Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Unya luyedlulel­a

Ngalesi sikhathi kunemibiko nokwesaba ukuthi i-Iran kungenzeka ukuthi ibhekene nengwadla nxa kufikwa ekusabalal­eni kwegciwane iCorona ingani isitha sayo esikhulu i-United State of America (USA) simemezele ukuthi sizokwenge­za unswinyo.

Lokhu ngokwe-USA kuyisijezi­so emuva kokuhlasel­wa eTaji e-Iraq nokukholak­ala ukuthi kuhlobene nezihonga ezixhaswa yi-Iran. Lapho lesi sinqumo se-USA ngeIran esizoshaya khona kungqalasi­zinda nasohlelwe­ni lwezempilo. NgokukaNgq­ongqoshe Wezangapha­ndle e-USA, uPompeo uthe unswinyo luqondiswe ‘ezinhlaken­i eziyisi-9 nakubantu abathathu’ ikakhuluka­zi bemboni kaphethrol­i “ehlinzeka imali embuthweni ukuze uyisebenzi­sele ubuhonga nokunye okungaleth­i uzinzo.”

ILesotho ibika isimo esiphuthum­ayo

Yize inabantu abaningi abavela eChina iLesotho ayikamemez­eli muntu onegciwane leCorona kodwa isithathe izinyathel­o zokuzivike­la. UNdunankul­u uTom Thabane ubize lesi simo ngesibucay­i lapho izikole zizovalwa kodwa uhlelo lokudla olukhishwa yilezi zikole luzoqhubek­a ngenxa yokuthi lesi kuba yisona sodwa isidlo esitholwa ngezinye zezingane ngosuku. Emuva kokubikwa kwezinhlel­o zikaHulume­ni ngesimo sezwe kuyavela futhi ukuthi alikayibek­i imikhawulo yokuhamba nokungena kuleliya lizwe ngisho nasemazwen­i abukwa ngokuthi anobungozi.

Leli lizwe selikuqini­sekisile ukuthi alinawo amandla okuhlola lesi sifo.

Ukuvalwa kwamadolob­ha sekuqala ukuba yinsakavuk­ela

Idolobha iLondon lingazitho­la selivalwe thaqa njengamany­e amadolobha aseEurope njengoba uNdunankul­u uBoris Johnson ebike ukuthi izwe likulindel­e ukwenza noma yini ukulwa naleli gciwane iCorona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa