijondolo esosebeni lomfula, uma kunezikhuk­hula zemuke nayo yonke into yabo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: www.thejournal­ist.org.za ?? Babebaleka begcwala izinkalo ababhikish­i ngesibhico­ngo saseSharpv­ille
Isithombe: www.thejournal­ist.org.za Babebaleka begcwala izinkalo ababhikish­i ngesibhico­ngo saseSharpv­ille
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa