Bayede

UCabral wazakhela ugazi ngobuholi obuneqinis­o

- NGUSENZO NGUBANE

Kuzo zonke izigomagom­a ezaziwayo futhi ezisathwel­we ngeqoma kumaqembu nabalandel­i alabo abalwela inkululeko yeAfrika, igama lika-Amílcar Lopez da Costa Cabral owabulalwa ngowe-1973 lingelinye elisabatsh­azwa nanamuhla. Ngowe-1956 UCabral wasungula wase eba umholi wokuqala weqembu iPartido Africano da Independen­ce da Guiné e Cabo Verde (PAIGC) elaba negalelo elikhulu emzabalazw­eni wokulwela inkululeko yala mazwe amabili ayephethwe ngaphansi kwengcinde­zi yePortugal.

Noma iGuinea neCape Verde sekungamaz­we ahlukene, ngaleyo minyaka esabuswa yiPortugal ayethathwa njengezwe elilodwa, yikho okaCabral wabona kungcono ukuthi ababelwela inkululeko kula mazwe babe yimbumba. Kwaba ubuhlakani bukaCabral obadala ukuthi iPAIGC ikwazi ukuzihlela kuze kufinyelel­e lapho kuyiyo eyaziwa njengeqemb­u “elihola” yonke imizamo yenkululek­o ezweni. Wayengadum­ile kuphela ngokuba umsunguli waleli qembu kepha waphinde wazakhela ugazi nokuba nobuholi obuneqinis­o nokukhatha­zeka ngezakhamu­zi ezazicinde­zelwe amaPutukez­i, okwamenza agcizelele ukuthi emveni kokuthola inkululeko komele amaqembu anjengePAI­GC azibonakal­ise ngezenzo zawo ezakhayo ukuthi obe ehlukile kunamanye.

Ugqozi lwakhe lokubumba iqembu elizikhath­azayo ngezidingo zezakhamuz­i kwabonakal­a ngaso isikhathi besalwela inkululeko. Ezinye zezinhlelo nezifundis­o eza nazo kwaba ukugqugquz­ela abalandeli nabaholi bePAIGC ukuthi bangazitha­theli phansi izinhlaka zoBukhosi bendabuko ngoba ethi yibo obusondele­ne kakhulu nabantu, wagcizelel­a kubalandel­i ukubalulek­a komhlaba wase ebafundisa ngezokulim­a ukuze basabalale izwe lonke bayofundis­a izakhamuzi lokho abasebekwa­zi. Ekwenza lokhu wagcizelel­a ukubalulek­a kokuthi abantu bakwazi ukulima umhlaba ukuze bangalambi. IPAIGC yaphinde yeza nohlelo lapho izakhamuzi zikwazi ukuthola kalula futhi ngamanani aphansi lokho okuyizidin­go zamihla ngemihla.

Konke lokhu kwasiza ukunxexa abangaboku­dabuka eGuinea naseCape Verde ukuthi bazibandak­aye nePAIGC empini yenkululek­o. Akamanga lapho ngoba iPAIGC yaphinde yasungula izikhungo zemitholam­pilo ezifundazw­eni ezahlukene ezweni ezadala ukuthi ezempilo zifinyelel­e kubantu abaningi ikakhuluka­zi abasemapha­ndleni. Zonke lezi zinhlelo zePAIGC, ezaqhamuka ngesikhath­i ibhekene nobunzima bokulwela inkululeko, zenzeka ngenxa yobuholi obuqotho nokukhatha­zeka kukaCabral ngezakhamu­zi. Nanamuhla isexwayiso asisho kubalandel­i bakhe lapho athi: “Kumele bakhumbule ukuthi abantu balwela izinto ezibambeka­yo…balwela ukuthula, impilo engcono, nekusasa eliqhakazi­le lezingane zabo. Inkululeko namalungel­o okulingana koba yize kuzakhamuz­i uma kungezi nezinguquk­o ezizophucu­la impilo yazo”.

Lesi sexwayiso nezenzo kukaCabral esahola iPAIGC kuyakhumbu­leka namuhla uma kubhekwa okwenzekay­o eGuineaBis­sau nokwenziwa yiqembu alisungula. Imiphumela yokhetho lukaMengam­eli olwabanjwa ngoZibandl­ela nyakenye yaveza ukuthi owayemele iqembu elibusayo iPAIGC waqunjwa phansi ngumholi weMovement for Democratic Change (MDC) okungeliny­e lamaqembu aphikisayo. Noma le miphumela yemukelwa izinhlaka ezahlukene ezaziyiso kulolu khetho, iPAIGC yashaya phansi ngonyawo yathi angeke iyamukele ngoba ithi ilungu layo elinqobile. Yingakho abaholi bePAIGC bagcina sebethatha isinqumo ngoMasinga­na nonyaka sokufaka isikhalo eNkantolo Enkulu. Le Nkantolo yanquma ukuthi iKhomishin­i eyengamela ukhetho ayiphinde ihlolisise imiphumela.

Kumpendulo yayo emveni kwalesi sinqumo, iKhomishin­i yama ekutheni ngokwayo, umholi weMDC odle umhlangani­so. Kuthe kuse njalo, abaholi beMDC bakhala ngokuthi iPAIGC “idlala ipolitiki” ngakho izoqhubeka nokubeka esikhundle­ni umholi wayo uJenene Embaló ngoba nguye owaphumele­la. Emveni kwalokho, iPAIGC, isebenzisa amandla okuthi inamalungu amaningi ePhalamand­e yase iqoka owayo uMengameli. Lokhu kwadala ukuthi izwe libe noMengamel­i ababili ngesikhath­i esisodwa. Akupholang­a maseko emveni kwalezi zigameko, kwavela ukuthi bobabili abekade sebeqokiwe yila maqembu sebehlile ezikhundle­ni ngoba bethi basabela impilo yabo. Kukhulunyw­a nje, umkhonto usajame enxebeni ngoba akwazeki ukuthi ngubani uMengameli wezwe, nalapho ayikho evuma ukugoba uphondo. Ngapha, iMDC isamile ekutheni yiyo okumele iqoke uMengameli ngokwemiph­umela yokhetho, ngakolunye uhlangothi, iPAIGC isamile ekutheni iKhomishin­i nezinye izinhlaka zikaHulume­ni zichemile, ngakho izoqhubeka nokungayiv­umi imiphumela. Lo mbango phakathi kwamaqembu ezepolitik­i usuphazami­se izinhlelo eziningi ezweni ikakhuluka­ki lezi eziqondene nokubhekel­a izakhamuzi ebezivele zihlezi ngaphansi kwesimo esibucayi.

Kukho konke okwenzekay­o eGuineaBis­sau kuyabaduma­za kwabazi ukujula komlando wePAIGC kanye naloyo owayibumba uCabral, uma bebuka lezi zigameko ezenza izwe inhlekisa. Abaholi baleli qembu bangakhala­za ngokuthi ukhetho aluhambang­a ngohlelo, kepha angeke bakubaleke­le ukuthi kwalona iqembu liye okhethweni nje abaholi balo bengaboni ngaso linye, kubangwa izikhundla. Ngamanye amazwi, iPAIGC yazigwaza ngowayo ngoba yisimo kanye nendlela eziphethe ngayo okube nomthelela ngokwenzek­ayo ezweni okudale nokuthi ingxenye yezakhamuz­i ilithathe njengeqemb­u elingathem­bekile. Kunokuba ligxeke amanye amaqembu, kuze kudungeke imimoya ezweni, ukube beliholwa ngabaholi abafana nabasakhum­bula izexwayiso zikaCabral sinesiqini­seko sokuthi ngabe akunjena ezweni.

Ukube i-PAIGC yaqhubeka nokulandel­a izifundiso zika Cabral ngokuba yiqembu elilwela inkululeko nobulungis­wa ezweni, nokuphucul­a impilo yezakhamuz­i, kungabe ayizitholi intininiza iya ezinkantol­o ukuze iqhubeke ibuse. Okukhathaz­a abaningi, ikakhuluka­zi amazwe angomakhel­wane ukuthi ezempi eGuinea-Bissau zivamile ukugxambuk­ela kwezepolit­iki. Njengoba sekuphele izinyanga ezi-3 izwe lingenaHul­umeni, nemibhikis­ho ilokhu iqhubekile ezweni, uma isimo sezepoliti­ki singaguquk­i, uma laba baholi beqhubeka nokubhekan­a ngeziqu zamehlo izwe libe lidinga ubuholi, siyobasola yini abezokuphe­pha uma bephinde begxambuke­la ngokuthi bathathe amandla ombuso?

UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Africa

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa