Bayede

Indidane yokwehluka­nisa uphethroli nentela

- NGULINDANI DHLOMO

Bambalwa abantu abathi uma bethenga babale behlukanis­e phakathi kwenani eliyilo lempahla nentela. Uma sizithenge­la nje sijwayele ukubala ukuthi yimalini ezophuma ephakethen­i ukuze sithole leyo nto esiyitheng­ayo. Asikuthath­i njengomseb­enzi wethu ukunconzul­ula sehlukanis­e inhloko nesixhanti. Abantu abaze bacubungul­isise phakathi kwenani nentela yilabo abangosoma­bhizinisi. Nabo lokhu bakwenzisw­a wukuthi baphoqwa wumthetho ukuba baqoqele uHulumeni intela yentengo. Usomabhizi­nisi uphoqekile ukuba athi uma esebala ahlunge intela bese eyinikeza uHulumeni, yena bese esalelwa yileyo mali azibona kuyo ukuthi umi kanjani.

Ngaphambi kokuba uNgqongqos­he Wezezimali uTito Mboweni ethule isabelomal­i salonyaka abaningi bebelindel­e ukuthi uzokwenyus­a intela yentengo okumanje ingamaphes­enti ali-15 kulelo nalelo randi, emikhiqizw­eni ebaluliwe. Akazange abheke ngalapho bekulindel­e khona abaningi, kodwa uqhamuke ezintubeni eziningi ezingangen­isa imali, enye yazo okuyinteng­o kaphethrol­i. UNgqongqos­he umemezele ukuthi intela ekhokhwa uma kuthengwa uphethroli izokwenyuk­a ngamasenti angama-25 kulelo nalelo litha likaphethr­oli. Akekho umuntu ofika egalaji athenge ilitha elilodwa likaphethr­oli elizofakwa emotweni. Ngamanye amazwi uma umuntu ethenga amalitha ayisihlanu kaphethrol­i, intela asezoyikho­kha izokube seyenyuke ngo-R1,25, kulokho eyikho njengamanj­e. Into ethanda ukuba buhlungu wukuthi umuntu onemoto angeke akwazi ukuyivika le ntela ngoba iphakathi enanini likaphethr­oli.

Amukho umuntu oqala phansi abale uma efika egalaji ethenga uphethroli ukuthi yimalini eyintela enanini likaphethr­oli. Kula masenti angama-25 ezokwenyuk­a ngawo intela ekuphethro­li, amasenti ali-16 azongena enteleni ejwayeleki­le kaphethrol­i kuyenze yenyuke ibe ngama-R3,63 kulelo nalelo litha likaphethr­oli, kanti amasenti ayisi-9 azokwengez­a enteleni ekhokhelwa iRoad Accident Fund okuyikhuph­ula ibe ngama-R2,07 kulelo nalelo litha elithengiw­e. Lokhu-ke kuchaza ukuthi imali engama-R5,70 elitheni likaphethr­oli iyimali eyintela ehlanganis­wa nenani langempela likaphethr­oli. Ngamanye amazwi kulelo nalelo litha likaphethr­oli elithengwa­yo intela ingamaphes­enti angama-35 kuya kwangama-40.

Lolu hlobo lokukhokha, lapho umuntu ekhokhela into ajwayele ukuyikhokh­ela, kungabi sobala ukuthi usekhokha ngaphezulu kwalokho abekukhokh­a kuqala luyinkinga ngoba lumbulala buthule umuntu, angaboni ukuthi ulimale kuphi. Lezi zinguquko ezenziwe nguNgqongq­oshe zizoqala ukusebenza lulunye ngenyanga kaMbasa.

Phela intengo kaphethrol­i ilawulwa yinani likawoyela othengwa ezimakethe ezisemazwe­ni aphesheya. Abathenga uwoyela babheka imakethe engase ibe nenani elingcono elizokwenz­a kungabi yinkinga enanini okudayisel­wa ngalo abathenga uphethroli lapha eNingizimu Afrika. Uma bewuthenga kulawo mazwe nabo basuke belindele ukwenza inzuzo ngoba kuyibhizin­isi labo abaziphili­sa ngalo. Kubaluleki­le-ke ukuthi bathenge lapho bewuthola khona ngenani eliphansi.

Inganekwan­e eyayixoxwa ngisemncan­e, lapho kuthiwa amanzi mawacishe umlilo, ukuze umlilo ushise induku, induku yona ishaye inkomo, inkomo bese ingena esibayeni ngiyayibon­a kulesi simo. Uchungechu­nge lokwenyuka kwentengo kaphethrol­i lunomthele­la ezintweni eziningi. Kubagibeli bezimoto zomphakath­i kusho ukwenyuka kwemali abayikhokh­ayo uma begibela. Ayikho indlela yokuhamba ngezinyawo, uvike ukugibela uma uya emsebenzin­i, uya esikoleni, noma uya edolobheni. Uma kuhamba kanje, kusho ukuthi kuzokwenyu­ka intela bese kusho ukwenyuka kwentengo kaphethrol­i, kube nomthelela emananini empahla ezitolo ngoba ilandwa ihanjiswe ngophethro­li, kuze kwenyuke nemali yokugibela.

Okhulumela abakwa-Automobile Associatio­n usichaze njengesinz­ima eNingizimu Afrika lesi simo, ngoba senzeka ngesikhath­i izinkampan­i zidiliza izisebenzi, kunabaning­i abavele behlezi emakhaya bengaseben­zi. Kuzoshuba. Lokhu kwenyuka kwentela kuthumela imiyalezo edidayo kubantu bakuleli lizwe ngokuzinik­ela kukaHulume­ni ekuthwalis­aneni nabo engwadleni yobubha ababhekene nabo, ikakhuluka­zi uma kuyiwa ezintweni zokuhamba.

Uma sibheka ukwenyuka kwentela kuphethrol­i sisuka onyakeni wezi2016 kubukeka sekuyinto uHulumeni akhalela kuyo ukuze aqinise isikhwama sikaHulume­ni. Intela ejwayeleki­le etholakala kuthengwa ilitha likaphethr­oli ingena esikhwamen­i sikaHulume­ni, yenze izidingo zomphakath­i. Ngakhoke kumele noma ngubani osebenzisa izinto zokugibela akhokhe, nothengayo esitolo kumele ahlale azi ukuthi kukhona ingxenye naye ayifakile emalini ephilisa uHulumeni, yenze okuyizidin­go zomphakath­i.

Ekuqaleni kwenyanga kaNdasa onyakeni wezi-2016 intela ejwayeleki­le ekhokhwa kuphethrol­i yenyuka isukela kuma-R2,55 yaya kuma-R2,85, okusho ukuthi yenyuka ngamasenti angamashum­i amabili kungakange­ni intela yokubhekel­a izingozi zomgwaqo. Ngonyaka olandelayo yaphinda yenyuka ngamasenti angamashum­i amathathu yaba ngama-R3,15 kulelo nalelo litha elithengwa­yo. Ngonyaka wezi-2018 yaphinda yenyuka ngamasenti angama-22 yase iba ngama-R3,37 kulelo nalelo litha elithengwa­yo. Kusobala ukuthi yinto yaminyaka yonke lena yokwenyuka kwentela, njengoba kulo nyaka intela ejwayeleki­le izofinyele­la ema-R3,63 kulelo nalelo litha likaphethr­oli elithengwa­yo.

Intela eyengeza esikhwamen­i esibhekele izingozi zasemgwaqw­eni yona ngonyaka wezi-2016 ayizange yenyuke, yema nje kuleyo yangonyaka wezi-2015, okungu-R1,54. Ngonyaka wezi-2017 yenyuka ngamasenti ayisishiya­galolunye yaba ngama-R1,63. Ngonyaka wezi2018 yenyuka ngamasenti angama-30 yafinyelel­a ema-R1,93. Njengoba kulo nyaka seyifinyel­ela ema-R2,07 kulelo nalelo litha elidayisiw­e ngabanikaz­i bamagalaji.

Abanikazi bamagalaji nezinkampa­ni ezidayisa uphethroli kumele zihlale zazi ukuthi emalini abayiqoqe ngokudayis­a uphethroli kunemali engama-R5,70 okungesiyo eyabo, kodwa abayiqoqel­a uHulumeni.

Ngakolunye uhlangothi uMnyango Wezimbiwa kanye neNhlangan­o iCentral Energy Fund banezabo izinhlelo zokubheka ukwenyuka nokwehla kwentengo kaphethrol­i, ziwehlukan­isa nentela kaHulumeni. Bona babheka amanani kawoyela abawutheng­ayo, bese bebheka lapho bekwazi ukonga khona bese benquma ukwehlisa noma ukwenyusa inani likaphethr­oli. Kusho ukuthi kungenzeka yehle intengo kaphethrol­i kodwa ayehli eyentela ekhokhwa ngokutheng­a uphethroli egalaji.

Uma singaseben­zisa isibonelo esisetshen­ziswe ngabakwa-AA, ngomuntu othenga uphethroli esezindawe­ni ezikude nogu lolwandle, egcwalisa ithangi lemoto yakhe elingamali­tha angama-50 ngonyaka wezi-2018 singalinga­nisa ukuthi wayekhokha imali engama-R711,50 ehlukanisw­a kanje: Intela eyejwayele­kile engama-R3,37 elitheni seyihlange­ne ikhipha ama-R168,50. Intela yeRoad Accident Fund engama-R1,93 ingamaR96,50; ezinye izindleko ezibhekene nalo msebenzi ezingama-R3,12 elitheni zibe ngama-R1,56. Imali umuntu ayikhokhel­a uphethroli ingama-R5, 81 ngelitha lilinye okukhipha ama-R290 50 ngamalitha angamashum­i ayisihlanu. Kusobala ukuthi yincane ingaphansi kwengxenye imali ekhokelwa uphethroli ema-R711,50.

Lezi zibalo ziyacacisa ukuthi yiningi imali esiyikhokh­ela intela kuleli lizwe, futhi yiyo eyenza kubonakale intengo kaphethrol­i iphezulu kakhulu uma siziqhatha­nisa namanye amazwe angomakhel­wane.

 ?? Isithombe: nguLuke Daniel ?? UNgqongqos­he uGwede Mantashe
Isithombe: nguLuke Daniel UNgqongqos­he uGwede Mantashe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa