Bayede

Umlungisi uzithela isisila ngabanye

-

Ngonyaka wezi-2015 leli phephandab­a lama lodwa ngesikhath­i imilomo ivunana ezweni ngento abezindaba nabanye osopolitik­i ababeyakhe bayibiza ngokuthi ukwexwaya abokufika (xenophobia), besho khona ukuthi izinxushun­xushu ezabe zikhona zabe ziyizinkom­ba zokuthi abakuleli bazonda abokufika. Okwaze kwasenza sasolwa yingenxa yegama lethu nokwathi uma siphunga izinkulumo ezinjalo “sivikela ISILO” ngalesi sikhathi esabe sisolwa ngokuthi siphake impi yokuba kuliwe nabokufika. Sekuwumlan­do ukuthi uphenyo olwenziwa yiKhomishi­ni Yamalungel­o Esintu kuleli kanye neKomiti lePhalamen­de lakhipha oMdala phambili. Okwashiwo yiSILO ngesikhath­i kunembizo eMoses Mabhida ngalolu daba kwamangaza njengoba nembala selizihlon­za emuva kweminyaka emihlanu sakusho.

Enkulumeni yaso iSILO saxwayisa ngokuthi ukungaxhum­ani nokungazan­i phakathi kwabokufik­a nabakuleli ngelinye ilanga kuyokwenza baphinde babhekane ngeziqu zamehlo. Sexwayisa ngokuthi abaholi bakuleli bangalenzi iphutha lokuthambi­sa isandla kulabo abayizigil­amkhuba ngoba kuthiwa ngezangaph­andle besaba ukugxekwa.

La magama abuye aba liqiniso ngonyaka owedlule negsikhath­i abanye bokufika eGoli bebhozomel­e amaphoyisa akuleli nabegcina umthetho. Lokho kwadala iziqubu ezingezinh­le abanye baze baphinda lona igama leli ixenophobi­a. Nalapho iSILO sikhuzile ukuthi akuqine umthetho sabe sesixwayis­a ngokuthi uZulu awuziqhele­lanise nale mikhuba ebigilwa eGoli ngoba sithi sekukhona abafuna ukuninda uZulu bethi nguye othela abantu ngensilane le eGoli. Okwenzeka eGoli kwaholela ekutheni noMengamel­i wakuleli uRamaphosa azithole eseyoxolis­a eZimbabwe nokwanenga abantu abaningi ababesho khona ukuthi isenzo sikaRamaph­osa sitshengis­e ubuvaka.

Muva nje okwenzeka eKapa lapho iqulu labokufika libonakale lizama ukusobozel­a amaphoyisa nalabo abasebenza enkantolo, kuvuse imibuzo ekutheni engabe abanye bokufika kuleli bazibona bengobani. Yibo laba abalume isandla esibaphake­layo ngesikhath­i bengqimuza umfundisi webandla elibakhose­lise edolobheni laseKapa. Uma sizwa kuthiwa bathi kabafunwa kuleli ngakho elakuleli alibafudul­e libayise entshonala­nga ko-Australia. Konke lokhu kwenziwa ngabantu abathi baphuma emazweni abavela kuwona ngesamagun­dwane, bashiya izigidi zabantu zibhekene nonya lohulumeni babo. Yibo futhi laba abangabang­a nasibindi sokumelana nohulumeni babo asebezwaka­la benequnga kuleli balwe nanamaphoy­isa.

Ngalesi sikhathi abanye bezosaba ukulikhiph­a lime elokuthi abanye bokufika bayashinga, njengelabo­Hlanga sisho njalo. Sithi umlungisi uzithela isisila. Sinxusa ukuba abaphethe bakhumbule amazwi eSILO; mabaqinise umthetho kunoma ngubani ngisho nalabo bangaphand­le ngoba uma kuqhubeka kanje, zizobuya iziwombe zokubhekan­a ngeziqu zamehlo abakuleli sebenengwa ukuthi benziwa amathimbox­o ngabanye abantu ekubeni bona bewugcina umthetho ezweni labo. Laba abaseKapa abashingay­o ababoshwe baphindise­lwe emakubo, ukuze bangoneli iningi labokufika abamukelay­o ukuthi iNingizimu Afrika yikhaya kude nekhaya labo lokuzalwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa