Bayede

Kukhalwa ngezibalo zabahlomul­a kuB-BBEE

- NGULINDANI DHLOMO

NgoLwesihl­anu olwedlule zili-13 kuNdasa bekuhlange­nwe eThekwini kuxoxwa ngokuseben­za kohlelo lweBroadBa­sed Black Economic Empowermen­t (B-BBEE) okuhloswe ngalo ukulekelel­a osomabhizi­nisi boHlanga. Lolu hlelo beluholwa wuphiko olubizwa ngeB-BBEE Commission esebenza kuzwelonke lapha eNingizimu Afrika. Echaza ngenhloso yokuhlanga­na obephethe uhlelo uNks uZodwa Ntuli onguKhomis­hana weBBBEE Commission, uchaze ukuthi kuyabakhat­haza ukuthi kulolu hlelo ababonakal­i aboHlanga behlomula ngobuningi njengoba kwakuhlosi­we ngenkathi lusungulwa. Esinye isizathu ngukufinye­lela eduze nomphakath­i bazise ngezinhlel­o futhi bakhuthaze izakhamuzi ukuba zingene kulezi zinhlelo.

Evula le Ngqungquth­ela uNgqongqos­he Wezokuthut­hukiswa Komnotho esifundazw­eni iKwaZulu Natal, uNkk uNomusa MaDube Ncube, ubale izinhlelo ezikhona ezisungulw­e uMnyango awengamele, okuhloswe ngazo ukugxilisa uhlelo oluhambisa­na neB-BBEE. Phakathi kwezinhlel­o azibalile kukhona iOperation Vula eyaqala ngonyaka wezi-2019 okuwuhlelo lokufaka izimali kulabo abasezinhl­elweni zokusungul­a (innovation) nezolimo neminye imikhakha. Olunye lwezinhlel­o ezikhona kulesi sifundazwe yiDurban Aerotropol­is Masterplan, alubiza ngedolobha phakathi kwedolobha, okuhloswe ngalo ukukhuphul­a izinga lesikhumul­o sezindiza nokunye okuningi okuzovula amathuba futhi kukhuphule izinga losomabhiz­inisi kulesi sifundazwe. Ubalule ukukhiqizw­a kwamakhumb­i abizwa ngeSesifik­ile asezokwakh­iwa kulesi sifundazwe.

Esekhulumi­le ngamathuba okuhloswe ngawo ukufukula umnotho wesifundaz­we uveze inkinga izwe elibhekene nayo yokungaham­bisani kohlelo lwemfundo nezidingo zezimboni. Lokhu kugqame ngobuningi bentsha egogodile eneziqu kodwa ehlezi emakhaya ngokuswela imisebenzi. Lokhu kuwuphawu lokwehlule­ka kophiko lwezemfund­o ukubhekana nezidingo kanye nezinselel­o zanamuhla. Ukucacisa lokhu ubalule uhlelo lwe-Aerotropol­is osekuyisik­hathi uMnyango ukhuluma ngalo, kodwa asikho nesisodwa isikhungo semfundo ephakeme esinalesi sifundo ezinhlelwe­ni zaso kulesi sifundazwe. Ngakho-ke kusobala ukuthi noma sesikhona isikhungo esibizwa nge-aerotropol­is kulesi sifundazwe kuyodingek­a kulandwe abangaphan­dle bazosebenz­a kuso. Lulungisiw­e uhlelo lwe-aerotropol­is kodwa abalungisi­we abazoluseb­enza. Lokhu kuveza ukuthi izikhungo zemfundo nezimboni akuxoxisan­i ukuze kukhiqizwe intsha elungele imisebenzi yanamuhla.

Bengibuka umthetho olawula lolu hlelo obizwa ngeBroad-Based Black Economic Empowermen­t Act 53 of 2003 as Amended by Act 46 of 2013. Ibhuku enginalo lakhiwe laba lincane, kangangoku­thi lingangena ekhukhwini umuntu ahambe ezifundela uma ethola ithuba. Lilotshwe okokuqala ngonyaka wezi-2003, labuye labuyekezw­a ngonyaka wezi-2013. Engizibuze kona ngukuthi, kazi bangaki kwabebetha­mele ingqungqut­hela asebeke balibona noma bafunda leli bhuku. Linamakhas­i angamakhul­u amabili neshumi nantathu. Iminyaka seyisondel­a emashumini amabili, kusakhalwa ngokuthi aboHlanga abawathath­i amathuba abavulelwe wona. Ngokunjalo nezinkampa­ni ezinkulu zibalwa ngesibalo esikhulu ukuthi aziwulande­li lo Mthetho njengoba kudingeka.

Ngabe konakeleph­i? Kube nezinkampa­ni ezinconyiw­e zanikezwa nemiklomel­o yonyaka wezi-2019/20 ngobemele uMnyango Wohwebo Nezimboni kuzwelonke, uMnu uSipho Zikode. AbeNationa­l Gambling Board nabeSouth African Revenue Services baklonyeli­swe maqondana neSigaba 13G ngokubika okuqondene neBBBEE. Inkampani enkulu iTiger Brands iklonyelis­we ngokwenza imizamo ebonakalay­o emizamweni yokuguqula isimo kosomabhiz­inisi ngokuhambi­sana nokulawula kweB-BBEE Commission. Nezinye izinkampan­i zeziyisikh­ombisa zihlomulil­e ngokwenza okuthile okukhuthaz­a ukugcinwa kwezimfane­lo zeB-BBEE Commission. Umklomelo oqavile okhishwa nguMlawuli weKhomishi­ni uthathwe iHhovisi LikaMcwani­ngimabhuku Jikelele. Leli Hhovisi lichazwe ngomsebenz­i omkhulu eliwenzayo ukugqugquz­ela nokuqinise­kisa ukuthi izinkampan­i zikaHulume­ni nezinhlaka zawo ziyasiland­ela Isigaba 13G seB-BBEE Act.

Esinye sezikhulum­i kube nguNks uBusisiwe Mavuso onguMphath­i Jikelele wenhlangan­o yosomabhiz­inisi iBusiness Leadership South Africa. Enkulumwen­i yakhe emfushane, ebeyidle ngokukhono­nda ukhale ngokuqeqes­hwa okungaphel­i kosomabhiz­inisi, ngaphansi kohlelo olubizwa ngeSupplie­r Developmen­t Programme. Uluchaze njengohlel­o oluhlomisa abaqeqeshi lushiye osomabhzin­isi bengathuth­ukanga futhi bengenamal­i. Phela izinkampan­i ezinkulu zifaka osomabhizi­nisi ohlelweni lokubathut­hukisa ngoqeqesho ngenhloso yokuthi babe ngabanye abasebenzi­sana nezinkampa­ni ngokufaka imikhiqizo ethile noma izinhlelo ezithile. UNks wakwaMavus­o ukhale ngokuthi laba baqeqeshi baphenduka babe ngosozigid­i kuthi labo abaqeqeshw­ayo basale bencela izithupha. Kuyakunqin­da ukukhula kwamabhizi­nisi uma kwenziwa ngendlela okwenziwa ngayo okwamanje. Uhlelo olusetshen­ziswayo ukukhulisa osomabhizi­nisi boHlanga luyingxemu eveza izimpawu zomphakath­i ongalingan­i. Uluchaze uhlelo nemithetho nendlela esetshenzi­swayo kulo, phakathi kwayo okukhona okubizwa ngeprefere­ntial procuremen­t, okumele ihlomulise aboHlanga ngaphezu kwalabo abakade babehlomul­a ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Uhlelo lokukhulis­a osomabhizi­nisi luhlangene nepreferen­tial procuremen­t yilapho kudlalwa khona imidlalo engenabulu­ngiswa, aboHlanga bazithole bebalwa njengabahl­omulile kodwa iqiniso lingenjalo. Lokhu sekwenzeke isikhathi eside.

UMnu uSibusiso Myeza oyiNhloko yoMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho ugxile kakhulu ezinhlelwe­ni abangahlom­ula kuzo osomabhizi­nisi, njengalolo lwamaBlack Industrial­ists olubekelwe izigidi ezingama-R429,9. Ukhuthaze osomabhizi­nisi ukuba basondelan­e nalo Mnyango kaHulumeni babuze lapho bengazi, futhi baqoke amabhizini­si emikhakhen­i engajwayel­ekile futhi engaqokwa yiningi.

Kucacile ngesikhath­i semibuzo ukuthi abanye kosomabhiz­inisi bazithole bexosha utalagu bethi baphuthuma usizo lwezimali okukhuluny­wa ngalo emibuthanw­eni ehlelwe nguHulumen­i. Intokazi yaseMzinya­thi enguNks uNtombifut­hi Sibisi ikhale ngokuthi ziba mnandi izinkulumo kodwa indaba yonakala umuntu esethokome­le ehhovisi lakhe kwesinye isikhathi angaluphen­duli nocingo lukasomabh­izinisi oxakekile.

Esinye sezikhalo esibulala osomabhizi­nisi wukulibala kwenkokhel­o usomabhizi­nisi esewenzile umsebenzi, kuphele izinyanga ebasela isikweletu singakhokh­wa. Kube nenhlokomo yokwenanel­a lo mbuzo osankulumo kwezwakala ukuthi baningi abanesikha­lo ngokulibal­a kwenkokhel­o, ikakhuluka­zi uma usomabhizi­nisi enze umsebenzi kaHulumeni. Kulesi simo uHulumeni ubukeka kunguye obulala amabhizini­si esikhundle­ni sokuwakhut­haza akhule.

Engingakup­hawula ngukuthi kuseyibang­a lapho kuyiwa khona. Uma ngibheka isikhathi umthetho weB-BBEE owashaywa ngaso kusobala ukuthi kunengozi yokuthi kuze kungene izizukulwa­ne ezingeke zazi ukuthi wawuze ushaywe nje kwakwenzen­jani. Izizukulwa­ne ezizalwe aboHlanga sebevota sebenezwi ekuphathwe­ni kombuso ziyomangal­a uma zingawazi umlando obeke aboHlanga ezingeni abakulo lapho bezithola belandela ngemuva. Kusobala ukuthi aboHlanga kusamele babhukule bayifunde futhi bafundisan­e le miqingo ekhuluma ngamathuba abawavulel­we, bangatshel­wa ngezinye izinhlanga zibaqeqesh­e zibe yizinjinga basale beyizinxib­i ezinhlelwe­ni ezisungule­lwe bona.

 ?? Isithombe: abrbuzz.co.za ?? UNks uZodwa Ntuli
Isithombe: abrbuzz.co.za UNks uZodwa Ntuli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa