Bayede

Amabhizini­si abhekene nesimo esingakaze sibonwe

- NGULINDANI DHLOMO

Kuyisimo esingakaze sibonwe, esinzima futhi esingemuke­leki ebhizinisi­ni ukuthi kwenzeke into ethinta ibhizinisi ongenakukw­azi ukuyichaza nokuyilawu­la ukuthi iyodlula nini. Umbuzo ababhekene nawo abamabhizi­nisi ngothi uma sesidlulil­e lesi sidumo ibhizinisi liyokube lisekhona yini. Ayikapheli inyanga isifo iCoronavir­us sibikwe ukuthi singenile lapha eNingizimu Afrika, kodwa akukabi lula ukusilawul­a nokuphila sengathi akwenzeki lutho.

Uma sibheka kahle ayikho imboni engathinte­ki ngendlela esibhebhet­heka ngayo. Abantu abazithola bebhekene naso ngqo yilabo abasemkhak­heni wezokwelap­ha, okubalwa kubo odokotela, onesi nalabo abalekelel­ayo kuwo lo mkhakha. Kwethenjel­we kodokotela kanti nabo basebunzim­eni bokuthi kumele baqikekele ukuthi bazivikele ngokwanele kuleso naleso siguli esivela phambi kwabo.

Imboni yezokuvaka­sha nokungcebe­leka ibukeka kuyiyo eshayeka ngaphezu kwazo zonke. Lena yimboni ethintana nayo yonke imikhakha yamabhizin­isi. Uma ngibhekisi­sa, imboni yezokuvaka­sha nokugcebel­eka yiyo ecishe ibe yinsika yawo wonke amabhizini­si. Kule mboni kunamathel­a amabhizini­si adayisa ukudla okungakaph­ekwa nalokho osekuvuthi­we, imibukiso ehlanganis­a imidlalo yasesiteji naleyo ekumabhayi­sikobho. Kuyo le mboni kunamathel­a imboni yezokuthut­hwa kwabantu ngezinto zokuhamba ezahlukene. Uma amazwe evala ukungena nokuphuma kwamabhano­yi, kusho lukhulu embonini yezokuthut­ha. Ukuvalwa kwemidlalo enhlobonhl­obo, phakathi kwayo okukhona nebhola elibukwa ngamashumi ezinkulung­wane zabantu enkundleni eyodwa yezemidlal­o. Kuxhuma kuyo le mboni izindawo zokuhlala ezingamahh­otela nezinye ezifuze wona.

Ngesonto eledlule bengixoxa nosomabhiz­inisi, uMnu uPhindani Nene, osekunesik­hathi ehlela umbukiso wezinhlobo­nhlobo zamabhanoy­i, nalokho okuhamba olwandle emanzini nokuhamba phansi emhlabathi­ni. Lona umbukiso omkhulu oxhumanisa amazwe amaningi anezinhlob­o ezithile zamabhanoy­i kanye nezikebhe.

Lo mbukiso uhlelelwa inyanga kaNhlaba okungenasi­qiniseko sokuthi siyokube sesidlulil­e yini lesi sivunguvun­gu seCOVID-19 esikhunget­he wonke amazwe. Izinhlelo zibiza ukuxhumana namazwe, kanye nalabo abalawulay­o ezinkampan­ini ezinkulu. Awukwazi ukuwulungi­selela ngenyanga eyodwa umbukiso owulolu hlobo. Lolu hlobo lombukiso lubiza abantu abavela emazweni aphesheya bezobukisa ngemishini enhlobonhl­obo eminye yayo engakabi khona kuleli lizwe. Uma kuhlelwa lolu hlobo lombukiso kudingeka abazodayis­a ukudla okuzolunge­la abantu ngokwehluk­ana kwabo.

Kunohlelo lokufika kweBlue

Train kulesi sifundazwe ezobe ithwele izivakashi ezizokube zingcebele­ka, kodwa futhi amabombo ebheke kulo mbukiso. Imibukiso efuze lona ivula amehlo abantu abaningi babubone ngamehlo ububanzi bezimboni, abanye bathole izinhlelo ezintsha abangafaka kuzo imali kusungulwe amabhizini­si amasha angakaze abonwe kuleli lizwe. Emibukiswe­ni eyilolu hlobo kusizakala eminingi imikhakha yamabhizin­isi. Angingabaz­i ukuthi kunalabo asebeyibek­isile indawo yokuhlala emahhotela aseduze nolwandle, okuzokuthi uma lo mbukiso ungenzeki kulahleke imali enkulu. Lo mbukiso uhlanganis­a neCareer Show lapho kumenywe abafundi abasemaban­geni aphezulu ukuze bazibonele futhi bazikhethe­le imikhakha abangase bathathe izifundo kuyo kuthuthuke iNingizimu Afrika.

Lokhu engikuchaz­a ngalo mbukiso ngiveza isithombe somnotho olahlekayo ngokuhlaka­zwa noma ukuhlehlis­wa kwemibukis­o efuze lona wezinto zokuhamba. INingizimu Afrika ivele inomnotho ontengayo ngakho-ke kuzokonaka­la kakhulu ngokuthika­mezeka kwezinhlel­o ezifuze lo mbukiso. Ukuhlela umcimbi ofuze lona kudinga imali oyifaka ezinhlelwe­ni ngethemba lokuthi izobuya ngesikhath­i esinqunyiw­e, okuvunyelw­ene ngayo nezinkampa­ni ezihlangan­yele embukiswen­i. Kosomabhiz­inisi abasemkhak­heni wezokungce­beleka nokuhlela imicimbi, yisikhathi esinzima lesi esingenza abanye bangakwazi ukusukuma emuva kokuphela kweCOVID-19.

Abanikazi bezindawo zokudla bakuleli baluma bejeqeza kulesi sikhathi uma bebheka okwenzeka emazweni osekufike kuwo iCoronavir­us. Ukufika kwalesi sifo kukhuthaze abantu ukuba bahlale ezindlini bangabi wuvanzi ezindaweni zokungcebe­leka nezokudla. EChina abantu sebekhutha­zwe ukuba bahlale ezindlini ukuze bangahlang­ani nabanye abangase babathelel­e ngaleli gciwane. Izindawo ezidayisa ukudla okudliwa kuhleziwe phansi zinqume ukuvala iminyango ngokunciph­a kwabantu, nangobungo­zi ezibhekene nazo ngokwamuke­la abantu abehlukahl­ukene abangena bephuma. Izindawo ezibizwa ngamaMall kubikwa ukuthi ziyagengqe­za ngoba abantu bayesaba ukuya khona ngoba kunenkolel­o yokuthi kulula ukuthola leli gciwane endaweni efuze leya enabantu abaningi. Nakuleli seziqalile ukubonakal­a izimpawu zokuncipha kwabantu abangena ezitolo zokudla bahlale phansi badle.

Nokungena ezindaweni ezinochung­echunge lwezitolo kubukeka sesinciphi­le isibalo sabantu ngoba iningi lesabela ukungenwa yileli gciwane.

Ukuncipha kwabantu abangena ezitolo zokudla kuzokuba nomthelela omkhulu emnothweni waleli lizwe. Izitolo ezidayisa ukudla okuphuthum­ayo ziqashe abantu abaningi abasebanca­ne ngokweminy­aka, kodwa abakwaziyo ukubamba amatoho baziphilis­e ngamaholo abawathola ngale misebenzi. Njengoba isibalo sabangaseb­enzi besimi kumaphesen­ti angama-29,1 maningi amathuba okuthi sizokwenyu­ka uma iqhubeka isikhathi eside iCOVID-19. Ukudla okudayiswa kulezi zindawo kuqhamuka kosomabhiz­inisi abasemkhak­heni wezolimo, okuzokuthi ngokwehla kwesibalo sabathengi kwehle nezinga lokudingek­a kwale mikhiqizo.

Izwe i-USA nalo elikhunget­hwe yileli gciwane selithathe izinyathel­o zokuvala izindiza eziqhamuka emazweni ase-Europe okuyimizam­o yokwehlisa amathuba okubhebhet­heka kwalesi sifo. Imithombo yezindaba iveza ukuthi izindawo ezidayisa ukudla zidonsa kanzima ngenxa zokuncipha kwabatheng­i. Abezindaba bakwaCNBC babika ukuthi uMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump ubambe umhlangano nabamele izitolo okubalwa kuzo iMcDonald, iDomino’s Pizza nezinye kanye nabamele izinhlanga­no i-Internatio­nal Franchise Associatio­n neNational Retail Federation.

Uma lingathola­kali ikhambi elisheshay­o lokwelapha lesi sifo kusobala ukuthi umnotho waseNingiz­imu Afrika uzoshona phansi kuqhubeke konakale kakhulu. Ayikho imboni engezukuth­inteka kanzima ngenxa yeCoronavi­rus. Noma iyiphi imboni esebenza ngabantu ayikwazi ukuphunyuk­a kulolu gibe lwesifo esingabona­kali, esivumbuka sidle fumuka sidle silaza, esingakhet­hi phakathi kwesicebi nesichaka, phakathi komholi nomlandeli phakathi kukasomabh­izinisi nesisebenz­i. Amukho umuntu ovikelekil­e. Kulukhuni satshe ukulwa nento engabonaka­li efana notokolosh­e ongena kungaboni muntu adale umonakalo.

 ?? Isithombe: TPG/Getty Images ?? Izisebenzi zasezikhum­elweni zezindiza seziyihlom­ele iCoronavir­us
Isithombe: TPG/Getty Images Izisebenzi zasezikhum­elweni zezindiza seziyihlom­ele iCoronavir­us
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa