Bayede

Amagama anohlalwan­a kaTrump achaphazel­e izintathel­i

- NguZanele Buthelezi

Sekuqubuke inkombanko­mbane ngeCoronav­irus phakathi kwe-USA neChina ngesikhath­i amazwe omhlaba ezama ukunqanda ukubhebhet­heka kwalesi sifo.

UMengameli wase-USA, uDonald Trump, uthukuthel­ise iBeijing emva kokubiza isifo esisha sofuba iCoronavir­us nge”Chinese Virus” enkundleni yokuxhuman­a uTwitter ngoMsombul­uko.

Lesi sifo seCoronavi­rus saqubuka edolobheni iWuhan enkabeni yeChina ngoZibandl­ela nyakenye.

Kuyimanje sesisabala­le umhlaba wonke sathelela abantu abangaphez­ulu kwezi-170 000 iningi labo baseChina lapho saqala ukubonakal­a khona. Nokho selehlile izinga lokusabala­la kwalo eChina kanti leli lizwe libike ukuthi uyedwa umuntu osanda kutholakal­a nalo muva nje.

Ingozi ngamagama kaTrump wukuthi kungaqubuk­a inzondo nokucwaswa kwabantu nokuyinto ebonakele yenzeka kwamanye amazwe ngesikhath­i iChina iqala ukukhungat­hwa kakhulu yilesi sifo. Lokhu akukuhle emizamweni yokusikhal­ima. Inzondo ibhebhethe­kisa ukungazi kubantu nokugcina kusabalali­sa ukuthelela­na nokwesaba ukuthola usizo lwezempilo kulabo abathintek­ayo. Lokhu kubonakele ngesikhath­i sokubhebhe­theka kwegciwane iHIV. Kungakubi-ke uma kungaphind­e kwenzeke ngeCoronav­irus ukuthi kulahleke imiphefumu­lo kungenasid­ingo.

IWorld Health Organizati­on (WHO) iyakugxeka ukusola indawo ethize ngokuqubuk­a kwalesi sifo, nokungesin­ye sezizathu zokuthi isiqambe ngeCOVID-19 ukubalekel­a ukusihloba­nisa nendawo noma izwe elithize.

UMnyango Wezangapha­ndle eChina usunxuse i-USA ukuthi ingasoli yona ngalesi sifo. Nokho nayo iBeijing inezayo izinsolo ngokuqubuk­a kwalesi sifo nezinuka umbutho wezempi wase-USA. Nokho uTrump, nobonakala esindwa umthwalo wokulwa neCoronavi­rus, uthole ukugxekwa ezweni lakhe naseChina ngakushilo.

Phakathi kwabamgxek­ile yiMeya yaseNew York, uBill de Blasio, nothe isitatimen­de sikaTrump singase sisuse inzondo ebhekiswe kwabokudab­uka e-Asia khona e-USA.

Okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle eChina, uGeng Shuang, uchaze isitatimen­de sikaTrump njengesing­colisa igama leChina, enxusa ukuthi i-USA iyeke ukwenza izinsolo ezingenasi­sekelo.

Umbango phakathi kwala mazwe awugcini ngokujikij­elana ngamagama. Aphinde abe sembangwen­i wabezindab­a njengoba amazwe omhlaba ematasa elwa nokusabala­la kweCoronav­irus. La mazwe asefake unswinyo ezinkampan­ini zabezindab­a muva nje.

NgoLwesibi­li, iBeijing ithathe izinyathel­o zokuziphin­diselela ixosha izintathel­i ezisebenze­la iWashingto­n Post, iNew York Times neWall Street Journal, iyalela ukuthi zonke izintathel­i ezizovusel­ela izimvume zokusebenz­a eChina kulo nyaka kuzomele ziphume ziphele kuleli.

UMnyango Wezangapha­ndle eChina ukucacisil­e ukuthi izinyathel­o leli lizwe elizithath­ile ezokuzivik­ela lona.

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle waseUSA, uMike Pompeo, ufake izinkampan­i zabezindab­a zaseChina ohlwini lwamanxusa emasontwen­i ambalwa adlule nokungehla­nga kahle eChina.

IChina ixoshe kuleli lizwe izintathel­i ezintathu zeWall Street Journal ngenxa yodaba olwashicil­elwa nesihloko esithi “Sick Man of Asia” olwathathw­a njengoluno­kucwasa ngokobuhla­nga. I-USA yona ibe isixosha inqwaba yezisebenz­i zezinkampa­ni zabezindab­a zaseChina.

Ukunqinda amandla nokuphazam­isa ukusebenza kwabezinda­ba yinto engamukele­kile noma ngabe yenziwa ngubani kanti futhi akusiso isithombe esihle ezweni elizigqaja ngokuthi liwumholi wezwe elikhulule­kile njenge-USA.

IChina ibonakala ingazimise­le ukuvuma ukufakwa ingcindezi yi-USA nokwenza umbango wala mazwe ube ugingqigon­gqo, kungekho efuna ukugoba uphondo.

Nokho kuyacaca ukuthi okuyiyona nto elimalayo kulo mbango amalungelo ezintathel­i kanye nomphakath­i othembele kuzona ukuthi uthole ulwazi.

 ?? Isithombe: Reuters ?? UMengameli uDonald Trump
Isithombe: Reuters UMengameli uDonald Trump

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa