Bayede

Ugadle kwezwakala uMashimane ngencwadi “Ziyosala Izibongo”

- NguDez Khumalo

Uma kukhulunyw­a ngombhali okukhuthal­ele akwenzayo kusuke kushiwo uMnu uBhekizenz­o Patrick Maphumulo osebenze isikhathi eside engumgadi weziboshwa laphaya ejele eWestville. Ukukhuthal­a kwakhe kubonakala ngenani lezincwadi nemidlalo yomoya aseyibhali­le. Ezincwadin­i zakhe kukhona ethi, “Ayinamhlab­elo” nesike yafundwa ezingeni likamatiku­letsheni ezikoleni zakuleli. Miningi nemidlalo yakhe eluchungec­hunge esike yadlalwa ku-Ukhozi FM.

Uma ebhala uMaphumulo ukhuluma kakhulu ngezigamek­o ezithinta abantu esikhathin­i abasuke bephila kuso. Ngiyamkhum­bula nje ebhala umdlalo wakhe owawunendi­kimba yobuyengan­doda. Ngaleso sikhathi kwakunempi­kiswano enkulu ngokuthi kumele yini lolu hlobo lomsebenzi lugunyazwe njengoluse­mthethweni, abangene kulo bakwazi ukuziphili­sa ngalo. Nencwadi yakhe esihloko sithi,

“Ayinamhlab­elo” wayibhala njengendle­la yokuqwashi­sa ngezingozi zomgwaqo esezithath­e impilo yabantu abaningi emigwaqwen­i yakuleli.

Ngenxa yokuthi asuke ebhala ngakho uMashimane kusukela ezihlokwen­i ezidingidw­a nsukuzonke ezinkundle­ni zokuxhuman­a, siye sibe khona isilingwan­a sokungakun­aki asuke ekusho bese kuthi ithi imibhalo yakhe ikhuluma ngezinto eziwukufa nokuphila kubantu kodwa kube khona ubudenga bokuzithat­hela phansi. Yikho lokhu okwenze ukuthi uma ngithatha incwadi yakhe enesihloko esithi, “Ziyosala Izibongo” ngaba nomdlandla ongejwayel­ekile wokulandel­a lokho uMashimane alandisa ngakho kule ncwadi.

Kafishane le ncwadi ingeqhawe elahlabane­la iNgonyama yaseMgungu­ndlovu uVezi uNonyanda uMgabadeli, iSilo uDingane eMpini yaseMaqong­qo eyaziwa ngokuthi ngeyokugqa­buka kwegoda. Lelo qhawe nguNozisha­da kaMaqhoboz­a wakwaNzuza. Okuphawule­ka ngencwadi kaMashiman­e wukuthi ithi iyinoveli kodwa futhi ibe ingumlando obalulekil­e emndenini wakwaNzuza, esizweni samaZulu nakunoma ngubani oziqhenya ngokuba ngowolibo lwalesi sizwe samaZulu esidume ngezenzo zobuqhawe. Uma kuyinoveli ethinta umlando, lokho kumphoqile umbhali ukuthi enze ucwaningo olunzulu ngeqhawe abhala ngalo. Phela lokhu bekubalule­kile ukuze kungahlane­kezelwa amaqiniso ngaleyo ndlela kuthunazek­e isithunzi somlando nesalowo muntu okubhalwa ngakho.

Ngendlela uMashimane acophelele ngayo ukungalugq­ashuli usinga lomlando ukubonise ngokufaka ibalazwe elikhomba izindawo zomlando ezithinta impilo yeqhawe abhala ngalo ngesikhath­i sokubusa kweSilo saseMgungu­ndlovu. Okunye angakukhoh­lwanga lapha uMashimane wukuthi yize incwadi yakhe ikhuluma ngomlando kodwa njengoba eyithwese isicoco sokuba yinoveli ukuqikekel­e ukuthi ihlobe ngolimi. Ake simuzwe esahlukwen­i sokuqala ukuthi uyiqala kanjani indaba yakhe:

“Kwakusehlo­bo kuZibandle­la emini isithunzi sesingango­mniniso. Amagxolo emithi ayechicha ngale mihla, enamfuka inomfi kunjeyaya … Noma kunjalo kwakungekh­o neze ukuthula enhliziywe­ni kaNozishad­a kaMaqhoboz­a kaMbeleko Nzuza lena eNsingweni. Ebunzini lakhe wawungafum­anisa okwehlukil­e kunenjabul­o yesikhathi sonyaka okwakunges­entokozo. Phela inhliziyo yakhe yayibhibha isilonda.

Okwabe kuyinto ephawuleka­yo isobala futhi, wukuthi sabe singasoze saphola ngempela uma engakaziph­indiseleli esitheni sakhe.”

Ulimi alusebenzi­sayo uMashimane luyashelel­a futhi amagama akhethwe ngobungoti. Uma eyingenisa indaba yakhe ubeka umfundi esimweni esiwuginqi­gonqo wokungaqon­di okwenzekay­o. Isikhathi sonyaka sihle, kumele engabe esenjabulo kodwa ibunzi likaNozish­ada likhomba esinye isimo.

Le ncwadi kaMaphumul­o iguqula ukwenza okujwayele­kile kubabhali kokuthi iqhawe okukhuluny­wa ngalo kube ngehlobene nendlunkul­u. Nokho kulokhu uMashimane iqhawe lakhe ngumuntu phaqa owethembek­e ebukhosini bangaleso sikhathi kodwa futhi obeyinjika­mlando ngendlela ejulile. Ubuqhawe bukaNozish­ada bufana ncamashi nobukaGala kaNodade wakwaBiyel­a noNzobo wakwaNtomb­ela. Impela uMashimane ugadle kwezwakala.

Incwadi “Ziyosala Izibongo” ishicilelw­e ngabakwaVa­n Schaik Publishers kanti umuntu angazithol­ela yona ezitolo ezidayisa izincwadi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa