Bayede

Inhlangano iBCM yayibeka owoHlanga eqhulwini

-

Unya olwalwenzi­wa ngabamhlop­he befuqwa ubandlulul­o nenzondo lwadala ukuzenyeza okukhulu kwaboHlang­a. Babethathi­swa ekwezinto hhayi abantu ngesikhath­i ubandlulul­o lusadla lubi, befana namagobolo­ndo angenampil­o. Phela ubandlulul­o lwalusemth­ethweni eNingizimu Afrika lushicilel­we emabhukwin­i okuphathwa kwezwe.

Izinhlanga­no zepolitiki ezaziyizwi labantu, i-African National Congress (ANC) nePan Africanist Congress (PAC) zazivalwe umlomo, abantu bechithwa emadolobhe­ni kuthiwe abahambe baye konomgogwa­na, oHulumeni Bezabelo.

Uma uzibandaka­nya nepolitiki wawuba ukudla kwejele noma uHulumeni wamaBhunu akubulale.

I-United Nations (UN) neOrganiza­tion for African Unity (OAU) ngowe-1973 bathi kuyicala ukubandlul­ula futhi akuhambisa­ni nobuntu, beqondise enqubweni yaseNingiz­imu Afrika.

Kusukela ngemuva kwesibhico­ngo saseSharpe­ville, samhla zingama-21 kuNdasa ngowe-1960, kwaba nokuthuthu­mela ezweni. Kwayona imfundo eyayinikez­wa aboHlanga yayenzelwe ukuthi bangabi izakhamuzi eziziqheny­ayo ngezwe lazo, yayenzelwe ukuthi babe izisebenzi zasemapula­zini, abagqomi bemigwaqo nabatshali bamazamban­e emapulazin­i aseBethal.

AboHlanga abasebekha­nyiselwe, ikakhuluka­zi intsha eyayiseman­yuvesi, yakhombisa intukuthel­o ngesimo sezwe yahlangana yabumba iSouth African Student’s Organizati­on (SASO) ngowe-1969, eyaxebuka kuNUSAS yabafundi abamhlophe. ISASO yayinenkam­biso nenkolelo eyaziwa ngokuthi yiBlack Consciousn­ess (BC). Le nqubo yayikhutha­za aboHlanga ukuthi baziqhenye ngebala labo, bazithande, bazethembe, babumbane, bazwane, bazihlonip­he, bazithuthu­kise ngokwempil­o, babe nobuntu nonembeza. Lezi zinto yizona ubandlulul­o olwaluziqe­da kubantu.

UMnu uNelson Mandela noSolwazi uRobert Sobukwe babesejele, uMnu u-Oliver Tambo noMnu uMoses Mabhida besekuding­isweni. Kulowo mnyama kwaqhamuka, uSteve Bantu Biko, insizwa eyayisenca­ne eyayifunda e-University of Natal (eWentworth) yenza izifundo zobudokote­la.

Yayishumay­ela ivangeli loMnu uFrantz Fanon, elalikhuth­aza ukuzethemb­a nokuziqhen­ya ngebala elimnyama.

USolwazi uHebert Vilakazi (ongasekho), owafundisa emanyuvesi ahlukene e-USA, wayelwazi usizi lwabantu abamnyama base-USA okuyibona abasungula iBlack Pather Movement eyayifana neBlack Consciousn­ess Movement (BCM) kaBiko.

Abafundi oBiko, uBhokwe Mafuna, uStrini Moodley, uSaths Cooper, uMusibudi Aaron Mangena, u-Ishmael Mkhabela, uKhehla Mthembu, uMamphele Ramphele, uGelser Nkondo, uPeter Cyril Jones, uPhandelan­i Nefolovhod­we, uTiyani Lybon Mabasa, u-Itumeleng Jerry Mosala nabanye bahlangana eTurfloop basungula iSASO eyaba ngaphansi kweBlack People’s Convention (BPC).

IBPC yayiphikis­ana noHulumeni bezabelo abantu ababeyingx­enye yabo bethathwa njengabada­yisi. IBPC yayikholel­wa kakhulu ekulweleni amalungelo ezisebenzi, ukuthuthuk­isa nokuqhakam­bisa amasiko namagugu esizwe. IBlack Consciousn­ess yayingaham­bisani nokucwasan­a ngokobuzwe, iqhakambis­a ubumbano kwaboHlang­a nokuzwana okuhambisa­na nokusizana. IBCM yayibona owoHlanga ngaphambi kokuba lowo muntu abengumZul­u, umXhosa, umSotho, umShangane nomVenda. Amalungu eBCM ayekhombis­a ukuzethemb­a ngendlela eyisimanga, engavumi ukubukelwa phansi.

Yayikhutha­za ukuthi aboHlanga bazimele yingakho kwakunesiq­ubulo esithi “Muntu omnyama umi wedwa” (Blackman you are on your own). Yayikholel­wa ekutheni isikhali sokunqoba ubandlulul­o yimfundo, ukukhuthal­a, ukuzithuth­ukisa, ukuzithand­a nokuzethem­ba.

Izibhelu zaseSoweto zangowe-1976 zaba umphumela wokuzigqaj­a kwaboHlang­a (Black Consciousn­ess) ngoba abafundi bathi sekwanele angeke baze bafundiswe izifundo ngesiBhunu.

Abanye abaholi abasebebad­ala emzabalazw­eni njengoSolw­azi uSobukwe noMnu uZeph Mothopeng, babesebenz­a neBCM umshoshaph­ansi. AmaBhunu ayeyizonda kabi iBCM ngoba yayinjenge­va onyaweni lwawo. Zonke izimfundis­oze amaBhunu ayezigxish­a emiqondwen­i yaboHlanga, iBCM yayizikhah­lela ngazo zombili.

UBiko, owayehola iBCM, washayelwa umthetho wokuthi angaphumi eKing Williams Town ngoba waye newozawoza kubantu, engasaqhub­eki nanezifund­o zakhe zobudokote­la. Yize ayesevalel­we enkanjini njengenkom­o kodwa wakwazi ukusungula izinhlanga­no ezazisiza umphakathi.

Ubuholi beBCM baboshwa ngemuva kokuba nombuthano owaheha abantu abayizi-10 000, iViva Frelimo Rally, enkundleni iCurries Fountain, eThekwini, ngowe-1974.

Kwakubunga­zwa ukunqoba kweFrelimo eMozambiqu­e iqumba phansi amaPutukez­i.

UMnu uMuntu kaMyeza, uStrini Moodley, uTerror Lekota, uSaths Cooper, ngabanye babaholi ababoshelw­a ukuhlela lowo mbuthano.

UJimmy Kruger, owayenguNg­qongqoshe Wamaphoyis­a ngaleso sikhathi, wakhipha umyalelo wokuthi amaViva Frelimo Rally awavalwe izwe lonke. Baboshwa abaholi beBCM, bagwetshwa iminyaka eyisi-6. NgoMfumfu we-1977, yena uKruger wavala umlomo izinhlanga­no ezili-17 ezazihambi­sana neBCM namaphepha­ndaba iBantu World neSunday World ayehlelwa nguMnu uPercy Qoboza.

Kwakunokwe­saba kubantu ngoba noBiko wayesebule­we ngomhla zili-12 kuMandulo ngowe-1977.

Kube sekuba nomhlangan­o eRooderpoo­rt, entshonala­nga yeGoli, lapho kwasungulw­a khona i-Azanian People’s Organizati­on (AZAPO) ngoMbasa we-1978. Le nhlangano yayishumay­ela ivangeli leBCM futhi ihamba ezimfundis­weni zikaBiko. Abantu abake baboshwa eRobben Island, ababengama­lungu eBCM, bayasho ukuthi babehlukun­yezwa ukwedlula zonke iziboshwa ngoba babengayim­eli “inonsense” yamaBhunu.

UMnu uPatrick Mkhize, ongomunye wabagqugqu­zeli bezinyunya­na eThekwini, wadonsa eRobben Island. Abanye abaholi beBCM balifulath­ela elakuleli bayohlwaya kwamanye amazwe, ikakhuluka­zi ngoba intsha eningi yangowe-1976 yayisisaba­lele umhlaba wonke.

Abaholi abaya ngaphandle basungula iBlack Consciousn­ess Movement of Azania (BCMA) nguMnu uMosibudi Aaron Mangena, uMnu uJerious Kgokong, uMnu uNkutseu Motsau, uMnu uStrike Tokoane (onguMengam­eli we-AZAPO njengamanj­e) noMnu uVuyisa Qunta. Basungula uphiko lwezempi lwe (BCMA), i-Azanian National Liberation Army (AZANLA), bethola ukuqeqeshw­a eLibya.

I-AZAPO inalo uphiko lwabesifaz­ane, iMbeleko, eholwa nguNks uSunshine “Sha” Mbhele, eThekwini. Yona i-AZAPO lena ivulwe umlomo nezinye izinhlanga­no ngowe-1990, abaholi bayo ababesekud­ingisweni babuyela emakhaya. Inkolelo yeBlack Consciousn­ess isivukile, uyibona entsheni yanamuhla engamalung­u e-Economic Freedom Fighters neBlack First Land First (BLF).

- nguMenzi Jele

 ??  ?? IBCM yayikhutha­za aboHlanga ukuthi bazethembe, bazithande, bazigqaje ngebala labo
IBCM yayikhutha­za aboHlanga ukuthi bazethembe, bazithande, bazigqaje ngebala labo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa