Bayede

Kungakhuli­swa imali ezinhlelwe­ni ezahlukene zokonga

- Ngu-Owen Nkomo

Izindlela ezintsha zokonga imali esitokofel­eni sakho, ukubalulek­a kokonga ngokwezidi­ngo nezimiso zakho kuyinto eyaziwayo. Sesiside isikhathi sikhuluma ngokuthi abatshalim­ali abalithath­i ithuba elikhona ezimakethe ukuthenga ezinhlelwe­ni ezifana neStock Market.

Kulolu hlelo sikholelwa ukuthi inzalo iphansi, abatshalim­ali kumele babheke uhlelo lotshaloma­li oluzokhula njengokuts­hala ezinhlelwe­ni ezizoletha inzuzo ephezulu.

Ngakho iseluleko sethu sithi, kubaluleki­le ukuthi amalungu esitokofel­a aqale ukubheka ezinye izinhlelo ezahlukene ezikhona ezimakethe.

Kusuka komasingcw­abisane kuya ezitokofel­eni

Omasingcwa­bisane bayingxeny­e enkulu kwezokulon­doloza njengoba imingcwabo seyabiza imali enkulu.

Ngakho akwethusi ukuthi ama65% ezikhungo ezitshala imali ngomasingc­wabisane.

Ngakho-ke kusemqoka ukwazi ukuthi izitokofel­a yizona ezikhula kakhulu.

Akusiyona into engajwayel­ekile ukuthi abantu babe ngamalungu ezitokofel­a ezingaphez­ulu kwesisodwa ezibhekele­la izidingo ezahlukene. Uma isitokofel­a sihleleke kahle, ilungu lihlomula ngezinto ebelingeke lazithola ukube belingelon­a elaleso sitokofela. Lokhu kusiza kakhulu labo abangakwaz­i ukuthatha izinto ngezikwele­tu okanye baboleke imali ezikhungwe­ni ezibolekis­a ngemali.

Izinhlanga­no zotshaloma­li sezivumele abatshalim­ali abancane ukuba bakwazi ukungena kuStock Market. Imali yabo itshalwa kuzabelo noma ezinhlelwe­ni ezikhona emakethe ngokwemibo­no yamalungu enhlangano. Lo umkhuba osuthanda ukudlondlo­bala njengoba ezinye izitokofel­a zitshala imali ezikhwamen­i zeBEE kanti ziyaqhubek­a nokutshala imali nezimaketh­e kuJSE Top 40 Index.

Ama-Unit Trust

Uma amakhasime­nde ekhuluma ngokutshal­a imali avamise ukubheka inzalo, ukukhula kotshaloma­li noma inzuzo eyenziwa utshalomal­i. Abatshalim­ali abaningi bafuna ukuthola inzuzo zinyanga zonke, lokhu kuwumkhuba.

Ngenxa yalo mkhuba, abanye abazimisel­e ukutshala imali engazali inzuzo nyanga zonke.

Kepha kunama-Unit Trust alinganise­lwa e-1 500 eNingizimu Afrika, lezi zinhlobo ezahlukene zilungele abatshalim­ali abehlukene. Ukufuna inzalo yazinyanga zonke, ungaphuthe­lwa ukwenza isinqumo esikulunge­le ngakutshal­omali.

Uma izitokofel­a zitshala imali zikwazi ukungena ezinhlelwe­ni ezahlukene zotshaloma­li kanti ziyakwazi ukushintsh­a uhlelo lotshaloma­li uma isimo siguquka.

Uma izitokofel­a zinquma ngohlelo ezilulunge­le ukutshala kulo imali, kumele ziqale zibuke ukuthi zizoyiding­a nini imali, izindleko zentela nezokutsha­la imali.

Ama-Unit Trust ngolunye lwezinhlel­o zokutshala imali ezenza kubelula ukungena emakethe kanti nentengo yakhona ayinkulu kakhulu. Imali yakho ihlangana neyabanye abatshalim­ali lapho abangamele utshalomal­i bekwazi ukuthenga khona ezinye izinhlelo zokutshala imali ezifana namaBond, izakhiwo, izabelo njalo njalo. Lokhu kulawulwa ukuthi injongo ye-Tnit Trust iyini. I-Unit Trust ihlukanisw­a isigaba esisodwa besekuya ngokuthi utshala imali engakanani nokuthi ngesikhath­i uthenga i-Unit Trust ibiyinani elingakana­ni.

Ungahlomul­a endleleni esiphatha ngayo utshalomal­i ngokutshal­a imali esukela kuma-R500 ngenyanga nangaphezu­lu kuma-Unit Trust ethu.

Uthenga ama-Unit Trust afunwa nguwe, uyazinqume­la ukuthi ufuna ukuthenga nini kanjalo nesibalo sawo. La ma-Unit Trust abangawakh­o kuzekube uyawadayis­a.

Uma utshala imali kuma-Unit Trust ethu asikho isibalo esikaliwe okumele usikhokhe kanjalo nesikhathi asinqunyiw­e ngoba kuwutshalo­mali lwakho, ngakhoke nguwe ozinqumela­yo ukuthi udinga ukuyitshal­a kanjani imali yakho nokuthi uyitshala nini.

Ungakwazi ukukhipha imali noma inini uma uyidinga kulolu tshalomali kanti ayikho inhlawulo oyikhokhay­o ngokukhiph­a imali. Kuthatha isikhathi esingangez­insuku ezintathu kuya kwezinhlan­u ukuthi imali yakho ingene ebhange lakho.

UMnumzane uNkomo uMqondisi noMsunguli we-Inkunzi Wealth Group. Utholakala ku: 011 047 6500, email: invest@iwgsa.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa