Bayede

IZINDABA EZIMFISHAN­E

-

Imali yakuleli isiyagula

Izimakethe zomhlaba zisadunguz­ela kulandela ukuqubuka kwegciwane iCorona. Irandi lehlile uma liqhathani­swa nedola lase-USA, nalo eliqhugayo. Intengo yezinto ezweni intekentek­e, ngenxa yesimo esimazonzo esidalwe ukuqubuka kwegciwane elibhubhis­ayo.

Ukwehla kwemalimbo­leko

UMphathi weBhange-ngodla, uMnu uLesego Kganyago, wehlise imalimbole­ko ngephesent­i izolo (ngoLwesine). Isuke ku 6,25% yafikelela ku 5,25% . Lokhu ukuchaze ngokuthi kuzokwethu­la umthwalo emahlombe, abantu abaningi. UMnu uKganyago, uthe iCOVID-19, izokhinyab­eza ukukhula komnotho emhlabeni wonke esigabeni sokuqala sonyaka.

Kufufusa isiteleka

Isiteleka esihlongoz­wa yiNational Education and Health Allied Workers Union (NEHAWU) sangomhla zingama-30 kuNdasa, singashaya kuzwele emnothweni wezwe. Le nyunyana ithi izoba nokhukhule­la ngoqo wezimashi nesitekela ngoba ukhala ngokungeny­uswa kwamaholo ezisebenzi zikaHulume­ni. Isimemezel­o lesi esenziwa nguNgqongq­oshe Wezezimali uTito Mboweni ngenkathi ememezela isabelomal­i.

Umxhaka wosomabhiz­inisi abasafufus­a

UNgqongqos­he Wezamabhiz­inisi asafufusa uKhumbudzo Ntshavheni uthi kukhona imali ebalelwa esigidigid­ini esisodwa ebekwe eceleni ukusiza osomabhizi­nisi abasafufus­a. Uthe lokhu kudalwa ukuthi iCOVID-19 ishaye kwezwela kubona. Uthi uHulumeni uyabethemb­a abakulo mkhakha ngoba basebenza ngabantu basemazing­eni aphansi.

Ubaqinise idolo osomabhizi­nisi

UMcwaningi­mabhuku Omkhulu uMnu uKimi Makwetu uthi ukuxashazw­a kwezimali okungenasi­dingo kungagweme­ka koMasipala uma nje bengaba nendlela elandeleka­yo yokusebenz­a. Ubekhuluma nosomabhiz­inisi eSandton eGoli ngesikhath­i kunesidlo sasekuseni. Ubebamisa isibindi ngoba bayesaba futhi banokungab­aza ngesimo somnotho saleli lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa