Ikhekhe likabhanana elizoyizayo
Ekukhuleni kwami, ngangingumuntu olikhonzile kakhulu iziko. Ziningi izinhlobo zokudla engangizizama ngisakhula. Kodwa ukubhaka kwakungakaze kungifikele ukuthi ngikuzame. Ngokulekelelwa ngugogo, ngangaziwa ngochwepheshe wokwenza amagwinya, nokwangiholela ekutheni ngigcine ngiwadayisa endaweni. Lakhula kakhulu “ibhizinisi” lami lamagwinya, nokwakungithokozisa kakhulu.
Ngangineminyaka elishumi nane lapho nganquma ukuthi ngizame ukubhaka. Ikhekhe likabhanana kwaba yilona khekhe lokuqala ngqa engazifundisa ukulibhaka empilweni yami. Kuyangithokozisa kakhulu ukucobelelana ngendlelakwenza yalo namhlanje. Nokho, isishintshe kakhulu indlela engilenza ngayo kuleyo engaqala ngayo. Ziningi ngokwethusayo izindlelakwenza zekhekhe likabhanana ezitholakana ku-inthanethi, nokungaholela ekudidekeni ukuthi iyona yiphi okumele uyisebenzise. Ngiyakuthembisa, emva kokuzama le esizocobelelana ngayo kulesi siqephu, angeke uphinde ufise ukuzikhathaza ngokuzama ezinye. Ngiyaziqhenya kakhulu ngale ndlelakwenza, ngiyathemba nawe uzoyithanda.
Isithako esibaluleke kunazo zonke ekhekheni ikabhanana, iwona uqobo ubhanana. Ukuze ukhiqize ikhekhe eliseqophelweni eliphezulu, kubalulekile ukusebenzisa ubhanana ovuthwe kakhulu. Ubhanana oqinile angeke ukukhiphele ikhekhe elinambithekayo. Ubonakala kanjani ubhanana olungele kusetshenziswa ekubhakeni? Kulula – ubhanana onamabala noma onamapheshi amnyama ngaphandle iwona ofanele ukusetshenziselwa ukubhaka. Buka izithombe ngezansi.
Zimbalwa izindlela zokucuba ubhanana wokubhaka. Mina ngiwucuba ngokuwugretha. Ngale ndlela uphuma usukulungele ukuhlanganiswa nezinye izithako. Abanye basebenzisa umshini wokuxuba kagesi. Nale ndlela isebenza kahle futhi. Kanti
abanye baqoka ukuwucuba ngokusebenzisa imfologo enkulu noma isipuni. Ngale ndlela, kuzodinga ukuthi uwusike ube zingcezu ezincane, uwufake epuletini noma endishini. Uzobe usuwucuba ngokuwucindezela ngesipuni noma ngemfologo.
Ezinye izithako ezibalulekile kuleli khekhe ushukela onsundu kanye neyogathi. Ushukela omhlophe angeke ukunikeze umkhiqizo ofana nalowo ozowunikwa ngonsundu. Ushukela onsundu uletha ukuthamba nobumanzana embhakweni. Kungakwethusi ukubona engathi muncane ushukela osetshenziswa kuleli khekhe. Khumbula ukuthi ubhanana uyisithako esinobushukela, ngakho uzosiza nawo kakhulu ekuletheni ukunambitheka ekhekheni lakho. Iyogathi nayo, njengoshukela onsundu, iletha ubumanzana obudingwa yikhekhe. Kubalulekile nokho ukusebenzisa iyogathi engenazithako. Izithako ezikuyogathi zingaguqula indlela ikhekhe elinambitheka ngayo. Uma ungenayo iyogathi, ungasebenzisa ukhilimu omuncu, angeke ulethe uguquko ekunambithekeni. Ezinye zezizathu zokuthanda kwami ikhekhe likabhanana ukuthi uyakwazi ukulifaka kufriza ngaphandle kokuthi lonakale nganoma iyiphi indlela. Uma uzolifriza, ungakwenza lokhu liphelele noma ulisike libe zingcezu. Landela le ndlela uma uzodinga ukulifriza ukuze ulidle ngelinye ilanga.
1. Qinisekisa ukuthi ikhekhe liphole ngokuphelele.
2. Songa ikhekhe ngoplastiki wokusonga noma ngefoyli ye-aluminiyamu.
3. Faka ikhekhe elisongiwe esitsheni esivalekayo.
4. Faka ikhekhe kufriza. Lingahlala kuze kuphele izinyanga ezine.
5. Uma usudinga ukulidla, likhiphe kufriza, ulikhiphe nasesitsheni bese ulibeka ngaphandle lize libe sesimeni sokudliwa
Ngiyakuncoma kakhulu ukulifriza selisikiwe ikhekhe ngoba lincibilika ngokushesha kunalelo elifakwe kufriza lingasikiwe.