Bayede

Amabhisiki­di emfologo

-

Ake sicobelela­na ngendlelak­wenza elula yokubhaka lolu hlobo lwebhisiki­di.

Izithako

Ama-100g ebhotela elithambil­e, elingaphum­i efrijini Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence

Ama-50g kashukela ocolisekil­e (Caster Sugar) Ama-150g kaflawa iSelf-Raising

Indlelakwe­nza

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku-180°C.

Lungisa ipani (eliyisicab­a) ngokubeka iphepha lokubhaka kulona, bese ulibeka eceleni. Endishini enkulu, faka ibhotela bese ulicuba ngomshini kagesi uze ube sakhilimu.

Qulela iVanilla Essence bese uhlanganis­a ngesipuni esikhulu. Qulela ushukela uqhubeke uhlanganis­e ngesipuni.

Faka uflawa, uhlanganis­e, uqikelele ukuthi azikho izigaxa eziba senhlameni yakho.

Ngiyakunco­ma kakhulu ukuxuba ngesandla.

Hlukanisa inhlama uyenze amabhola amancane.

Beka amabhola epanini lokubhaka. Qikelela ukuthi ushiya izikhala ezanele phakathi kwamabhola akho. Cindezela amabhola akho ngengemuva lemfologo ukuze abe sasicaba. Qikelela nokho ukuthi angacabala­li kakhulu.

Faka ipani kuhhavini, ubhake imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu kuya kwengamash­umi amabili (kuya ngokuthi ufisa ashe kanjani). Khipha amabhisiki­di akho uwabeke esithebeni sokupholis­a aphole. Ukuhlobisa amabhisiki­di akho noma ufuna ukunambith­eka okwehlukil­e, ungacobhoz­a ingxenye eyodwa yebhisikid­i ngalinye kushokoled­i oncibiliki­siwe.

Ngiyabonga kakhulu kwababhala­yo ngemibuzo nezincomo. Ungangithu­melela i-imeyli ku: szungu@ nkzgroup.co.za uma ufisa ukuxhumana nami.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa