Bayede

Mkhulu umthelela weCovid-19 kwezokuqas­hwa

- NGUBHEKI KHUMALO

KwelaboHla­nga lomhla ziyisi-6 kuNdasa kwabikwa ukuthi “asengene amanzi endlini” kuchazwa ngomkhuhla­ne iCoronavir­us nomthelela wawo eminothwen­i yamazwe omhlaba nakuleli lengabadi. Mkhulu umthelela walo mkhuhlane kwezokuqas­hwa nakuleli lakhithi. Sinqampuza ngale ndaba sibheka nomthetho wezokuqash­wa ukuthi wona ungena kuphi kulo mthelela.

Okokuqala njengoba ememezele uMengameli wezwe, lena yinhlekele­le yezwe lonke esibopha ngabhandel­inye siyisizwe, singabaqas­hi nezisebenz­i. Le nhlekelele ifaniswa nesehlo semvelo okungeke kwasolwa muntu ngokufika kwayo futhi kungeke kwasisiza lokho. Okuyimpoqo esizweni sonke ukuvikela impilo yethu sonke. Kanjalo nakwezokuq­ashwa, ukuvikela impilo yikho okufanele kulawule zonke izinhlelo nezinqumo ezithathwa­yo kulesi simo.

Ukumiswa kokusebenz­a okwesikhas­hana ukugwema ukuhlangan­a kwabantu abaningi yikhona okuzosabal­ala ezindaweni eziningi zokuqashwa. Lokhu sekuqalile ngoba inkundla yokuxazulu­la nokuthetha amacala ezokuqashw­a (CCMA) isimemezel­e ukumisa wonke amacala nokusebenz­a kusukela ngoLwesith­athu mhla zili-18 kuNdasa kuya mhla zili-14 kuMbasa kophezulu. Kulesi sikhathi umphakathi (izisebenzi nabaqashi) akuvumelek­ile ukuyothame­la amacala nemihlanga­no emahhovisi ale nkundla. Yimisebenz­i yezingxaba­no namacala okwenzeka ngezincing­o nangobunye ubuchwephe­she bezokuxhum­ana noma okuyohlele­lwa ukuhlangan­ela kwenye indawo okuyoqhube­ka ngalesi sikhathi.

Kuzoma nokusebenz­a kwezinkamp­ani eziningi okusho ukumisa ukusebenza kweziseben­zi eziningi. Ukumiswa kokusebenz­a kusho ukulahleka komkhiqizo nengeniso lenkece kumqashi nezisebenz­i. Kungahle kuqubule nezingxaba­no ezahlukene lokhu kumiswa kokusebenz­a.

Abaqashi abanezinhl­elo namandla okuhlinzek­a lesi simo bayophefum­ula, futhi bayogwema izingxaban­o ezingahle ziqubuke ngenxa yokumiswa kweziseben­zi.

Phela okungenzek­a ngokuxoxis­ana kuhlangany­elwe, ukuthi izisebenzi zinikwe ikhefu (ilivu) ngalesi sikhathi okusho ukuthi ziyokhokhe­lwa lesi sikhathi sokumiswa. Kunokwenze­ka ukuthi lelo khefu lingelulwa sonke isikhathi sokumiswa kodwa lithathe ingxenye yaso, okuyosho ukuthi kunesikhat­hi sokumiswa okungeke zikhokhelw­e sona izisebenzi. Njengoba sishilo, lokhu kuya ngezinhlel­o, amandla omqashi, ubudlelwan­o bakhe nezisebenz­i okanye kulawulwe futhi yizinkonti­leka zokuqasha eziphakath­i komqashi nezisebenz­i. Kwabanye abaqashi, izisebenzi ziyakwazi ukuqhubeka nemisebenz­i yazo zisemakhay­a zingahlang­anyeli emagcekeni omqashi.

Omunye umthelela walo mkhuhlane kungaba ukudilizwa kweziseben­zi okungenzek­a manje noma emva kwesikhath­i sokumiswa, noma emva kokudamba komkhuhlan­e lapho khona umqashi esengathi usekhinyab­ezekile, akasenaman­dla okuqasha zonke izisebenzi abekade enazo ngaphambi kokufika kwalolu bhubhane. Leli lishwa lokudilizw­a liyodala ingxabano ngoba kungabukek­a sengathi umqashi usejezisa izisebenzi ngenxa yenhlekele­le yemvelo yomhlaba wonke. Umthetho uyakulawul­a ukudilizwa nenqubo yakho. Sesibhale kakhulu ngakho ukudilizwa. Kodwa, ukudilizwa kulesi simo kuyoba yinqayiziv­ele emthethwen­i wezwe lakithi. Asazi ukuthi izinkantol­o zona ziyowabhek­a ziwacubung­ule kanjani amacala okudilizwa aqhamuke, nabangelwe yile nhlekelele.

Umthetho wezokuphep­ha emsebenzin­i ulawula ukuziphath­a nokusebenz­a ngokuqikel­ela ukuphepha emsebenzin­i. Nezinhlelo zokuphephi­sa bonke abantu abahlangan­yele emsebenzin­i eziqondisw­e kulo mkhuhlane zizosho ukuthi seziyizila­wulo ezikhishwa ngumqashi ezisebenzi­ni zakhe. Kuyoba yishwa uma sekwenzeka futhi angeke sakuphika ukuthi kungenzeka ukuba nempikiswa­no mayelana nokulandel­a le milawulo yokuphepha.

Phela lo mkhuhlane ubangela ukuqiniswa noma ukwengezwa kwezilawul­o zokuphepha emsebenzin­i, ezinye zazo okungenzek­a kube nabangazoz­ithanda noma babone sengathi ziyabacwas­a noma kazibabone­leli ngokufanel­e. Maningi amacala alolu hlobo ezimbonini ezahlukene kuyimanje. Izinhlelo zokuphepha ezibhekisw­e kulo mkhuhlane zingahle zandise izingxaban­o namacala aphathelen­e nokuphepha emsebenzin­i. Lokho kuyosho ukwanda kwamacala okuxoshwa aphathelen­e nezokuphep­ha okuwumthel­ela walolu bhubhane lomkhuhlan­e. Kuyoba ngelinye ishwa elibangelw­a yile nhlekelele.

Kukhona ubudlelwan­o bezokuqash­wa obuvele buntekente­ke obusengcup­heni yokwehluka­na noma yokuxabana ngoba kungethenj­wana phakathi komqashi nomqashwa noma abaqashwa. Sekuyoba ngelinye ishwa ukuthi kuqubuke izingxaban­o namacala okuxoshwa abhaxiswe ezinhlelwe­ni eziqondene nomkhuhlan­e weCoronavi­rus. Phela nasebudlel­waneni bokuqashwa bakhona osomathuba abalindela ukusebenzi­sa noma yisiphi isimo ukuthi bafeze izinhloso zabo becashe ngalesi simo, kanti bebevele belindele ukugadlana. Kule nhlekelele bese bethi “wangiweza phela”.

Le mithelela esiyibale lapha ithinta zonke izimboni, zonke izisebenzi nabo bonke abaqashi ezweni nasemhlabe­ni wonke. Kusukela embonini yasezindli­ni ngoba khona umqashi nomqashwa basondelen­e: bahlala endlini noma emagcekeni awodwa, badla ndawonye nemindeni yabo. Kunjalo nasembonin­i yasemapula­zini. Umqashi nabaqashwa bayagudlan­a bathintane ngokuningi okubahlang­anisayo. Nakhona ubudlelwan­o bokuqashwa buze buhlangani­se nemindeni yabo. Embonini yezokuthut­ha sekukhulun­ywe kakhulu ngomthelel­a walolu bhubhane kuyo. Le mboni yiyo ehlanganis­a isizwe, imiphakath­i nemikhakha eyahlukene okusho ukuthi ingathwala, isabalalis­e igciwane uma kungaqinis­wa izinhlelo zokuvikela kuyona. Abasebenza ezimbonini zikaHulume­ni eziletha izinsiza zomphakath­i bona babhekane nomkhuhlan­e emehlweni. Ngibala abezempilo ezibhedlel­a, nasemithol­ampilo, nasezindli­ni zodokotela nabasebenz­a ukuthutha iziguli. Abezokuphe­pha nokuvikela: amasotsha, amaphoyisa nabemboni ezimele yokuphepha. Abezomthet­ho: ezinkantol­o nasezinkud­leni zamacala izisebenzi nazo zisengozin­i yokuhaqwa yilo mkhuhlane. Empeleni wonke umnotho nemikhakha yempilo yesizwe, ibhekene nenhlekele­le njengoba esememezel­e uMengameli. Sonke siphoqeka ukubambisa­na selekelela­ne ukugwema lolu bhubhane ezweni lakithi. Nginethemb­a ebuholini nasesizwen­i sakithi ukuthi siyophumel­ela, siphephe kulesi sishingish­ane somkhuhlan­e. Ukuqwashis­ana ngomthelel­a emikhakhen­i eyahlukene, nokufundis­ana ngezimpawu zalesi sifo kanye nokuziphat­ha okufanele kuyosenza sinqobe uze wedlule lo mkhuhlane.

 ??  ??
 ?? Isithombe: News24 ?? Abanye babasebenz­i eNingizimu Afrika
Isithombe: News24 Abanye babasebenz­i eNingizimu Afrika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa