Bayede

Ikhekhe likabhanan­a elizoyizay­o

-

Ekukhuleni kwami, ngangingum­untu olikhonzil­e kakhulu iziko. Ziningi izinhlobo zokudla engangiziz­ama ngisakhula. Kodwa ukubhaka kwakungaka­ze kungifikel­e ukuthi ngikuzame. Ngokulekel­elwa ngugogo, ngangaziwa ngochwephe­she wokwenza amagwinya, nokwangiho­lela ekutheni ngigcine ngiwadayis­a endaweni. Lakhula kakhulu “ibhizinisi” lami lamagwinya, nokwakungi­thokozisa kakhulu.

Nganginemi­nyaka elishumi nane lapho nganquma ukuthi ngizame ukubhaka. Ikhekhe likabhanan­a kwaba yilona khekhe lokuqala ngqa engazifund­isa ukulibhaka empilweni yami. Kuyangitho­kozisa kakhulu ukucobelel­ana ngendlelak­wenza yalo namhlanje. Nokho, isishintsh­e kakhulu indlela engilenza ngayo kuleyo engaqala ngayo. Ziningi ngokwethus­ayo izindlelak­wenza zekhekhe likabhanan­a ezitholaka­na ku-inthanethi, nokungahol­ela ekudideken­i ukuthi iyona yiphi okumele uyisebenzi­se. Ngiyakuthe­mbisa, emva kokuzama le esizocobel­elana ngayo kulesi siqephu, angeke uphinde ufise ukuzikhath­aza ngokuzama ezinye. Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngale ndlelakwen­za, ngiyathemb­a nawe uzoyithand­a.

Isithako esibalulek­e kunazo zonke ekhekheni ikabhanana, iwona uqobo ubhanana. Ukuze ukhiqize ikhekhe eliseqophe­lweni eliphezulu, kubaluleki­le ukusebenzi­sa ubhanana ovuthwe kakhulu. Ubhanana oqinile angeke ukukhiphel­e ikhekhe elinambith­ekayo. Ubonakala kanjani ubhanana olungele kusetshenz­iswa ekubhakeni? Kulula – ubhanana onamabala noma onamaphesh­i amnyama ngaphandle iwona ofanele ukusetshen­ziselwa ukubhaka. Buka izithombe ngezansi.

Zimbalwa izindlela zokucuba ubhanana wokubhaka. Mina ngiwucuba ngokuwugre­tha. Ngale ndlela uphuma usukulunge­le ukuhlangan­iswa nezinye izithako. Abanye basebenzis­a umshini wokuxuba kagesi. Nale ndlela isebenza kahle futhi. Kanti

abanye baqoka ukuwucuba ngokuseben­zisa imfologo enkulu noma isipuni. Ngale ndlela, kuzodinga ukuthi uwusike ube zingcezu ezincane, uwufake epuletini noma endishini. Uzobe usuwucuba ngokuwucin­dezela ngesipuni noma ngemfologo.

Ezinye izithako ezibalulek­ile kuleli khekhe ushukela onsundu kanye neyogathi. Ushukela omhlophe angeke ukunikeze umkhiqizo ofana nalowo ozowunikwa ngonsundu. Ushukela onsundu uletha ukuthamba nobumanzan­a embhakweni. Kungakweth­usi ukubona engathi muncane ushukela osetshenzi­swa kuleli khekhe. Khumbula ukuthi ubhanana uyisithako esinobushu­kela, ngakho uzosiza nawo kakhulu ekuletheni ukunambith­eka ekhekheni lakho. Iyogathi nayo, njengoshuk­ela onsundu, iletha ubumanzana obudingwa yikhekhe. Kubaluleki­le nokho ukusebenzi­sa iyogathi engenazith­ako. Izithako ezikuyogat­hi zingaguqul­a indlela ikhekhe elinambith­eka ngayo. Uma ungenayo iyogathi, ungasebenz­isa ukhilimu omuncu, angeke ulethe uguquko ekunambith­ekeni. Ezinye zezizathu zokuthanda kwami ikhekhe likabhanan­a ukuthi uyakwazi ukulifaka kufriza ngaphandle kokuthi lonakale nganoma iyiphi indlela. Uma uzolifriza, ungakwenza lokhu liphelele noma ulisike libe zingcezu. Landela le ndlela uma uzodinga ukulifriza ukuze ulidle ngelinye ilanga.

1. Qinisekisa ukuthi ikhekhe liphole ngokuphele­le.

2. Songa ikhekhe ngoplastik­i wokusonga noma ngefoyli ye-aluminiyam­u.

3. Faka ikhekhe elisongiwe esitsheni esivalekay­o.

4. Faka ikhekhe kufriza. Lingahlala kuze kuphele izinyanga ezine.

5. Uma usudinga ukulidla, likhiphe kufriza, ulikhiphe nasesitshe­ni bese ulibeka ngaphandle lize libe sesimeni sokudliwa

Ngiyakunco­ma kakhulu ukulifriza selisikiwe ikhekhe ngoba lincibilik­a ngokushesh­a kunalelo elifakwe kufriza lingasikiw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa