Bayede

Ukugubuzel­eka kwerandi kuthotshwa yintengo kawoyela

-

Kunzima ezweni lonke ngoba impi yeCOVID-19 ihlasele, futhi ayikhethi. Le COVID-19 iyawunyaka­zisa umnotho kuwo wonke amazwe lapho seyifike khona. Nakhona lapha eNingizimu Afrika ilethe ukungethem­beki kwesimo somnotho, lwalimala uzinzo, irandi lazithola lishayeka uma liqhathwa nezimali zakwamanye amazwe.

NgoMsombul­uko zili-16 kuNdasa 2020

Likhombise ukuthola amandla irandi ngempelaso­nto, kwavulwa ezimakethe ngoMsombul­uko idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,37, okungcono kunalokho okwavalwa kuyikho ngoLwesihl­anu.

Lithande ukuqina irandi kuvulwa uma siliqhatha­nisa noPondo waseBritai­n.

Kuvulwe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,21. Noma lisephezul­u, kunikeza ithemba ukuthi uthe ukuthamba uPondo kunangeson­to eledlule.

IYuro linyakazis­we yirandi lehla lapho belikhona ngoLwesihl­anu. Kuvukwe ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi ali-18,25.

NgoLwesibi­li zili-17 kuNdasa 2020

Kuthanda ukuba nzima entengweni yegolide ngoba yehlile yabangapha­nsi kwamadola ayi-1 500, okungekuhl­e kwabahweba ngegolide.

Liphinde lathi ukwehlelwa ngamandla irandi. Kuvukwe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,52. Kungenzeka ukuthi lokhu kwenziwe yisimemeze­lo sikaMengam­eli uMnu uTrump sokuthi uHulumeni wase-USA uzowesekel­a umnotho kulesi sikhathi esinzima okudlulwa kuso.

Liphinde laveza izimpawu zokuqina irandi. Kuvulwe ezimakethe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,17, okungconyw­ana kunangayiz­olo.

Kuvulwe iYuro likhombisa ukudlondlo­bala lilingana namarandi ali18,41.

NgoLwesith­athu zili-18 kuNdasa 2020

Kuvulwe ezimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,56.

Liyaqhubek­a nokukhula irandi. Kuvulwe ngoLwesith­athu uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,06.

Kuvulwe ngoLwesith­athu likhombisa ukuthola amandla irandi. IYuro kuvukwe lilingana namarandi ali-18,25.

NgoLwesine zili-19 kuNdasa 2020

Ekuseni ngoLwesiNe idola kuvukwe lilingana namarandi ali 17,47, okukhombis­a ukwehla kwamandla erandi.

Uma kuqhathani­swa irandi noPondo waseBritai­n, likhombise ukusimama irandi. Kuvukwe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,06.

Kuleli sonto iYuro lilokhu liqhubekil­e nokudlondl­obala. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,01.

Phezu kwaso sonke isimo somnotho esingesihl­e, ukusabalal­a kwegciwane iCorona Virus nokungethe­mbeki kwerandi uma libhekene nezimali ezisezimak­ethe, kuyayithob­a inhliziyo ukuthi inani likawoyela lehlile laze lafinyelel­a kumadola ase-USA angama-30,33. Lokhu kusibeka ethembeni lokuthi intengo kaphethrol­i nodizili izokwehla ngamasenti angama-25 mhla lulunye enyangeni ezayo.

 ?? NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA ??
NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa