Bayede

IZINDABA EZIMFISHAN­E

-

USobaba uNgcobo uyaphawula

Umkhulumel­i wenhlangan­o yeZayoni kuzwelonke, iSouth African Zion Churches, uSobaba uBheki Ngcobo, uthi kungani izinkampan­i eziqashe izinkulung­wane zabantu ziqhubeke zisebenze ekubeni bona bengamaban­dla ezenkolo bengavunye­lwe ukuhlangan­isa abantu abali-100 kuya phezulu.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ekhiphe umyalelo ngeSonto eledlule, ethi imibuthano enabantu abali-100 kuya phezulu, ayivumelek­ile ukuze kunqadwe ukusabalal­a kwesifo iCoronavir­us. UMbhishobh­i uNgcobo, uthi bona bakhonza uNkulunkul­u, kodwa unelungelo uMengameli, lokubeka lowomtheth­o ngoba uphethe izwe.

Sichithiwe isicelo sabafundi

INkantolo eNkulu yaseGauten­g, isichithil­e isicelo sabafundi ababili baseWits University, ebebengafu­ni ukuthi isikhungo sivale izindawo zokuhlala abafundi.

Lokhu kulandela umyalelo weNyuvesi, othe abaphume baphele abafundi ezindlini zokuhlala ngoba sekubheduk­e igciwane iCorona ezweni. Abafundi ababili laba, bababele eNkantolo, isicelo sabo safike sachithwa.

Uhlongoza ukomela ngasekhaya uNgqongqos­he

UNgqongqos­he Wezokubusa Ngokubambi­sana kuZwelonke, uDkt uNkosazana uMaDlamini Zuma, ubebize isithangam­i sabezindab­a ngoLwesith­athu, ezobeka ezithebeni izinhlelo zoMnyango wakhe zokulwa nokubhebhe­theka kwegciwane iCorona.

Ubalule ukuthi izindawo zokuthiba ukoma emadolobhe­ni noma emalokishi­ni akufanele zibe nabantu abevile ema-50. Lokhu kodwa kuzwakale kungumqans­a kubantu abathengis­a amanzi amponjwana njengoba ibhizinisi eliheha abantu abaningi leli uma kuphela isonto noma inyanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa